Now Reading
Inkantolo yamanani amancane ingakulamulela ugweme ulaka
Dark Light

Inkantolo yamanani amancane ingakulamulela ugweme ulaka

Sekukaningi kubikwa emithonjeni yabezindaba ngezigameko zokulimazana nokubulalana kwabantu kubangwa imali noma impahla okuze kufike kulesi simo ngenxa yokungaxazululeki kwalo mbango.

Ikhona indlela engabizi imali yokuxazulula imibango emincane okuyiSmall Claims Court.

Le nkantolo ihlinzeka ngendlela elula nesheshayo yokuxazulula imibango ehlanganisa imali efinyelela ezi-R20 000.

Ukuya kule nkantolo akudingi ukuthi ofaka icala abe nommeli.

Imali okungafakwa icala ngofuna ukukhokhelwa akufanele ibe ngaphezulu kwezi-R20 000. Le mali ihlonzwa uNgqongqoshe Wezobulingiswa Nokuthuthukiswa KoMthethosisekelo ngokushintsha kwezikhathi.

Isibonelo samacala enkokhelo angena kule nkantolo kungaba yisikweletu sefenisha, imali yerenti, inkokhelo yengozi yemoto lapho kunobufakazi bokuthi omunye umshayeli ubesephutheni, uma unebhizinisi elibolekisa ngemali umuntu okweletayo engasayikhokhi imali okuvunyelwane ngayo. Amacala angangeni kule nkantolo aphikisana nomyalelo wenkantolo, angaphezulu kwezi-R20 000, abhekiswe kuHulumeni, umasipala noma uHulumeni Wendawo, awesahlukaniso somshado nathinta incwadi yamafa.

Okubalulekile kofaka icala lenkokhelo ukuba aqinisekise ukuthi umuntu afuna kuyena imali uzokwazi ukukhokha uma inkantolo imvuna. Kuyize leze ukufaka isicelo sokukhokhelwa umuntu ongasebenzi futhi ongenayo nempahla.

Kusemqoka nokuthi ofaka icala axhumane nabanga naye ngokuthi ambhalele noma ngocingo afune inkokhelo yakhe. Incwadi yenkokhelo ingahanjiswa nangeposi.

Uma lokhu kwehluleka okweletayo engakhokhi esikhathini esiyizinsuku ezili-14, okweletwayo angaya kumabhalane weSmall Claims Court nekhophi yencwadi ayeyibhalele okweletayo, isivumelwano phakathi kokweletwayo nokweletayo esiqinisekisa ummangali akhala ngakho, isiliphu seposi noma amaphepha awubufakazi bokuthi ummangalelwa wayithola incwadi neminingwano ehlanganisa nezinombolo zokuxhumana nommangalelwa.

Ukusuka lapha uMabhalane Wenkantolo uzolungisa amasamanisi azobizela ummangalelwa enkantolo ngosuku olubekiwe. Amasamanisi ahanjiswa kummangalelwa ngummangali noma isikhonzi senkantolo. Kubalulekile ukuthi ummangali aqinisekise ukuthi akalukhohlwa usuku lwecala. 

Ngelanga lokuthethwa kwecala ummangali kumele afike nobufakazi bokuthi amasamanisi ahanjiswa kummangalelwa. Kule nkantolo akuqhutshwa ngendlela okwenzeka ngayo kwezinye, ummangali kumele abeke udaba lwakhe aphinde aphendule imibuzo ayibuzwa uKhomishana wenkantolo. 

Uma inkantolo ivuna ummangali, ummangalelwa kufanele akhokhe ngokushesha bese enikwa irisidi. Uma engakwazi ukukhokha inkantolo izophenya isimo sakhe sezimali bese iphakamisa uhlelo lokukhokha.

Uma olahlwe yicala ehluleka ukukhokha ngokwesivumelwano, udaba lube seludluliselwa eNkantolo kaMantshi.

