Now Reading
Kuzobe kukhonjwa ngophakathi kwi-UFWME yakulo nyaka
Dark Light

Kuzobe kukhonjwa ngophakathi kwi-UFWME yakulo nyaka

Umkhakha wezobuciko waziwa njengovulelekile ngenxa yokuthi ugxile kakhulu ekusebenziseni amakhono neziphiwo. Imvamisa amaciko okuyiwo asuke enamakhono ayaye aswele indlela yokuxhumana nomphakathi ukuze ezoveza umsebenzi wawo, ukuhlela imisebenzi, ukwakha igama kulo mkhakha, ukuzakhela amathuba okuziphilisa nokuqonda imibandela uma esayina izivumelwano.

Kule ngosi uSiyabonga Mtetwa welaboHlanga ube nengxoxo ekhethekile noMnu uNkocy Everson Majola onguMqondisi we-Everson Media House. Le nsizwa esasencane ingumgqugquzeli wamaciko kanti izithukuthuku zayo sezithele izithelo ezinhle kulomkhakha.

Siyabonga Mtetwa (SM): Ngiyathokoza ukuxoxa nawe Nkocy. Ake usitshele kabanzi ngeqhaza lakho emkhakheni wezobuciko.

Nkocy Majola (NM): Ngiyabonga Siya. Into engihlanganisa kakhulu nezobuciko ukuthi ngiyiciko nami. Ngiwumculi, ngibhala amaculo ngiphinde ngibe umlingisi. Ngiyathanda nokho ukuzibiza ngeciko ngoba lokho kwenza ngikwazi ukuqoqa yonke into engiyenzayo, kwazise kuningi. Okunye engikwenzayo ukuhlela imicimbi ngiphinde ngibe umgqugquzeli wamaciko.

SM: Ubukeka uwumuntu ozethembayo nonogqozi kokwenzayo kulomkhakha, ingabe yinto vele owawuyifundele lena?

NM: Ukukutshela nje iqiniso, kuzona zonke izinto engizibale ngenhla, akukho okusondele kulokhu engakuyela eNyuvesi. Ngathi uma ngiqeda umatikuletsheni ngagxila emkhakheni weSayensi. Ngineziqu ze-BSc (Hons) Applied Chemistry engazithola e-UKZN futhi ngisebenza ngokugcwele njengososayensi ekuhlolweni kwamakhambi (pharmaceuticals).

SM: Ngaphandle komsebenzi owawufundela, yini enye ogxile kuyo okwamanje?

NM: Kunengoma engiyiphekayo nengihlose ukuyikhipha maduzane kungakapheli unyaka. Sengiqalile futhi nangamalungiselelo e-Ugu Fashion, Wine and Music Experience (UFWME) yakulo nyaka.

SM: Ake unabe kabanzi ngendlela owangena ngayo kwezobuciko?

NM: Ngiqale kwezobuciko ngineminyaka eli-14 ngesikhathi ngiba yingxenye yesikhungo seshashalazi esibizwa nge-Emuhle All Artists nesisePort Sheptone nokuyilapho engizalelwe khona. Lesi sikhungo sangikhulisa kakhulu njengeciko, ukwakha nesibindi sokusebenzisa amakhono ami. Ngowezi-2016 ngathola ithuba lokubhalela elinye lamaqembu ahlonishwayo kuleli emculweni wokholo elaziwa ngeTswane Gospel Choir.

Onyakeni olandelayo ngabona sekuyisikhathi sokungena emkhakheni wamabhizinisi, nokuyilapho i-UFWME yasungulwa khona. Ngowezi-2018 ngaqala ngasebenzisana namaciko ahlukahlukene aziwayo namanye abesafuna ukungena kwezobuciko. Kuthe ngowezi-2022 ngakhipha ingoma yami yokuqala ngqa ebizwa nge ‘Izinyane Lembube’ neyathakaselwa kakhulu abalandeli nokunginikeze ugqozu lokwenza lena engiphezu kwayo manje.

SM: I-UFWME iwumcimbi owuhlela njalo ngonyaka. Ake usixoxele kabanzi ngayo neqhaza layo kwezomnotho nasemkhakheni nje wezobuciko.

