Now Reading
Ubuhlakani bukaRenard bunqobise iSaudi Arabia
Dark Light

Ubuhlakani bukaRenard bunqobise iSaudi Arabia

UHerve Jean-Marie Roger Renard ulokhu eqhubekile nokutshengisa umhlaba ukuthi ungumqeqeshi weqophelo eliphezulu.

Lo mqeqeshi wase-Alx Les, eFrance uholele iSaudi Arabia ekutheni imangaze umhlaba ngokuthi ihlule i-Argentina kowokuvula kwiNdebe YoMhlaba eseQatar. I-Argentina ize kulo mdlalo ithwele ngeqoma ukuthi izoziphuzela isobho kodwa ubuhlakani bukaRenard basebenza kakhulukazi ngesiwombe sesibili.

Ukaputeni we-Argentina uLionel Messi uyena obebhekiwe ukuthi enze imilingo adume ngayo, ugcine ngokubhakuzisa eshaya iphenathi umdlalo wonke izitobha zeSaudi Arabia zibe sezihlala kuyena. Lo mdlalo ugcine uphele ngamabili kwelilodwa.

I-Argentina ikwazile ukushaya amagoli amathathu kodwa iVideo Assistant Referres (VAR) yawaphika amagoli. Ubuhlakani bukaRenard (Indoda yehembe elimhlophe), bekuwukuthi abadlali bakhe bonke bama emva kwebhola umalingekho ngakubona lokho bekwenza kubelula ukwenza abadlali be-Argentina bebe-Offside. 

URenard unqoba lo mdlalo nje lapha ezwenikazi i-Africa wazishiyela umlando eba ngumqeqeshi wokuqala ukunqoba iNdebe ye-African Cup of Nations (Afcon) namazwe amabili ahlukene. Wakwenza lokho ngonyaka wezi-2012 neZambia wakuphinda ngonyaka wezi-2015 ne-Ivory Coast. Ngonyaka wezi-2018 wayisa iMorocco kweyomhlaba okokuqala emva kweminyaka engama-20. 

See Also

Lokhi okwenzeke kwi-Argentina ukuthi ihlulwe emdlalweni wokuqala kwenzeka ngonyaka we-1990 lapho yehlulwa khona iCameroon. Ukuhlulwa kwayo kokwokuqala akuyithenanga amandla njengoba yagcina ikwazile ukufika kowamanqamu, nalapho yafike yehlulwa iWest Germany. 

Kolandelayo i-Argentina izobhekana neMexico, kuthi iSaudi Arabia yona itholane nePoland.

Scroll To Top