Now Reading
Umisiwe udokotela ofafaza eyokuphalaza igazi
Dark Light

Umisiwe udokotela ofafaza eyokuphalaza igazi

UHulumeni wakuleli zwe usukhethe ukumisa isazi sezempilo ngezinsolo zokwephula umthetho okhona ngokukhipha isitatimende ngezimangalo zesifo esiwumqedazwe eningizimu yeTanzania. UNgqongqoshe Wezempilo uDorothy Gwajima (Osesithombeni), uyalele iziphathimandla ukuba zimise uDkt uFelista Kisandu, oyisikhulu sezokwelapha eChunya esifundeni iMbeya.  

UNgqongqoshe uGwajima uthe uDkt uKisandu wephula umthetho Wezempilo Yomphakathi wezi-2019 ohlinzeka ngemihlahlandlela yokumemezela ukuvela kwesifo.

Ngesonto uDkt uKisandu uthe kukhona igciwane elingaziwa elenze abantu bacanuzelelwe inhliziyo  baphinde baphalaze igazi elihlasele isigceme esisodwa sewadi i-Ifumbo okudale ukuthuka okukhulu ezakhamuzini. 

“Le nkinga ayithintanga indawo yonke yaseChunya kepha ewadini i-Ifumbo. Izimpawu zaleli gciwane noma isifo kube ukuthi abantu baphalaze igazi.”

Kepha ngenxa yalesi sitatimende uNgqongqoshe Wezempilo uthe useyalele iziphathimandla eziqashayo eMnyangweni wakhe ukuthi zimise ngokuphuthuma uDkt uKisandu bese kuvuleka indlela yokwenza uphenyo olunzulu ngalolu daba.  

Ngokusho kukaNgqongqoshe, akukho muntu onaleli gciwane e-Ifumbo futhi uyaphikelela nokuthi akukho nhlekelele yezempilo yomphakathi kuleliya wadi.

Ngalo iSonto umholi waleli wadi uWeston Mpyila, ubike ukuthi abantu abali-15 babulawe ukutheleleka ngaleli gciwane kwathi abanye abangama-50 bangeniswa esibhedlela.

See Also

Ngokusho kukaNgqongqoshe kunethimba lezazi zezempilo eselijutshiwe ukuyophenya ngodaba lwalesi sifo noma igciwane.

UNgqongqoshe uGwajima uthe ongoti bezempilo baxoxisane nezakhamuzi bathola ukuthi akekho umuntu oseshonile ngenxa yalesi sifo.  

Yize uHulumeni eyiphika eyalesi sifo izakhamuzi zithi amarekhodi akhombisa ukuthi isifo esifanayo esasihambisana nokuphalaza igazi kanye nomkhuhlane onamandla sake sabaphatha abantu kulesi sifunda esaziwa ngokukhiqiza igolide ngonyaka wezi-2018.

Scroll To Top