NM: Umbono wayo uqalwe ukuthi ngiyazithanda izinto ezinhle nempilo nje esezingeni elingcono. Ngiyakholelwa kakhulu ekutheni lempilo isifanele sonke futhi singakwazi ukuyiphila. Umkhakha wezobuciko iwona engawubona ungakwazi ukungisiza ekuphileni lempilo yobukhazikhazi sikanye nontanga nabanye abathandi bomculo, ingqephu newayini singalindi size sihole impesheni kuyikhani siqala ukuthokozela impilo.

Nokho kuthe uma sengiqalile ukuhlela lo mcimbi kwacaca ukuthi mkhulu kakhulu umsebenzi, ngingedwa angeke ngilunge. Nokuyilapho-ke engabe sengiqala ngenza ubudlelwano nabanye abantu, izinkampani nezinhlangano ebezinombono ofanayo wokufukula intsha namaciko endaweni yangakithi. Bengifuna ukwenza indawo amaciko angakwazi ukukhula kuyo, aveze amakhono awo, isondeze amathuba abekade eqhelile iphinde ifundise ngoba ulwazi luyakhulisana.

Kule minyaka edlule sesisebenzisane nabasiki bengqephu abehlukahlukene, abaculi, amamodeli, izinkampani zomantshingelana, abenza imihlobiso, nosomabhizinisi abasebancane bendawo abakwazi ukuthengisa ngemisebenzi yabo emicimbini yethu nabanye abaningi. I-UFWME yenziwa kanye ngonyaka kepha umsebenzi wokufundisa nokulekelela amaciko siwenza unyaka wonke wandulele indumezulu yomcimbi oba ngoZibandlela nohanjelwa osaziwayo emkhakheni eyahlukene kuleli, ozakwethu esisebenza nabo nabathandi nje bobumnandi.

Kuthe uma sihlaselwa ukhuvethe sanquma ukushintsha ikhaya layo sayiyisa phakathi edolobheni iTheku, nokwaba isinqumo esasibaluleke kakhulu emlandweni we-UFWME kwazise umongo bekuwukuthuthukisa amaciko – nokuletha impilo engcono.

See Also

Emasontweni ambalwa kusuka manje sizobe sethula i-theme yakulo nyaka. Kungijabulisa kakhulu lokhu ngoba ngiyazi abalandeli balomcimbi sebeyilindele ngabomvu.

SM: Ukhuvethe lulethe olukhulu ushintsho endleleni amabhizinisi asebenza ngayo. Baningi abazithole bebuyela ephepheni ukuyobuyekeza izimiso zabo nezamabhizinisi abo. Ngaphandle kokususa i-UFWME ePort Shepstone uyilethe enkabeni yedolobha, yikuphi okunye ohlele ukukwenza ngayo?

NM: Ukwakha ubudlelwano obuqinile nababambiqhaza abazolekelela ukusimamisa amakhono, umnotho nokuzimela kwamaciko. Lona akusiwo nje umcimbi, kepha ikhaya lamaciko. Izinhlangano ezinentshisekelo yokusiza umphakathi yizona engihlose ukusebenzisana nazo kakhulu ngoba ziba nombono wekusasa, ekutheni eminyakeni eli-10 ezayo la maciko azobe ekuphi nomphakathi asuka kuwo uzothinteka kanjani. Sihlose nokwakha ubudlelwano neziteshi zomsakazo ngoba nazo ziyikhaya lawo amaciko.

SM: Sesiphetha, uthini umyalezo wakho entsheni esafuna ukungena kwezobuciko, naleyo esiphakathi?

NM: Ngifuna bashintshe indlela abazibuka ngayo. Abazihloniphe, bahloniphe umsebenzi wabo kanye nomkhakha abakuwo ngoba akusiniswa amahleza lapha. Imali ayizizeli kuwe, kepha idonswa izithukuthuku zakho. Mabangayeki ukuzikhulisa kwabakwenzayo, bangajahi kakhulu imihlomulo kepha bagxile nje ekuthuthukiseni ikhono labo. Izakhamuzi zaseMzansi ziyasekana kakhulu uma zikubona ukuthi awupheli moya. Kodwa lokho akusho ukuthi bagxile embonweni yabanye abantu.

Labo abanesifiso sokusebenzisana nathi bangasibheka ezinkundleni zokuxhumana ku: Everson Media House.

SM: Siyathokoza ukuxoxa nawe Everson, sikufisela okuhle kokwenzayo.

NM: Kubonga mina Siya.

Scroll To Top