‘Sengikucijele ukumela izwe kumaCommonwealth Games



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Unephupho lokuziqalela isitebela sakhe sokuqeqesha osomankomane, usomankomane osemncane uMenzi “Mayweather” Hlongwa.
UHlongwa uphimise la mazwi ngesikhathi enengxoxo ekhethekile nelaboHlanga. “Isifiso sami esikhulu kunazo zonke ukuthi uma kuthiwa sengithatha umhlalaphansi kulo mdlalo, bese ngiqala isitebela sami. Lo mdlalo ngiwuthanda kakhulu, impela leli iphupho lami lansuku zaphuma” kusho uHlongwa.
Uneminyaka yobudala engama-20, ngokuhlala useHammersdale. Uveze ukuthi uqale ukuzibandakanya nalo mdlalo eneminyaka eli-13, waqala ukuziqeqesha nenkulisa yangakubo iHammersdale Boxing Academy kaThamsanqa Phiri. Kanti ekuhambeni kwesikhathi wabe esejoyina iRevolution Fitness, lapho aqeqeshwa khona uMlungisi Kubheka.
Ungomunye wabadlali abanyelwe inyoni esandleni nokuthi akwazi ukuziqeqesha nesikhungo sokuziqeqesha esiphezulu, i-Elite Athlete Development (EAD), eseMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Lesi sikhungo sinayo yonke imishini yesimanje esiza abadlali bayo yonke iminxa yezemidlalo ukuthi babe sezingeni.
Ngokwezemfundo uqale isikole uBhedu J.P School, Ingede S.P School waqeda amabanga aphezulu eChief Luthayi High School.
“Okuyikho okwangenza ngaba nothando kulo mdlalo ingoba ngangifuna ukukwazi ukuzivikela, ngizinqobele mina izimpi zami. Lo mdlalo ngiyawuthanda kakhulu, ngiyakholelwa ukuthi uhlanganisa abantu. Isikhathi sami esiningi ngisichitha ngisejimini ngiziqeqesha. Lo mdlalo ungisize kakhulu ukuthi ngikwazi ukuhlangana nabantu abaningi abangikhathalele, nabakholelwa kumina” usho kanje.
Ebuzwa ukuthi kungani eteketiswa ngelikaMayweather uthe: “Ingoba ngiyazifela ngoFloyd Mayweather, uyena engibukela kuyena uyangikhuthaza kakhulu. Indlela alwa ngayo iyangibusisa kakhulu, ungumpetha womhlaba ongakaze ahlulwe nami iyona into engiyifunayo leyo yokuthi ngingayazi induku ekubeni ngiphethe ibhande”.
UMayweather odabuka e-USA uselwe izimpi ezingama-50 engahlulwa ngendaba.
UHlongwa irekhodi lakhe lihle kakhulu ezimpini zama-amesha asezilwile zingama-89 ezingama-45 uzinqobe ngomngqimuzo womlalisaphansi, ezingama-39 wazinqoba ekugcineni induku uyithole kwezinhlanu.
Uthe kulo nyaka uzimisele ukuthi amele iNingizimu Afrika emqhudelwaneni omkhulu owaziwa ngokuthi yiCommonwealth Games ozokuba ngoNtulikazi kuya kuNcwaba, azobanjelwa eBirmingham, e-England.
“Angingabazi ukuthi ngizoya nakanjani e-England kumaCommonwealth Games, okwenza ngisho njalo ingoba ngiziqeqesha kanzima nsuku zaphuma. Ngiyazi kusamele ngiqale ngenze kahle lapha eNingizimu Afrika ngenyanga ezayo kodwa mina ngizibona ngoNtulikazi ngise-England” usho kanje.
Ngenyanga ezayo mhla zili-15 kuya mhla zingama-20 kuzobe kuhlolwa osomankomane abazokwazi ukumela iNingizimu Afrika.
UHlongwa uthe kulo nyaka uyafisa ukuthola uphromotha ozokwenza ukuthi akwazi ukungena esibhakeleni esikhokhelwayo.
Ngonyaka wezi-2017 kuya kowezi-2019 wanqoba indondo yegolide kumqhudelwano waminyaka yonke obizwa amaSALGA Games ngaphasni kweqembu i-Ethekwini. Useke wanqoba izindondo zegolide koweKZN Elite Champions izikhathi eziningi.
Nyakenye koweSANABO Elite Championship eMnambithi unqobe indondo yegolide, KZN Elite & Youth Championship eLadysmith wenza okufanayo waphinde futhi kulo mqhudelwano eThekwini wabuya namagolide amabili.
KoweSANABO Elite Championship eCape Town emele iKwaZulu-Natal uhlulwe kowamanqamu nalapho abuye khona nesiliva.
UHlongwa uthe ufisela usomankomane wakuleli uThabiso “The Rock” Mchunu izilokotho ezinhle zodwa, wathi uyamethemba ukuthi nakanjani uzobuya nalo ibhande. UMchunu uzobe ebanga ibhande leWBC no-Ilungu Junior Makabu waseDRC. Le mpi izokuba ngeSonto izobanjelwa ePackard Music Hall, Ohio.