Iphethwe ngabanye i-Equatorial Guinea


I-Equatorial Guinea ingelinye lamazwe ambalwa e-Afrika elivame ukuba sematheni kwezamaphephandaba ngenxa yezinqumo ezixakayo zabaholi kanye nezigameko ezithile ngezokuphathwa kwezwe ezidala imibuzo eminingi. Kusukela eminyakeni embalwa eyedlule kuze kuba manje leli lizwe nomunye wabaholi babesematheni ngamacala enkohlakalo abhekene nawo eFrance. Lo mholi yiSekela Mengameli lezwe, uMnu uTeodorin Obiong ophinde abe yindodana kaMengameli uTeodoro Obiong Nguema Mbasogo, okuthe mhla zili-10 kwephezulu wahlawuliswa inani lemali ebalelwa ezigidini ezingama-30 zama-Euro yinkatholo eFrance ngamacala okukhwabanisa nokuphathta budedengu izimali zezwe. Singazibuza ukuthi inkundla eseFrance ingena kanjani odabeni olufaka elinye izwe? Impendulo ithi yilo iSekela Mengameli elazidonsela amanzi ngomsele ngokuthi liqoke ukuba nemizi kanokusho kanye noxhaxha lwezimoto eFrance, nalapho lidume ngokuba yingxenye yabayidlanzana bezifiki kuleli lizwe elidla izambane likapondo.
Icala abethweswe lona kanye nesinqumo esesithathiwe sokumjezisa singezinye sezigameko sakamuva esidale ukuthi abamaphephandaba babhekise amehlo kuleli lizwe ngenxa yento engancomeki. Kuthe kusenjalo, laphinde lazithola lisematheni emveni kokuthi kudalulwe isinqumo sikaHulumeni sokugixabeza elaseChina ngenani lemali ebalelwa ezigidini ezi-$2. Le mali kuthiwa iphiwe elaseChina ukuze ikwazi ukulwa nalesi sifo esesiqhamukile iCoronavirus. UHulumeni wase-Equatorial Guinea uphinde waphakamisa ukuthi lesi sinyathelo usithathe ngenxa yobudlelwano obunohlonze neChina ngakho sikhombisa ukuzwelana nalo kuleli lifu
eliyikhungethe. Ukudalulwa kwalesi sinqumo kuqale ingxoxompikiswano ezwenikazi nalapho kubuzwana ukuthi kungabe lo Hulumeni wenze ngakho noma cha? Okubonakala kushaqe abaningi ngukuthi abakhumbuli noma linye ilanga lapho uHulumeni wase-Equatorial Guinea edalula ukweseka kwawo ngezimali amanye amazwe ikakhulukazi e-Afrika ake abhekana nezehlakalo ezingacishe zifane nezaseChina. Baphinde bathi, noma ngabe loHulumeni uke wakwenza lokho kwamanye amazwe ase-Afrika, kungabe iChina iyizwe elifanelekile yini ukuthola uxhaso olunjengalolu noluqhamuka ezweni elise-Afrika.
Impendulo ibe isithi, akunjalo ngoba iChina yazakhela idumela emveni kokuqubuka kwaleli gciwane futhi yazigqaja ngokuthi ikhawuleze yakha isibhedlela. Ngamafuphi, kukhona okwenza kuzwakale uma kuthiwa lo Hulumeni umoshe imali yezwe. Okuyindida kwabaningi ngalezi zigameko ezimbili, ikakhulukazi esokweseka iChina, ukuthi e-Equatorial Guinea ikati lilele eziko ezakhamuzini eziningi. Izakhamuzi zaleli lizwe zibalelwa ezi-1 268 000 kuphela, kepha zingapha kwamaphesenti angama-76 ezilala zingadlile; ezingenawo amathuba emisebenzi zibalelwa kumaphesenti ayisi-9. Abantulayo abaswele bayamangaza ngoba i-Equatorial Guinea ingelinye lamazwe elinothe ngendlela eyisimanga njengoba limumethe umnotho wezimbiwa ezifana nowoyela okwenza ukuthi izimboni ezinkulu ezifana no-ExxonMobil yase-United States of America (USA) ziqhubeke nokutshala izimali ezweni.
Ucwaningo nemibiko eqhamuka eBhange Lomhlaba (World Bank) iveza ukuthi engelinye lamazwe e-Afrika azithole ekhushukelwa kakhulu umnotho walo eminyakeni embalwa eyedlule, liphinde libe ngelesithathu emazweni ahamba phambili ekukhiqizeni uwoyela, lilandela iNigeria kanye ne- Angola. Kodwa, ukukhula komnotho okukhulunywa ngakho akubonakali kufinyelela ezakhamuzini. Umbiko wanyakenye oshicilelwe yi-United Nations Development Programme (UNDP) obizwa nge Human Development Index waveza ukuthi leli lizwe lilele emsileni njengoba likleliswe laba ngele-141 ohlwini lwamazwe ali-189 entula intuthuko, okuchaza ukuthi izakhamuzi ziswele kakhulu kube kuthiwa umnotho waleli lizwe ungosimeme. Yizingqinamba ezifana nalezi ezenza sexwaywe isinqumo sokupha elaseChina imali engaka.
Lesi sinqumo sithathwa nje ngoZibandlela nyayenke i-International Monetary Fund (IMF), yadalula isinqumo sayo sokweseka isicelo se-Equatorial Guinea sokubolekwa imali ebalelwa ezigidini ezingama-$280. Okuningi okwenzaka kuleli lizwe okufana nalokho osekubaliwe akumangazi uma kucutshungulwa indlela uHulumeni asebenzisa ngayo amandla awo kanye nendlela aphethe ngayo izintambo zombuso. UMengameli u-Obiong usehlale esikhundleni iminyaka engama-41, emveni kokuba aqumba phansi ngowezi-1979 uMnu uFrancisco Macias Ngevuma nowayengumalume wakhe. Kusukela ngalowo nyaka kuze kube namuhla, noma ngabe leli lizwe seliphila ngaphansi kwedemokhrasi, ezinye zezinqumo zikaMengameli zibonakalisa ukuthi uphethe izwe njengendlu noma ikhaya lakhe; uzenzela umathanda! Kule minyaka aseyihlezi, evile kweli-10 amatulo okuzama ukumuqumba phansi, kodwa alikho eselike laphumelela. Noma ziningi izikhalo ngendlela aphethe ngayo ezombuso, nokuthi ngabasondelene naye kanye nezihlobo kuphela abahlomulayo okuxakayo ngukuthi ngowezi-2016 wawela ngelibanzi kukhetho lobumengameli ngokuthi azuze amaphesenti angama-93