Now Reading
Amabutho avale umngcele yize kunemizamo yobumbano
Dark Light

Amabutho avale umngcele yize kunemizamo yobumbano

Amabutho athembekile kumkhuzi wamasosha waseLibya ozinze empumalanga uKhalifa Haftar avale umngcele ne-Algeria, lokhu kuvele ngeSonto, ngemuva kokufakwa kakhulu kwamasosha akhe eningizimu yezwe kugcizelele iqhaza lakhe eliqhubekayo yize kube nemizamo yokuhlanganisa izwe.

Iqembu likaHaftar iLibyan National Army (LNA) ngesonto eledlule lathumela amasosha edolobheni eliseningizimu yeSebha, elalivele lihlangene noma lithembekile emasosheni asempumalanga, kwathi ngoMgqibelo kwathunyelwa amanye emngceleni oseningizimu ohlukanisa lelizwe neAlgeria. “Amasosha avale umngcele weLibya ne-Algeria futhi awumemezela njengendawo yamasosha lapho kungavunyelwe khona ukunyakaza,” kusho uMnyango Wezokuholwa Kwezokuziphatha, okuwuphiko lwezindaba lweLNA.

Umngcele ocishe ube amakhilomitha ayi-1 000 (620 miles) phakathi kwe-Algeria neLibya unqamula ogwadule olungenamuntu futhi unezindawo ezimbalwa zokuwela.
Umkhuzi wala masosha uHaftar waphoqeka ukuthi ahlehle abuyele emuva nyakenye ngemuva kokuwa kwesenzo sakhe sezinyanga ezili-14 ehlasela iTripoli, kanti uHulumeni omusha wobumbano osekelwa uhlelo lokuthula olwalusungulwe yi-UN wasingabaza isikhundla sakhe sezepolitiki.

Kodwa-ke, yize kunenqubekela phambili yokuthola isixazululo sezepolitiki eLibya ngemuva kweminyaka eyishumi yodlame nezinxushunxushu, izwe lonke lisalawulwa ngamaqembu ahlomile, inkohlakalo idlangile futhi namandla angaphandle asengene shiqi kule mpi awazange ahoxe.

See Also

Inqubekela phambili kulindeleke ngeSonto( esontweni eledlule) ekusebenziseni imigomo yokunqanda ukulwa ezimpini kusukela ngoMandulo, lapho kuzohlelwa khona ukuthi kuvulwe kabusha umgwaqo omkhulu wasogwini odlula phambili emgqeni wempi (frontline), kanti amazwe angaphandle azohlangana eBerlin kuleli sonto kube nezingxoxo zaseLibya.

Ukuthula kuleli lizwe kuyacaca ukuthi kusekude kutholakale. Amazwe angaphandle aphakamisa ukunqoba ngemuva kokuqumba phansi umbuso kalowo owayehola leli lizwe ongasekho uMuammar Gaddafi kepha impi isaqhubeka nokuba iva elingabanguleki kuHulumeni waleli lizwe ngenxa yemibono ehlukene yokubusa leli lizwe.

Scroll To Top