Now Reading
Kubhede uhlelo wakhumbula ekhaya uMbuyazi
Dark Light

Kubhede uhlelo wakhumbula ekhaya uMbuyazi

Kuvela ukuthi usebuyele kwiqembu lakhe lakudala u-Austin Dube obebhinjelwa izinto kwiKaizer Chiefs. 

UDube oneminyaka yobudala engama-30 usayine kwiChiefs ekuqaleni kwesizini yangonyaka wezi-2021/22. Esayinwa wayevimba kwasani emumva. Eminye imidlalo enza kahle kuyona ingesikhathi iRichards Bay FC iwashisa iChiefs ijezi kuNedbank Cup.

ElaboHlanga lihabule ukuthi uDube ubuyele kwiRichards Bay FC kanti ngokusho komthombo osondelene neNatal Rich Boyz (iRichards Bay FC) usayine iminyaka emibili engakwazi nokuvuselela. 

“UDube kuyimanje useRichards Bay ufike ngoMsombuluko, akakaqali ukuziqeqesha neqembu. Kodwa kungenzeka abonakale bese leli qembu lidlala kumqhudelwano waminyaka yonke iPrince Mangosuthu Legacy Cup” kusho umthombo.

IPrince Mangosuthu Legacy Cup izoba mhla zingama-29 kwephezulu, amaqembu azobe ekhona iyona iRichards Bay FC, iRoyal AM, iMbabane Swallows yaseSwaziland kube-AmaZulu FC avikela isicoco.

“Okuhle ukuthi wahamba eqenjini kukuhle, ingakho iqembu likulangazelele ukuphinde lisebenzisane naye. Siyathemba ukuthi uzolisiza kakhulu iqembu njengoba enza ngaphambi kokujoyina iChiefs” kusho umthombo. 

Ngesizini edlule, udlale kanye kumqeqeshi u-Arthur Zwane.

See Also

Lo mqeqeshi osegudluziwe esikhundleni, isikhala sakhe esivalwe nguMolefi Ntseki, maphakathi-emuva ubeqoka ukudlalisa uZitha Macheke, uSiyabonga Ngezana, u-Edmilson Dove noNjabulo Ngcobo.

Kubukeka bekuzoba nzima ukudlala kukaDube kwiChiefs ngoba isiphinde yasayinisa abadlali ababili abadlala emumva-maphakathi okuwuSiphiwe Msimango osuka kwiTS Galaxy noThatayaone Ditlhokwe waseBotswana obedlalela iSuperSport United.

UDube kulindeleke ukuthi abange ijezi noSibusiso Mthethwa noSimphiwe Mcineka. Abanye abadlali abasayiniswe iNatal Rich Boyz uLucky Mohomi noLetsie Koapeng abasuka kuMarumo Gallants, uThato Mohlamme osuka kuThongathi FC and noJustice Figareido yena obedlala ku-All Stars.

Scroll To Top