UNomvelo uthembisa indumezulu yezimpi zabesifazane eMgungundlovu
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
UPhromotha wesifazane osezakhele igama kumdlalo wesibhakela ngokuqhatha izimpi zeqophelo eliphezulu uNomvelo Magcaba-Shezi, uthi abantu abazohambela izimpi okuzobe kulwa abesifazane kuphela bazobhema bakholwe ngethalente abazolibona.
Lezi zimpi ezibizwa ngeThe Rise of Women in Boxing, kulindeleke ukuthi zibe ngoLwesibili ePMB City Hall, eMgungundlovu zizoqala ngehora le-17:00.
UNomvelo weMvelo Boxing Promotions lezi zimpi uzihlele nabanye ophromotha besifazane baKwaZulu-Natal okunguuNomfundo Malinga weSugarboy Boxing Promotions, uZandile Malinga weStarline Promotions noHlengiwe Sithole weHle Jobe Promotions.
“Lezi zimpi angikungabazi ukuthi kuzobe kuqhwiza umentshisi kuzona, ngoba indlela esiqhathe ngayo siqhathe abantu besifazane abanekhono eliyisimanga. Siyafisa abantu bephume ngobuningi babo, ngoba sifuna bebone ukuthi nathi singabantu besifazane siyakwazi ukwenza into ibe impumelelo akubona abesilisa kuphela abakwazi ukwenza lokho” kusho uNomvelo.
Kulindele ukuthi zibe yi-8 izimpi, impi yosuku ngekaThema “Stone Cold” Zuma ozovikela isicoco saseNingizimu Africa kwi-Junior Bantamweight kuNosiacwase “Golden Girl” Dube waseFree State.
Kwezinye izimpi ngekaMapule “Thunder” Ngubane waseMgungundlovu kodwa osezinze eGoli ozolwa noNomandithini Ndyambo waseFree State.
UNomusa ungumpetha kazwelonke kwi-Middleweight kodwa ngosuku lomqhudelwano uzobe engalivikeli leli bhande lakhe.
Enye impi ngekaNomusa Ngema waKwaMashu ozotholana phezulu noMatshidisi Mokebi waseFree State abazolwa empini ye-Featherweight. Lempi iyimpindamshaye njengoba baseke balwa bobabili kweyebhande likazwelonke kwanqoba uNomusa, lelo bhande namanje lisakuyena.
“Yize zikhona izingqinamba esibhakena nazo kumalungiselelo ethu, kodwa ngingakuqinisekisa ukuthi sisebenzisane ngendlela nophromotha ukuze izimpi zibe impumelelo” kubeka uNomvelo.
Utshele elaboHlanga ukuthi lendima yokuba uphromotha indlela eseyihambile, iyamthokozisa kakhulu njengoba ilokhu iqhubekile nokukhulu iMvelo Boxing Promotions.
Le ntokazi esencane ngonyaka wezi-2022 yakwazi ukuqhatha impi yokugcina kaMoruti “Babyface” Mthalane owayebhekene noDiomel Diocas wasePhilippines.
Nonyaka iqhathe umzala wayo uThabiso “The Rock” Mchunu owayelwa noYamil Alberto Peralta kweye-WBC Silver Cruiserweight.
Kwezinye izimpi uSeluleko Zulu uzobhekana neSamkelo Mbambo kweyeJunior Lightweight, uNonkululelo Mncube noNolwazi Mabaso kweyeFeatherweight, u-Asanda Mkhwanazi noPrecious Msibi kweyeJunior Flyweight nekaNobengazi Booth noNolwazi Vilakazi.