I-IEC ithi isibheke uLwesithathu lokhetho olungayilo


IKhomishini Ezimele Yokhetho isinike isiqiniseko sokuthi ukhetho lwangesonto oluzayo luzoba ngolukhululekile futhi olungachemile.
USihlalo weKhomishini uMnu uMosotho Moepa uthe izisebenzi zale Khomishini sebeqeqeshwe ngokwanele ukubhekana nazo zonke izingqinamba ezingaqhamuka. “Sithathe isikhathi sacela bonke abasebenzi ukuthi baye ezikhungwni abazosebenzela kuzo ngelanga lokhetho ukuhlola isimo nokuzijwayeza ukuze kushaye uLwesithathu sebenokuzethemba.
ISikhulu Esiphezulu se-IEC uMnu uSy Mamabolo izolo wethule ngokusemthethweni isikhungo okuzobalelwa kuso amavoti iThe Rock eGoli.
Lesi sikhungo yilapho kuzohlanganela khona osopolitiki, abezindaba nezingqapheli zokhetho. UMamabolo uthe konke sekumi ngomumo. Khonamanjalo kusukela ngoMsombululo zingama-27 kuNhlaba abombutho wezokuvikla kuleli ngokubambisana namaphoyisa bazoqala ukukanisa ezikhungweni zokuvota ezweni.
Amasosha yiwo futhi azoqapha ukuthuthwa kwamavoti emuva kokubalwa ezikhungweni zokuvota ngenhloso yokuvimbela ukwebiwa kwamavoti nobunye ubugebengu obuvamise ukubonakala lapho sekubalwa khona amavoti. Abombutho wezokuvikela bathi kulokhu bazoqapha ngeso lokhozi ezikhungweni zokuvota ukuqinisekisa ukuthi akusuki izibhelu phakathi kwamaqembu ezepolitiki, futhi akukhankaswa ezikhungweni ngosuku lokhetho.
ISekela likaKhomishana Wamaphoyisa uLieutenant-General Tebello Mosikili uthe zonke izinhlaka zombutho wezokuvikela nezamaphoyisa zizosebnza ngokuhlanganyela. UMosikili ubethula umbiko ngesimo sezokuphepha ngaphambi kokhetho njengeSihlalo weNational Joint Operational and Structure (NATJOINTS).
Uveze ukuthi uphiko lezokuvikela iSA Army infantry izobambisana kakhulu nophiko lwzepilo kulo mbutho olubizwa ngeSA Military Health Service (SAMHS) oluhlanganisa abosizo lokuqala, abahlengikazi nodokotela, bese kuthi ingxnye ebhekele ukuthula ezikhungweni zokuvota izowela ezandleni zamaphoyisa.
ULieutenant-General uMosikili uthe kusuka ngokhetho lowezi-2019 basebenzisa uhlelo abalubiza nge-Operation Prosper oluqale ukubonakala eCape Flats eKapa lapho kubonakala khona amaphoyisa asemasosheni elwa namaqembu ezigebengu ngokubambisana nezinye izinhlaka zezokuphepha. Uqhube wathi ukubona impumelelo yayolu hlelo yikho okwenze kwaba nesidingo sokuba baluhlole nangesikhathi sokhetho.