Now Reading
INdlu emizamweni yokubamba iSILO ngoqhotho
Dark Light

INdlu emizamweni yokubamba iSILO ngoqhotho

Esinyathelweni esibonakala njengemizamo yokulawula iNdlulamithi ezinhlelweni zayo, abamele iNdlu Yomdabu KwaZulu-Natal Nobuholi BamaKhoisan sebebhalele iNdlulamithi incwadi lapho beyinxusa khona ukuba ibuyekeze isinqumo sayo sokubiza iMbizo yawo wonke aMakhosi ukuze iqale ngokuhlangana neKomiti Lesigungu Esiphezulu Sesifundazwe lapho izodluliselwa khona umbiko wezinto ezaphakanyiswa yile Ndlu ngokuningi okumayelana nokungeneliseki ngendlela yokusebenza kwansukuzonke nokuphathwa kwe-Ingonyama Trust Board.

Encwadini ebhalwe ngesandla sikaSihlalo weKZN Provincial House of Traditional and Khoisan Leaders iNkosi uShinga ngosuku lomhla zingama-22 kuNhlaba, incwadi ithi iyazi ukuthi iSILO sibhalele iNdlu Yesifundazwe encwadini yamhla zingama-21 kuNhlaba lapho ibiza wonke aMakhosi eMbizweni okuzobhungwa kuyo nge-Ingonyama Trust kepha ibona sengathi akusona isikhathi esikahle lesi ekutheni sekungabanjwa lo mhlangano.

Incwadi iqhuba ithi inhloso yokunxusa iNdlulamithi ukuba ihlangane neKomiti Eliphezulu kuqala, ukwenza isiqiniseko sokuthi akukho okusilela ngaphandle oHlakeni Lobu Buholi Bomdabu uma kukhulunywa ngeThrasti, ukuze kuthi lapho iSilo sesihlangana naMakhosi kube sekwaziwa ukuthi iNdlu Yesifundazwe imi kuphi odabeni oluthinta iThrasti.

Inkosi uShinga encwadini ithe njengeNdlu baphakamisa ukuthi iSILO siwuhlehlise umhlangano naMakhosi siqale ngokuhlangana neNdlu Yomdabu KwaZulu-Natal Nobuholi BamaKhoisan. 

Ngaphambi kokwenza lesi sicelo kuyo iNdlulamithi encwadini inkosi uShinga ivula ngokwakheka kweNdlu Yobuholi Bomdabu Besifundazwe Nobuholi BamaKhoisan lapho ethi lesi isakhiwo esisungulwe ngokuhambisana noMthethosisekelo waseNingizimu Afrika ngaphansi koMthetho onguNombolo 108 we-1996, iTraditional and Khoisan Leadership Act No 3 we-2019 neKZN Traditional and Leadership Governance Act No 5 wezi-2005. Esindlalelweni sale ncwadi iNkosi uShinga ithi ngenxa yomlando wokusunguleka kwayo inikezwe umsebenzi wokuba izwi lawo wonke aMakhosi esifundazweni. Incwadi iqhuba ithi ngaphakathi kulesi sakhiwo kunaMakhosi aqokwe ngokwahlukana ezifundeni okuyiwo asebenza njengezithunywa nabaxhumanisi phakathi kweNdlu Yabaholi Bomdabu Kuzwelonke, Ezifundazweni Nasezifundeni.

See Also

“Siyakuqonda ukuthi i-Ingonyama Trust Board yakhiwe ngokulandela uMthetho i-Ingonyama Trust Act njengesakhiwo esimqoka ekuphatheni umhlaba ezindaweni zaMakhosi egameni lomphakathi,” kusho inkosi uShinga. INkosi Shinga ithe kusukela kwashintsha iBhodi ngonyaka owedlule babambe imihlangano emibili ebe yimpumelelo neBhodi mhla ziyisi-8 kuMandulo namhla lulu-1 kuZibandlela. Ithi kulokhu kuhlangana bazwakalisa ilaka labo ngendlela obekuphethwe ngayo ibhodi esikhathini esedlule nalabo bebona khona ukuthi iBhodi kwakumele liphendule ngokuthile. Uveza ukuthi umhlangano olandelayo bekumele ubanjwe nonyaka kodwa kwangenzeka ngenxa yezinto eziningi njengoba sekuhlelwe ukuba ubanjwe ngoNhlangulana.

Isivala, iNkosi uShinga iyagcizelela ekunxuseni iNdlulamithi ukuthi isibhekisise isicelo sabo.

Scroll To Top