Now Reading
Uzibona esezintini kuBanyana Banyana langalimbe “uDatata”
Dark Light

Uzibona esezintini kuBanyana Banyana langalimbe “uDatata”

UKhanyisile “Datata” Sokhela ongunozinti weSunflower WFC uphupha ngokudlala eqenjini lesizwe iBanyana Banyana kanye naphesheya kwezilwandle.

Lo nozinti oneminyaka yobudala engama-24, usephenduke isithenjwa seSunflower WFC okuyiqembu eselikhiqize abadlali abaningi abadlale eqenjini lesizwe nakumaqembu adlala kuHollywoodbets Super League okuyiligi enkulu yabesifazane kuleli.

“Iphupho lami elikhulu ukuthi ngelinye ilanga ngibe unombolo-1 eqenjini lesizwe iBanyana Banyana. Ngingagcini ngokudlalela iqembu lesizwe, kodwa ngiphinde ngitshengise ikhono lami phesheya kwezilwandle” kusho uKhanyisile.

Uthe okumukhuthaza kakhulu ukuthi naye angadlala eqenjini lesizwe, ingoba uzakwabo ongukaputeni weqembu u-Asanda Hadebe kuyimanje useqenjini lesizwe iBanyana Banyana.

Utshele elaboHlanga ukuthi waqala ukudlala unobhutshuzwayo esemncane, isikhathi esiningi ubedlala nabantu besilisa. Ngaphambi kokujoyina iSunflower WFC, lo nozinti wadlalela iReal Rabbits, iKwaMashu Ladies neLindelani Ladies okuyiqembu eligijima kuSasol League.

Emasontweni amabili edlule lo nozinti uvimbe kahle kakhulu kumqhudelwano obizwa ngeSAFA KZN Senior Females, obudlalwa amaqembu ali-18 adlala kuSasol League.

“Kungijabulisile ukubona ngenza kahle ngisiza iqembu lifika kowamanqamu, yize sahlulwa kodwa angingabazi ukuthi ngenza kahle. Umdlalo nomdlalo ngenza ngakho konke okusemandleni ukuthi angingenelwa amagoli amabili kuya phezulu, lokho ikhona okwenza ngizinikele uma ngisenkundleni. Nakhona emdlalweni wamanqamu sahlulwa kumaphenathi, okutshengisa khona ukuthi ngaba nomqhudelwano omuhle” kubeka uKhanyisile othe ngaphandle kukanobhutshuzwayo uzifela ngokubhukuda.

Le ntokazi ehlala esigcemeni saka-D KwaMashu ifunde amabanga aphansi eGugulethu Primary School, isePhumelela S.P School yaqeda amabanga aphezulu eDR J.L Dube High School.

See Also

Ngeledlule iligi yeSasol enamaqoqo amabili iqalile, umdlalo weSunflower WFC wokuvula isizini izodlala neqembu elibizwa ngeDlala Ntombazana FC.

“Amalungiselelo ahamba kahle kakhulu isifiso sethu sisodwa ukuqhubeka nokwenza kahle, bese simela isifundazwe iKwaZulu-Natal emdlaweni yokuhlunga ukungena kwiHollywoodbets Super League ngesizini ezayo. Ngiyafunga ngiyagomela ukuthi ngesizini ezayo ngizobe ngidlala kuligi enkulu kuleli” usho kanje uKhanyisile ozifelayo ngonozinti we-JVW FC uKaylin Swart.

Uncome impatho abayinikezwa abaphathi beSunflower WFC, ababafundisa ngempilo yangaphakathi nangaphandle kwenkundla. Leli qembu liqeqeshwa nguSiyabonga Malinga, uliqeqesha nje uyena owalisungula. Leli qembu ikhaya lalo elise Hammarsdale, elokishini ekuthiwa iMpumalanga lineminyaka engaphezulu kwengama-25 lasungulwa.

Scroll To Top