Alikho Izulu?: UMaVilakazi wembula ubunkimbinkimbi bosizi eKapa
Alikho Izulu?: UMaVilakazi wembula ubunkimbinkimbi bosizi eKapa
Owayeyiciko le-Design Indaba Emerging Creative kanye ne-Multimedia uCharity Vilakazi uzokwethula umbukiso eyedwa neKalashnikovv Gallery njengengxenye ye-HEAT Winter Arts Festival entsha enkabeni yedolobha laseKapa eqale kusukela izolo ziyi-11 kuya zingama-21 kuNtulikazi wezi-2024.
I-HEAT Winter Arts idalelwe ukuthuthukisa izinga lokuhanjelwa kwamagalari yizivakashi enkabeni yedolobha phakathi nezinyanga zasebusika kanye nokwenza enye inkundla yokudlala bukhoma. I-HEAT Winter Arts Festival izoba nezindawo zemibukiso yobuciko ezihlanganyela ezingu-14 ezethula imibukiso ekhethiwe ekhuluma ngendikimba yomcimbi wokuqala, ‘Common Ground’.
UMaVilakazi, owayeyingxenye ye-2022 Design Indaba Emerging Creative cohort kanye ne-ANNA Award Finalistin 2023, ubambe iqhaza emibukisweni eminingi yamaqembu kuleli nakwamanye amazwe, futhi waba nesihloko semibukiso eyedwa, kanye nemine okuhlanganisa kuyo nowawuse-Investec Cape Town Art Fair ngo-2023. UMaVilakazi usebenzisa izindlela zokudweba nokuthwebula izithombe, egxile ekuphenyweni nasekucubungulweni kwezinganekwane zase-Afrika, imilolozelo kanye nobuyena (ingokomoya, isiko kanye nobufazi).
Umbukiso wakhe, osihloko sithi ‘Alikho izulu?’ (Ingabe alikho izulu?), uhlola ubunkimbinkimbi bosizi nokuxhumana ngokomoya, kulandela ukudlula kukagogo wakhe nomthelela okube nawo kuye. Ukuthanda kwakhe uMtshuku (ugogo) kucace kulo lonke lolu chungechunge. Kulemidwebo ubuyekeza imumva lakhe, elekelelwa imibhalo nemicabango ekudayari yakhe endala ayeyibhale ngesikhathi kudlule ugogo wakhe, nokuthi lemibhalo iyivuse kanjani inkumbulo nemizwa ebese inesikhathi eside ilele.
“Ngombukiso we ‘Alikho izulu?’ wembula ukuxhumana okusha okungokomoya akuzwayo ‘ngoMtshuku’ wakhe, njengendlela yokuvala igebe phakathi kwenkumbulo, umcabango, namaphupho,” kubhala uKalashnikovv (weKalashnikovv Gallery). “Amaphupho amangalisayo emidwebo yakhe amema ababukeli endaweni lapho izindaba zobuntwana zikaMaVilakazi (njengoba zilandiswa uMtshuku) kanye nemimoya yokhokho zihlangana khona. Ngokuthatha kokubili ingqikithi yamaphupho akhe nobuhlakani obudluliswa ugogo wakhe, lo mkhakha womsebenzi uvumela uCharity ukuba aguqule usizi lube umgubho wokuhlangana kabusha ngokomoya.”
UCharity uzokhangisa nabanye abaculi abangaphezu kuka-60 abavela kulo lonke elase-Afrika, okuhlanganisa uTony Gum, uKylie Wentzel, uNina Kruger, uSarafina Naisula, uDion Cupido, uNorman O’Flynn, uBuqaqawuli Thamani Nobakada noKilmany-Jo Liversage.
Okunye okuhambisana nohlelo lobuciko obubonakalayo nokuzobe kukhonjiswa kuleFestivali yi-opera, i-jazz, nezinhlelo zeshashalazi ezihlanganisa abadlali abasebasha. Okugqamile kufaka phakathi ama-opera akhethwe nguJeremy Silver ovela ku-Opera UCT; uhlelo lwe-jazz oluphethwe i-Slowlife oluhlanganisa i-Operation Khataza kanye ne-Johnny Wxlf Experience; kanye nethiyetha isebenza nguRob Van Vuuren, Double Impact, Furies & Co, Andi Colombo, Aldo Brincat, Sue Pam Grant, Okwamanzi Arts Junction kanye noPichi Keane.