Now Reading
Konke kumi ngomumo ngomjaho oqanjwe ngoseke waba ingqwele yeComrades Marathon
Dark Light

Konke kumi ngomumo ngomjaho oqanjwe ngoseke waba ingqwele yeComrades Marathon

UBongumusa Mthembu ozakhele igama ngokunqoba iComrades Marathon amahlandla amathathu, uveze ukuthi konke sekumi ngomumo ngomjaho waminyaka yonke oqanjwe ngegama lakhe iBongumusa Mthembu Training Marathon.

Lo mjaho owasungulwa ngonyaka wezi-2015 ungeminye ebalulekile kubasubathi kakhulukazi baKwaZulu-Natal, ngoba bazilungiselela ngawo imijaho emide abazoyigijima ngasekuqaleni konyaka ingakho ibanga lawo lingama-60km.

Nonyaka uzosukela e-Inzinga Stadium, eMpendle uphelele eBhambatha Stadium, eBulwer uzoqala libumbene ihora lesihlanu ekuseni ngeSonto.

“Konke sekumi ngonina ngikhuluma nje kuyimanje siqedela izinto ezincane, ngingasho ngithi noma kuthiwa umjaho ukusasa kungagijinywa. Kodwa ngingasho ngithi abasubathi basangaqhubeka bengenele ukuba yingxenye yalo mjaho olima indima enkulu kubasubathi bezinga elide, ngoba bazilungiselela ngawo” kusho uMthembu.

Lo mjaho unabo abasubathi asebezakhele igama osubakhiqizile okubalwa uThamisanqa Mthembu noLindelani Mjwara okwathi ngonyaka wezi-2019 wamenywa uqweqwe lomqeqeshi uProdical Khumalo.

Nonyaka uMjwara ubeqala ukugijima iComrades Marathon waqeda ngesikhathi esiwu-6:03:56, amalungiselelo wayewaqale kuyona iBongumusa Mthembu Training Marathon.

See Also

“Nonyaka lo mjaho uzoqeda iminyaka eli-11 wasungulwa ngathi iphupho ukuthi usakhona futhi unyuka unyaka nonyaka. Ngesikhathi nguqala kwaba nakho ukwesaba kodwa wathi uma wenzeka angibange ngisabheka emumva, ukwazile ukuba ube khona ngisho ngezikhathi ezinzima zeCovid 19. Kuyangithokozisa ukuthi awusaginjinywa abantu baKwaZulu-Natal kuphela kodwa nabakwezinye izindawo, kanti nabebala elimhlophe sebeyawungenelela” kusho uMthembu.

Ubalule ukuthi kungenzeka kubonakale uGift Kelehe owaba ngumpetha weComrades Marathon ngonyaka wezi-2015. Kulindeleke ukuthi kube nabasubathi abangama-200 kuya kwabangama-300.

Scroll To Top