URamaphosa uyihlabe esikhonkosini, umbuzo uthi izohlinzwa yini
Elayizolo liphele kukhona ukuhhumuzelwa ezweni. Indaba iqalwe yisenzo sikaMengameli uRamaphosa nosayine inqubomgomo eyaziwa ngeNational Health Insurance Bill (NHI) ngokusemthethweni. Yize lo mthetho kade wawudingidwa kuphikiswana ngawo, isenzo sikaRamaphosa sihunyushwe njengo“mkhankaso” ngamaqembu aphikisisayo. Athi lokhu ukwenze sekusele amasonto amabili kuyiwe okhethweni nokuyinhloso. Nokho uRamaphosa enza isethulo sakhe lokhu ukuphikisile waveza umlando wale nqubomgomo nathe isikhathi sayo ukuba isayinwe bese sifikile.
Izinhlangano ezimele izikhwama zezempilo (medical aid schemes) zisho lokhu ekade zikusho ngalolu hlelo, ukuthi luyaxhuga nokuthi uHulumeni angeke abe nemali eyanele ukuliqhuba. Nalapho uRamaphosa uthe abakhalayo yilabo abadla izambane likapondo, athe basaba ukuthi lolu hlelo luzophazamisa isithebe sabo abekade besiqhiqhobele. Laba balezi zikhwama kabafihlanga ekutheni kungenzeka bayokhuleka enkantolo ukuze lolu hlelo lumiswe.
Abanye emaqenjini babhuqe uMengameli kube ngumholi weBOSA uMaimane uthe: “Ngaphambi kokuba asayine lo Mthethosivivinywa, ngiphonsela inselelo uMengameli, umndeni wakhe wonke, iKhabhinethi nawo wonke amalungu omndeni wabo ukuba bahoxise iMedical Aid yabo futhi basebenzise izikhungo zezempilo zomphakathi,” kubeka yena.
Lo mthetho ufika ezweni elibhekene nezinkinga uma kufikwa kwezempilo. ENingizimu Afrika, izakhamuzi ezihlwempu ziqhinqa ezinjengeni zemigqa zilinde isikhathi eside ukuthola izinsizakalo futhi zithole ukunakekelwa ngpkwempilo okusezingeni elingagculisi ohlelweni lokulashwa komphakathi kuthi izakhamuzi ezingama-16% zithole ukwelashwa ngokohlelo oluzimele zithola unakekelo lwempilo olusezingeni lomhlaba olumba eqolo.
Ucwaningo ngemakethe yezokwelapha olwenziwa yiKhomishini Yokuncintisana ngowezi-2019 lwathola ukuthi imboni yokwelapha okuzimele kuyo yonke imigudu inamanani akhuza phezulu. Isikhwama sezokwelapha esikhulu ezweni ngu uMthethosivivinywa weNHI wokugcina kuzodingeka izigidigidi ezingama-R200 ukuze ukwazi ukuba ngumthetho. Lokhu kuzodinga ukuthi uxhaswe yimali ezokhuphula intela yentengo (VAT) ibe ngaphezu kwama-15% iye ema-21.5% noma kwenyuswe intela ekhokhwa yizisebenzi ngama-31% kuzo zonke izisebenzi.
“Ukuqoqa imali eyizigidigidi ezingama-R200 njengentela ekhokhwayo kuzodinga ukuthi isisebenzi ngasinye sikhiphe imali elinganiselwa e-R1,072 ngenyanga. Lokhu kenyusa imali engakhokhowa isisebenzi ngasinye ifinyelele kwelinganiselwa e-R1,565 ngenyanga kulezo ezisebenza ezindaweni ezisemthethweni,” kusho abakwaDiscovery.
NgoLwezi wezi-2023, uCas Coovadia, iSikhulu Esiphezulu sakwaBusiness Unity SA, sathi iqiniso elizihlonzayo ngelithi akuho mali yoMthethosivivinywa weNHI. Sathi akucaci ngokusizakala, ngezivumelwano, ngezinhlelo, ngokulawula, ngokuphatha, ngisho nangezinhlelo nje eziqala ukwakha uhlaka ngemibuzo emayelana nohlelo lwempilo kazwelonke.
“Sibuye saxwayisa siphindelela ngokuba nesikhwama esisodwa seNHI ngokuthi, phakathi kokunye, kuzodinga ukukhuphula izintela ngendlela yokuthi kuzogcina kungasasimamiseki. Lokhu akukhoneki, akusimamiseki futhi kuletha ingcuphe kwezomnotho.”
Khona lapho isikhwama sezwe sentela sifukulwa ngabantu abayingcosana njengoba iningi liungasebenzi nje. Umbuzo uthi ngabe uRamaphosa wenze ngakhona noma usethinte iziqandu ezizomhudulela enkantolo.

