Yize eseyiqaqa usaqhubeka nokufosha umfo kaMadikizela
Eminyakeni emihlanu edlule iDemocratic Alliance ibihambela phezulu ngokuba neningi labaholi boHlanga okwabe kuyinto eyayiyenza ibe nguzibuthe kulabo ababethi sebekhathele izethembiso zeqembu elibusayo i-African National Congress (ANC). IDA ibingagcini nje ngokugadla ngaboHlanga kuzwelonke kuphela, kepha nasezifundazweni ibifolosa ngabo.
KwaZulu-Natal ibigabe ngoMnu uZwakele Mncwango, e-Eastern Cape igadla ngoMnu uMasizole Mqasela, kanti eWestern Cape kukhona uMnu uBonginkosi Madikizela. Umholi waleli qembu ngaleso sikhathi uMnu uMmusi Maimane ubekwenza lokhu ngokuqonda isimo sezwe nokwazi ukuthi kulezi zindawo baningi aboHlanga abangabazuza abaxebuka kuKhongolose nakwamanye amaqembu.
Sekungumlando ukuthi aboHlanga baphuma belakanyana kuleli qembu cishe kuzona zonke izifundazwe. Ukuqala kokwehla ngohologo kwavela ngoNks uLindiwe Mazibuko owayeyisishoshovu ePhalamende okwavela ukuthi uyoqhuba izifundo zakhe phesheya kwezilwandle. Emuva kwalokho kwalandela iningi lamalungu, cishe wonke ayebeka izizathu ezifanayo zokuhlaliswa ngesinqe esisodwa, nokungathenjwa ekuthatheni izinqumo ezinqala ngenxa yebala.
Kubaholi abasazindele kubona kukhona uMnu uMadikizela eWestern Cape. Yize isibe miningana imizamo yokumnyakazisa kepha ubonakala engavumi ukudlula nezivunguvungu. Ungena kudemocratic nje akumusha kwezepolitiki ngoba wake waba yilungu likaKhongolose, okuthe ngokungaboni ngasolinye wathuthela ku-United Democratic Movement kaJenene uBantu Holomisa wagcina ephelele kuDA. Lo sopolitiki odabuka eMbizana usesinde kaningi ubuholi obuphezu beqembu buzama ukumgudluza aphume ngembobo yenaliti.
Kuke kwavela imibiko yokuthi kuCV yakhe wabhala ukuthi uneziqu ayengenazo okwaphoqa ukuthi iqembu limkhulule kuzona zonke izikhundla eminyakeni emibili edlule. Walahlekelwa isikhundla sokuba nguMphathiswa Wezokuthutha Ngaphandle kwalokho uke wasolwa ngokuzifela ngabesifazane eyamaniswa nezinsolo zokuzama ukuzithathela isinene kungazange kuvunyelwane, nakulokho waphunyuka. Yize esephenduke iqaqa ebuholi obuphezulu beqembu, kepha uNdunankulu waseWestern Cape uMnu u-Allan Winde kubonakala kunguye osamfukamele.
Emuva kokuphoqwa ukuba esule ezikhundleni ngenxa yamanga ngeziqu zakhe, uWinde umthathile wamenza umeluleki wakhe omqoka, okuyisikhundla esihamba nezigidi zemali.
Ukubuya isibili
Isinqumo sakhe sokungenela ukhetho likaSihlalo weDemocratic Alliance eWestern Cape sahunyushwa ngabaningi njengemizamo yokuzibonakalisa ebuholini beqembu ngokuthi usekhona futhi usengalisiza iqembu okhethweni lwangonyaka ozayo. Kulabo abakholelwa ebuholini bakhe ikakhulukazi aboHlanga kulesiya sifundazwe ukungenela kwakhe ukhetho kwakuzobanika ithuba lokubuyekeza ubulungu babo, nokusondela kumuntu oseke wasihola phambilini isifundazwe oziqonda kahle nezinselelo zaboHlanga ngaphakathi eqenjini.
