Now Reading
URamaphosa unxusa ukhetho olunokuthula
Dark Light

URamaphosa unxusa ukhetho olunokuthula

UMengameli waseNingizimu Afrika uMnu Cyril Ramaphosa, ukhulume nesizwe e-Union Buildings izolo ebusuku ngaphambi kokuvota okuyisipesheli namuhla nakusasa, kanye nosuku olukhulu lokhetho ngoLwesithathu.

Uncome wonke amaqembu abambelele kuKhodi Wokuziphatha Okhethweni, aqinisekisa ukuthi abalandeli bawo balandela imigomo yentando yeningi.

Uphinde wazwakalisa ukukhathazeka ngezinsongo ezingase zibe khona okhethweni, uthe izikhungo zomthetho wezwe kanye nezokuphepha zenze amalungiselelo abanzi ukuze kuqinisekiswe ukuthi lolu khetho lunokuthula nokuthi bonke abantu baseNingizimu Afrika bangasebenzisa ngokukhululeka ilungelo labo lokuvota.

Uthe ithimba lezokuphepha litshalwe ezweni lonke ukuqinisekisa ukuthi azikho iziphazamiso noma ukuphazamiseka ohlelweni lokhetho

Lolu khetho lubhekwe ngabomvu, njengoba kunamaqembu angaphezu kwama-50 agaqele izihlalo ePhalamende Likazwelonke kanye nabazimele abayishumi nanye abagaqele izihlalo ezishayamthetho ezahlukene.

UMengameli uqhube wathi “Kufanele sonke sikhathazeke ngemibiko ephumile mayelana nokuvinjwa kwezinhlelo zokhetho, okuhlanganisa nokungena ngokungemthetho ezindaweni zokugcina i-IEC KwaZulu-Natal”

See Also

NgoLwesihlanu, inkampani yonogada iFidelity KwaZulu-Natal, kanye nenhlangano yamabhange iFirst Rand ngoLwesine bakhiphe umbiko wokuthi kungenzeka kube nemibhikisho.

Umbiko wengeze ngokuthi amaphoyisa aKwaZulu-Natal asebenzisana nombutho wezokuvikela kuleli iSouth African National Defence Force, ezobunhloli nezinkampani zonogada ezizimele emzamweni wokunqanda udlame olungase lube khona, ngosuku lokhetho nangemuva kokhetho lwangomhla zingama-29 kuNhlaba.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi lowo owayenguMengameli wezwe, uMnu uJacob Zuma, ehluliwe isicelo se-IEC eNkantolo yoMthethosisekelo esamkhipha ohlwini lwabaholi bamaqembu ezepolitiki abebegaqele isikhundla ePhalamende.

Scroll To Top