Amagama anohlalwana kaTrump achaphazele izintatheli


Sekuqubuke inkombankombane ngeCoronavirus phakathi kwe-USA neChina ngesikhathi amazwe omhlaba ezama ukunqanda ukubhebhetheka kwalesi sifo. UMengameli wase-USA, uDonald Trump, uthukuthelise iBeijing emva kokubiza isifo esisha sofuba iCoronavirus nge”Chinese Virus” enkundleni yokuxhumana uTwitter ngoMsombuluko. Lesi sifo seCoronavirus saqubuka edolobheni iWuhan enkabeni yeChina ngoZibandlela nyakenye. Kuyimanje sesisabalale umhlaba wonke sathelela abantu abangaphezulu kwezi-170 000 iningi labo baseChina lapho saqala ukubonakala khona. Nokho selehlile izinga lokusabalala kwalo eChina kanti leli lizwe libike ukuthi uyedwa umuntu osanda kutholakala nalo muva nje.
Ingozi ngamagama kaTrump wukuthi kungaqubuka inzondo nokucwaswa kwabantu nokuyinto ebonakele yenzeka kwamanye amazwe ngesikhathi iChina iqala ukukhungathwa kakhulu yilesi sifo. Lokhu akukuhle emizamweni yokusikhalima. Inzondo ibhebhethekisa ukungazi kubantu nokugcina kusabalalisa ukuthelelana nokwesaba ukuthola usizo lwezempilo kulabo abathintekayo. Lokhu kubonakele ngesikhathi sokubhebhetheka kwegciwane iHIV. Kungakubi-ke uma kungaphinde kwenzeke ngeCoronavirus ukuthi kulahleke imiphefumulo kungenasidingo. IWorld Health Organization (WHO) iyakugxeka ukusola indawo ethize ngokuqubuka kwalesi sifo, nokungesinye sezizathu zokuthi isiqambe ngeCOVID-19 ukubalekela ukusihlobanisa nendawo noma izwe elithize.
UMnyango Wezangaphandle eChina usunxuse i-USA ukuthi ingasoli yona ngalesi sifo. Nokho nayo iBeijing inezayo izinsolo ngokuqubuka kwalesi sifo nezinuka umbutho wezempi wase-USA. Nokho uTrump, nobonakala esindwa umthwalo wokulwa neCoronavirus, uthole ukugxekwa ezweni lakhe naseChina ngakushilo. Phakathi kwabamgxekile yiMeya yaseNew York, uBill de Blasio, nothe isitatimende sikaTrump singase sisuse inzondo ebhekiswe kwabokudabuka e-Asia khona e-USA. Okhulumela uMnyango Wezangaphandle eChina, uGeng Shuang, uchaze isitatimende sikaTrump njengesingcolisa igama leChina, enxusa ukuthi i-USA iyeke ukwenza izinsolo ezingenasisekelo. Umbango phakathi kwala mazwe awugcini ngokujikijelana ngamagama. Aphinde abe sembangweni wabezindaba njengoba amazwe omhlaba ematasa elwa nokusabalala kweCoronavirus. La mazwe asefake unswinyo ezinkampanini zabezindaba muva nje. NgoLwesibili, iBeijing ithathe izinyathelo zokuziphindiselela ixosha izintatheli ezisebenzela iWashington Post, iNew York Times neWall Street Journal, iyalela ukuthi zonke izintatheli ezizovuselela izimvume zokusebenza eChina kulo nyaka kuzomele ziphume ziphele kuleli.
UMnyango Wezangaphandle eChina ukucacisile ukuthi izinyathelo leli lizwe elizithathile ezokuzivikela lona. UNgqongqoshe Wezangaphandle wase- USA, uMike Pompeo, ufake izinkampani zabezindaba zaseChina ohlwini lwamanxusa emasontweni ambalwa adlule nokungehlanga kahle eChina. IChina ixoshe kuleli lizwe izintatheli ezintathu zeWall Street Journal ngenxa yodaba olwashicilelwa nesihloko esithi “Sick Man of Asia” olwathathwa njengolunokucwasa ngokobuhlanga. I-USA yona ibe isixosha inqwaba yezisebenzi zezinkampani zabezindaba zaseChina. Ukunqinda amandla nokuphazamisa ukusebenza kwabezindaba yinto engamukelekile noma ngabe yenziwa ngubani kanti futhi akusiso isithombe esihle ezweni elizigqaja ngokuthi liwumholi wezwe elikhululekile njenge-USA. IChina ibonakala ingazimisele ukuvuma ukufakwa ingcindezi yi-USA nokwenza umbango wala mazwe ube ugingqigongqo, kungekho efuna ukugoba uphondo. Nokho kuyacaca ukuthi okuyiyona nto elimalayo kulo mbango amalungelo ezintatheli kanye nomphakathi othembele kuzona ukuthi uthole ulwazi.