Imininingwano kamabhalane weSmall Claims Court okuyikheli nenombolo yocingo iyatholakala emahhovisi eziNkantolo zikaMantshi.

Ukusungulwa kweSmall Claims Court

Imizamo yokusungula iSmall Claims Court yaqala ekuqaleni kweminyaka ye-1980. Kwabe sekusungulwa iKhomishini kaHoexter eyayizobheka uhlaka nokusebenza kwezinkatolo eNingizimu Afrika. Le Khomishini yabe seyethula umbiko ngowe-1982 owaveza ukuthi iNingizimu Afrika yayinesidingo esikhulu senkantolo eyakhelwe ukubhekana namacala ombango amancane ngendlela engambi eqolo nengahlelekile ngokwezinga lezinye izinkantolo. Ikhomishini yankankanya ukuthi indlela okwenziwa ngayo kule nkantolo ifane naleyo yokuxazulula ehlalelwa umuntu othile ozokwaziwa ngokuthi uKhomishana ozoqondisa konke okwenzekayo ecaleni.

Kwaphakanyiswa ukuthi uKhomishana anikwe amandla okuqoka noma iyiphi indlela abona ukuthi ivumelana nezinhlangothi ezibangayo futhi ezozinika ithuba elilinganayo nelingenzeleli ezokwenza ukuthi baveze ilaka labo esimweni lapho imithetho yobufakazi ithanjisiwe.

Ngalokhu-ke umthetho iSmall Claims Court Act we-1984 waphasiswa. 

Ngowezi-2003 uMnyango Wezobulungiswa Nokuthuthukiswa Komthethosisekelo, iCape Law Society neSwiss Agency for Development and Co-operation baba nengqungquthela eCape Town lapho abathintekayo bamenywa ukuba bayocubungula lezi zinkantolo.

Nakuba kwakunokuvumelana ezithunyweni ezazihambele le ngqungquthela ukuthi lezi zinkantolo zigcinwe, kodwa izithunywa zaba nomuzwa wokuthi lezi zinkantolo azisebenzi ngokwezinga elifanele.

See Also

Zahlonza izinto eziningi ezingahambi kahle ezabe sezibhekwa.

Uhlelo lokusebenza lukazwelonke olwavunywa engqungqutheleni yangowezi-2003 lwahlonza izinto ezibalulekile oguqukweni:

  Ukuchitshiyelwa kweSmall Claims Courts Act ukuze ihambisane noMthethosisekelo wezwe wangowe-1996 neminye imithetho ethinta ukusebenza kwalezi zinkantolo.

  Ukuqeqeshwa ngendlela koKhomishana nezisebenzi zenkantolo.

  Ukwakhiwa komqingo oqukethe indlela yokuqeqeshwa koKhomishana nezisebenzi zenkantolo.

  Ukwakhiwa kweqhingasu lokufundisa nokuxhumana nomphakathi.

  Ukubekwa kwalezi zinkantolo ezindaweni zasemakhaya nezisezindaweni ezicishe zibe ngamadolobha uma kunesidingo sale nkantolo.

  Ukuqokwa kwekomiti likazwelonke elizohlanganisa futhi lilawule ukuhlelwa kabusha kwalezi zinkantolo. Leli komiti lasungulwa ngaphansi kweSekela likaNgqongqoshe Wezobulungiswa Nokuthuthukiswa KoMthethosisekelo elalibheke lokhu okubalwe ngenhla njengengxenye yosizo lwemali namaqhinga olwaluvelwa kuSwiss Agency for Development and Co-operation.

Leli komiti ikakhulukazi lalibheka ukuqeqeshwa yingakho indlela yokusebenza kwamaKhomishana nezisebenzi zeSmall Claims Court yasungulwa.

Ukusiza abantu abaningi, umkhawulo wemali okungahlalelwa icala layo kule nkantolo wenyuswa usuka ezi-R15 000 waya ezi-R20 000 kusukela lulunye kuMbasa ngowezi-2019.

Scroll To Top