Amakhansela asoNdini ahlanganyele nomndeni wobulewe



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Njengoba iNingizimu Afrika isaqhubeka nokuqhakambisa abesifazane neqhaza labo njengoba kuyinyanga yabo, kuMasipala was’Ondini kubikwa ukuthi umphakathi ukhathazekile ngesihlava sokubulawa kwabesifazane nezingane.
Lena ingezinye yezindawo ezinomlando kaZulu, njengoba yabe ineZindlu Zesishayamthetho kuHulumeni omdala. Ngokuthola kwaleli phephandaba siyaqhubeka lesi sihlava esibi sokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane zize zibulawe ngesihluku.
Lokhu kuza emuva kwesigameko esibuhlungu sokubulawa kuka Nks uNingi Gazu wase Sangoyane kuWardi-20 Ondini. Kubikwa ukuthi bese siside isikhathi lona wesifazane ehlukumezeka kodwa engabiki loludaba.
ISekela leMeya kuMasipala Ondini uNkk uThembelihle Gaba Madela kanye namakhansela esifazane bahambele kulo muzi beyobhonga emswanini nalomndeni.
“Kusiphethe kabi kakhulu ukuthi sisathi sisaphakathi nenyanga lena okuthiwa eyabesifazane kepha kusanabantu besilisa abasaqhubeka nokubulala abantu besifazane ngesihluku esinjengalesi sakwa Gazu. Sinxusa umthetho uthathe indawo yawo anganikwa nebheyili umuntu owenze lento. Nginxusa bonke abantu besifazane basOndini ukuba baphume ngobuningi babo siye eMashona eNkantolo yaseMahlabathini siyophikisana nokuthi umsolwa anikezwe ibheyili. Abantu besifazane abangathuli uma behlukumezeka kwezothando ngoba kuqala kancane kugcine sekukukhulu.”
Eqhuba uthe: “Asisho ukuthi abantu besifazane nezingane kuphela ezihlukunyezwayo, nabesilisa bayahlukunyezwa. Buka nje eThekwini kunomunye udadewethu oshaye indoda, isale kwangathi ibishawa owesilisa. Yize kunjalo, asisho ukuthi abesifazane kumele bekwenze ukuhlukumeza abesifazane. Kodwa iqiniso ukuthi abesifazane ibona nezingane abahlukunyezwa kakhulu,” usho kanje.
Uphinde wagcizelela kubantu bonke abahlukumezekayo ukuthi behambe beyobikela abomthetho, ngokuhlukumezeka kwabo.