Now Reading
Izikole zivaliwe: Abazali nabantwana bangalisebenzisa kanjani ikhefu lamaholide
Dark Light

Izikole zivaliwe: Abazali nabantwana bangalisebenzisa kanjani ikhefu lamaholide

NgoLwesihlanu olwedlule, izikole eziningi zaseNingizimu Afrika zivale iminyango, zavula ikhefu lamaholide abantwana abese belilindele ngabomvu. Njengoba amasonto esikhathi sokuphumula eseqalile kubantwana, abazali abaningi bayazibuza ukuthi bangazigcina kanjani izingane zabo zijabule kwazise iningi labazali alikakavali emisebenzini. Nalabo asebephumule, abazimisele ukubhekana nezingqinamba zokugada otakalani, ikakhulu njengoba izingane zizobe zivakashile nje.

Yize ziningi  izinkundla zokuxhumana nemidlalo yobuchwepheshe abantwana abayithokozelayo, kubalulekile ukulinganisa iziphazamiso zedijithali nezinto ezenzeka emhlabeni wangempela. Njengoba abantwana abaningi sebenomakhalekhukhwini, laba abangenabo bangagcina bezithola beshiywe ngaphandle ngalesi sikhathi.

USolwazi wokusebenza kwengqondo yezingane odumile uDkt. Dan Siegel weluleka ngokuthi, “Ukudlala okungahleliwe kubalulekile ekukhuleni kwengane. Kuyivumela ukuba ihlole ubuhlakani bayo, amakhono okuxazulula izinkinga, nomcabango.”

UNksz uSinovuyo Arosi,oyiSazi Sezengqondo Zezemfundo, ugcizelela ukubaluleka kokusondelana komndeni ngesikhathi sekhefu. Kweminye yemibhalo yakhe eshicilelwe kusizindalwembu ukusiza abazali nabantwana, unikeza amasu okubalwa kuwo:

  • Ukuqinisa izibopho zomndeni: Imisebenzi eyabiwe idala amathuba okuxhumana.
  • Ukuthuthukisa ukuhlakanipha okungokomzwelo: Isikhathi sommndeni singasiza izingane zithuthukise imizwa, ukuqonda, namakhono okusebenzisana nabanye.
  • Ukudala izinkumbulo ezihlala njalo: Okuhlangenwe ngakho okuhle ngesikhathi sekhefu kungathakazelelwa iminyaka eminingi ezayo.

Nazi ezinye izinto ezingathokozelwa abantwana ngalesi sikhathi:

Izigigaba Zangaphandle

  • Ukuthokozela Imvelo: Abantwana bangavakashela amapaki endawo, izindlela zokuhamba izintaba, noma izingadi zezitshalo.
  • Amaphikhinikhi Omndeni: Ungapakisha ubhasikidi bese ubayisa epaki eliseduze noma ogwini.
  • I-Camping Getaways: Ungagxumeka itende elincane egcekeni bese besebenzisa ingqondo yabo ukusabalala nezwe.

Ubuciko

  • Ubuciko Nemisebenzi Yezandla: ungakhuthaza ikhono lengane yakho ngokudweba noma ukubaza.
  • Ukuxoxa Indaba: Khuthaza ukubhala noma ukulingisa izindaba.
  • Ukupheka Nokubhaka: Ninglahanganisa izibiliboco ezimnandi ndawonye.

Ukuzijabulisa Kwezemfundo

See Also

  • Ukufunda ku-inthanethi: Hlola amawebhusayithi/izizindalwembu zezemfundo nezinhlelo zokusebenza.
  • Imidlalo Yebhodi Nezindida: Lola izingqondo futhi uqinise ukusebenzisana komndeni.
  • Izivivinyo Zesayensi: Yenza izivivinyo ezilula ekhaya.
  • Ukufunda Ulimi: Zitholele izilimi ezintsha ngezinhlelo zokusebenza ezisebenzisanayo.

Ukuhlanganyela Komphakathi

  • Umsebenzi Wokuzithandela: Abantwana bangaba yingxenye yokubuyisela emphakathini njengokuqoqa udoti nezinye izinhlelo ezikhona endaweni.
  • Joyina Amakilabhu Endawo: Ezemidlalo, ezobuciko, noma amakilabhu ezemfundo.
  • Ukuya Emicimbini Yasendaweni: Imikhosi, imibukiso, nemicimbi yamasiko.

Khumbula, ukhiye wesikhathi samaholide ayimpumelelo isekubeni nesikalo. Khuthaza inhlanganisela yemisebenzi yokugcina ingqondo nomzimba wengane yakho isebenza. Ngokuhlela kusenesikhathi esanele nokuba nezinto ezihlukahlukene abantwana abangazenza, ungaqinisekisa ukuthi ikhefu lengane yakho liyajabulisa futhi liyanelisa.

Olunye ulwazi lucaphunwe emibhalweni yabeluleki bezengqondo yabantwana.

Scroll To Top