Sekuphinde kwaklayeka umfanti womlando phakathi kwePalestine ne-Israel



UShozi yisifundiswa nombhali wezindaba zesimomazwe, wenza iqhuzu lePHD.
Umlando uyaziphinda phakathi kwe-Israel neHamas. Lezi zinhlaka sezibone kungcono ukuthi zikhiphane udede kulandela isenzo samaphoyisa akwa-Israel sokuxosha sakubukisa abasePalestine abebesebenzisa indlu yokukhuleka yabenkolo yobuSulumane i-Al Aqsa Mosque eseJerusalema. Abale nkolo abayizi-90 000 bebesebenzisa le ndlu nje yingoba bebekunyanga yokuzila nokukhuleka iRamadan.
Okudala ukuthi amaphoyisa abasuse yikuthi ngokwe-Israel iJerusalema idolobha lawo. Nakuba ngokomlando nangokwenkolo le ndawo ingehlanganisa amaSulumane namaJuda, kodwa ngoZibandlela kowezi-2017 uNdunankulu wakwa-Israel uBenjamin Netanyahu, wamemezela ukuthi amaJuda kuphela asenelungelo lokuyibiza ngeyayo le ndawo. Lokhu kwakulandela isimemezelo sakhe sokususa ikomkhulu le-Israel eTel Aviv eliseJerusalema emuva kokuvunwa nokugunyazwa i-United States of America (USA) ngaphansi kobuholi bukaDonald Trump.
UNetanyahu usivunile isenzo sokususa abasePalestine eJerusalema okube sekubangela ukuthi abasePalestine babhikishe nabakwa-Israel baziphendulela ngowabo umbhikisho. Ukuvunwa nguNetanyahu kukhuthaze abakwa-Israel ukuthi baqhubekele naseSheikh Jarrah engenye yezindawo zabasePalestine eWest Bank i-Israel ezihlwithayo. Lesi senzo siqubule umbhikisho okuthe uma amaphoyisa ezama ukuwuhlakaza ngokusebenzisa indluzula wavele waphenduka impi.
Ukungenelela kweHamas ngeSonto yikho osekubangele ukuthi i-Israel ibone kungcono kuliwe. NgoLwesithathu i-Israel ihlasele ngezikhali zokubhubhisa eGaza kwafa abali-10 abahola umbutho weHamas kanti nayo iHamas ayizibekile phansi. Kusukela ngeSonto i-Israel ihlasela eGaza ngethemba lokuthi iHamas izohlehla okanye icele umaluju kodwa okuze kube manje iHamas ayihlehli. Lokhu sekufakele i-United Nations (UN) ne-USA amehlo njengoba kunombono wokuthi konke lokhu kwenzeka nje yingoba behluleka ukuqhamuka nesixazululo esizoletha ukuthula nozinzo phakathi kwe-Israel nePalestine kepha bakhetha ukuthatha uhlangothi lwe-Israel.
Kunokukhathazeka ukuthi le mpi izoba nezithelo ezifanayo nalena yangowezi-2014 lapho khona okwaliwa izinsuku ezingama-50 kanti kumanje i-International Criminal Court (ICC) iphenya izinsolo zochuku nokuhlukunyezwa kwamalungelo abantu ezibhekiswe kwa-Israel. Ngokwepolitiki yehlukahlukene imithelela le mpi ezoba nayo. NgokwaseMiddle East lokhu kusho ukuthi njengoba abahlala eGaza belahlekelwa ngamakhaya kumele bayokhosela kumazwe angomakhelwane kanti kuwona lawo mazwe ikakhulukazi iJordan neLebanon izinto azihambi kahle ngokwezomnotho nangokozinzo lwezepolitiki.
Ngokwepolitiki yasePalestine lokhu kungasho izinto ezimbili. Okokuqala, kuyanakeka ukuthi iFatah ilwa ngezitatimende kuphela kule mpi.
Lokhu kungase kufakazele izinkulumo ezithi abaholi baleli qembu elibusa eWest Bank basonga izandla nje yingoba bafunzwa i-Israel. Okwesibili, zingama-22 kule nyanga bekumele kube nokhetho oluzobumbanisa ubuholi obuseGaza naseWest Bank kuthi iqembu elinqobayo phakathi kweFatah neHamas kube yilo elibusa zombili lezi zingxenye.
Lokhu kungabe kungasenzeki ngezizathu zokuthi; esokuqala, i-Israel angeke yafuna ukunikeza iHamas ithuba lokuthi iyiqhamukele eGaza naseWest Bank okuyokwenzeka uma inqoba ukhetho, kanti ukuvimba lokhu ingase inqwahe nempumalanga yeJerusalema njengoba ivele ibangwa kumanje bese kuliwa unomphelo ize ikhohlakale eyokhetho. Isizathu sesibili, iFatah njengeqembu elizigqaja njengelifuna izisombululo ngezingxoxo kunokusebenzisa izikhali lingase lihoxe kulesi sivumelwano.
Ngokwepolitiki yakwa-Israel, konke lokhu okwenzekayo kuvuna izinhloso zikaNetanyahu ofuna ukubuyela kwesobuNdunankulu kanti lo mdonsiswano uyalibumbanisa izwe ekubhekaneni nesitha iHamas kuphinde kuzibise eyamacala enkohlakalo amlandelayo. Ngokobulungiswa, uma le mpi iba nomthelela ofanayo neyangowezi-2014 i-ICC ingase iphoqeleke ukuthi yelule uphenyo lwayo lufake nale mpi yamanje bese ikhipha umbiko owodwa.