Now Reading
Ingxoxo ekhethekile noBig Zulu ngempi yakhe nosomabhizinisi
Dark Light

Ingxoxo ekhethekile noBig Zulu ngempi yakhe nosomabhizinisi

Sifuna ukufukula izinga lezamankomane eNingizimu Afrika isihlabani somculo we-Hip Pop, uBig Zulu ozongqimuzana nosomabhizinisi uPhumlani Njilo mhla ziyisishiyagalombili kuZibandlela e-Olive Convention Center empini yosaziwayo.

Le mpi ihlelwe yiHlula Dlala Boxing Promotion izondlalela ezinye zamabhande anonhlonze. Amathikithiki ale zimpi aseqalile ukudayisa. Abiza i-R150 kanti uma uzimisele ngokuhlala eduze neringi ithikithiki libiza ama-R800 ikhanda lomuntu. Atholakala eWebticket noma ezitolo zakwaPick & Pay. Amasango azovulwa ngehora lesithathu ngosuku lwezimpi.

Exoxa nelaboHlanga uBig Zulu ogama lakhe langempela nguSiyabonga Nene, ugonyuluke ngesizathu sakhe sokuzibandakanya nomdlalo wamankomane.

“Amankomane sikhule kuwumdlalo omkhulu futhi ohlonishwayo eNingizimu Afrika. Ngezikhathi zethu bekungalalwa kulindwe izimpi zabashayisibhakela abafana noDingani Thobela, Baby Jake Matlala noBuyani Bhungu bonke abebelwa noma bephethe amabhande omhlaba. Eminyakeni eyedlule izinga lithe ukwehla. Ngakho singamaciko sibone ukuthi singenelele kulo mdlalo ngoba uthandwa kakhulu ngabantu bakithi abamnyama. Sikhohlwa wukuthi ukuba kwethu yingxenye yezimpi ezahlukene kuzosiza ukunyusa izinga nesasasa lezamankomane eNingizimu Afrika. Ngaleyo ndlela singawabona amankomane ebuyela ezingeni lawo,” kubeka uZulu odume ngamanoni afana noMbhayibhayi neVolovolo.

Njengamanje “uZulu “uphansi phezulu ulungiselela lezimpi eHyde Park, eGoli. Ngonyaka odlule umculi uCasper Nyovest ulwe noNaak MusiQ eSuncity empini yosaziwayo eyabanesasasa.

“Inhloso yethu enkulu wukubuyisa udumo lwalo mdlalo. Ngijabulele ngethuba engilinikwe yiHlula Dlala Boxing Promotion. UNjilo nguyena ongifonele wangicela esitikini. Walibeka ngembaba elokuthi akangisabi kodwa uzokhala ngaphansi mhla ziyisishiyagalolunye kuZibandlela. Lokho kumele akwazi,” kubeka uZulu odume ngeleNkabi.

Kweyebhande leKZN Junior Middleweight, uSphiwe Mbhele uzotholana phezulu noPhikelankani Khumalo bese kuthi uSiboniso Gonya ashukane noMduduzi Mzimela kweyebhande leKZN Bantamweight.

Izimpi zizobe zithe chithi saka njengoba uSandile Dumsani ezomuhluzana noSiphesihle Mntungwa kweyebhande leKZN Lighweight.

Kwabesimame uMapule Ngubane uzotholana phezulu noRita Mrwebi kweyebhande laseNingizimu Afrika ngaphansi kwesigaba se-middleweight.

“Abalandeli ngifisa bafike ngobuningi babo kule ndumezulo yezimpi. Angingabazi ukuthi bazobhema bakholwe ngesibhakela esiqhuza umetshisi esizobe sishaywa mhla ziyisishiyagalolunye kuZibandlela. Kuzobe kungalwi thina kuphela kodwa kunezinye izimpi zamabhade abalulekile. Umdlalo wankomane sifisa ukuthi ubuyele ezingeni lawo. Siyazi ukuthi lokhu ngeke sikwenze ngempi eyodwa noma ngezimpi ezizodwa. Kancane kancane lo mdlalo sizowubuyisela ezingeni olufanele. Okumqoka wumgqigqo. Abashayisibhakela akumele bahlale isikhathi eside bengalwi. Kumele kufane nakwezinye ezemidlalo lapho njalo ngezimpelasonto kuyisiko ukuthi kuyaliwa,” kuchaza uZulu.

Enye impi ezobe ibhekwe ngamehlo abomvu osukwini ngekaLindelani Sibisi noSange Ngoza abazobe bebanga ibhande weWBA Pan title.

See Also

“Ezemidlalo zisondele kakhulu nenhliziyo yami. Mina ngikhule ngidlala ibhola. Ngisakhula ngazitshela ukuthi ngizodlala ezingeni elikhokhelayo. Ngakho awukwazi ukuhlukanisa uBig Zulu nezemidlalo ngoba ziyisikompilo kimina,” kusho uBig Zulu.

Le nsizwa iphinde yadulula ukuthi akusiniswa amahleza kwezamankomane.

“Kunomfana engisebenza naye okuthiwa nguThami osethimbeni lami labaqeqeshi. Uyangisiza kakhulu. Ngibophele nentokazi yami yomlungu uGeorge Solomons. Ngisebenzisa ijimu yami ukuzicija. Akudlalwa uma ulungiselela impi. Udinga isikhathi nokuzinikela ejimini. UNjilo ngizomgingqa ngomngqimuzo womlalisa phansi. Impi yethu ngeke nje ihambe ibanga elide. Yingakho ngicela abalandeli bagcine isikhathi ngoba angifuni bafike impi isiphelile,” kulandisa uZulu.

Njengoba sekuyisikhathi samaholidi kancibijane uZulu uthe abalandeli bakhe bangaze balindele i-album ngonyaka ozayo.

“Kulo nyaka besigxile kakhulu ezinkabeni zezwe. Yonke into ebesiyenza bekungeyezinkabi zezwe. Ngaphansi kweNkabi Records, uLwah uyikhiphile i-album. Mina njengoBig Zulu ngoze ngiqale ukukhipha ngonyaka ozayo ngoNhlolanja.” kuphetha uZulu.

Scroll To Top