Ememezela isinqumo sokungenela ukhetho eWesten Cape wathi ufinyelele kuso emva kokunxenxwa ngamalungu amaningi aleli qembu ukuba abuyele ekuholeni isifundazwe. “Ngizizwa ngikhethekile futhi ngibona kukuningi okuhle okuzolandela okhethweni lowe-2024. Ngifuna ukuba yingxenye yalowo mlando. Ucwaningo luveza ukuthi alikho iqembu elizophumelela ngamalengiso, ngakho sidinga abaholi abazoqonda ukuthi yini edingwa ngabantu emazingeni aphansi.
Lesi isikhathi sokwakha ukwethemeka sisungule izinhlaka eziqinile ezizosixhumanisa nabantu bakuleli lizwe emazingeni ahlukene,” kusho uMadikizela owagcina evumile ukuthi wahubhuza amanga ngokuthi uneqhuzi leBcomm, ethi wazenza lezifundo wangaziphothula, futhi esicelweni sakhe somsebenzi kwakungeyona into eyayimqoka ngoba kwabe kungumsebenzi wezepolitiki.
Umfo kaMadikizela kulokhu kubonakala ekwenze konke emizamweni yokubuyela emandleni kodwa kwaphika izibalo engqungqutheleni yokukhetha ubuholi ngempelasonto edlule. Ubencintisana nonguSihlalo esifundazweni uMnu uTertius Simmers.
Ngaphambi kwengqungquthela uSimmers ubengathi vu kodwa umoya ububonakala ukuthi uvunguza ubheke ngakuphi. Le ngqungquthela ibibhekwe ngabomvu ubuholi beqembu ngoba izibalo zikhombisa ukuthi ukwesekwa kwalo eWestern Cape kuya ngokehla.
Ukuzalwa kweGOOD eholwa uNks Patricia De Lille, iPatriotic Alliance kaMnu uGayton McKenzie, ukufika kwe-Action SA kaMnu uHerman Mashana nokungenisa kwe-Economic Freedom Fighters (EFF) ezindaweni zaboHlanga ngokunye okunomthelela ekuhlehlelweni zikhuni kwaleli qembu kulesiya sifundazwe. Okwethweni lukazwelonke ngowe-2019 kulesiya sifundazwe iDA yathola amavoti angama-55.45% isuka kuma-59.38% ngowe-2014.
Yize i-ANC isalokhu iyiqembu eliphikisayo esiShayamthetho saseWestern Cape kusukela yathatha izintambo ngowe-2009, ukwesekwa kwayo okhethweni kwehle kwafinyelela kuma-28.63% ngowe-2019 uma kuqhathaniswa nama-32.89% ngowe-2014. Indikimba yengqungquthela yesifundazwe yeDA ibithi “The Western Cape Works” kodwa kubonakala ingamsebenzelanga uMadikizla osekungumlando ukuthi ukhale ngaphansi kuSimmers obesekwa nguNkk uHelen Zille.
Umlando namagalelo kaMadikizela ekuholeni isifundazwe amahlandla amabili kusuka ngowe-2017 waphinde waqokwa ngowe-2020, akubanga namphumela omsizile ngoba imbangi yakhe izidlele kalula amahlanga.
Uhlangothi lukaSimmers beluqine kakhulu futhi lubophele izethenjwa zeDA njengoJP Smith osezakhele igama. Emuva kokunqoba ukhetho uSimmers kube yilapho eqale ukuzwakala khona ephefumula kokunye uthe, “Ezinyangeni ezingama-22 ezedlule ngaphansi kobuholi bakhe besikhashana, leli qembu libeke amasu ayisisekelo ukuze liqinisekise ukuziza nokukhula okhethweni lwangowezi-2024. Umbono wami ngeDA Western Cape uqukethwe kumqulu wezethemiso zokhetho,” kuchaza yena.
Ukukhala ngaphansi kukaMadikizela kukhona abakuhumusha njengokushayeka kakhulu ngoba cishe lena bese kuyimizamo yakhe yokugcina yokuzibonakalisa njengowehlukile emuva kwezivuvaba adlule kuzo.