Kuthiwa zizuza ngenxa yoyise izingane zoMengameli e-Afrika



UNgubane ungungoti wezindaba ezimayelana ne-Afrika nezokubusa.
Izibusiso zawoyise zehlela ezinganeni zoMengameli nababusi e-Afrika okwenza zigabadele ukwedlula abanye
ISIKHUNDLA sokuba nguMengameli noma nguNdunankulu wezwe singesihlonishwa kakhulu. Lapha usuke ungaholi nje kuphela izinhlaka zepolitiki kepha ngisho umbutho wezempi. Nokho ngale kobukhazikhazi okungenzeka ukuthi kuza nesikhundla kukhona ingcindezi eba khona kumalungu omndeni. Umphumela lapha kuba ngomuhle kwabanye kanti kwabanye kube yinhlekelele. Izingane kanjalo namalungu emindeni yabaholi abaningi ikakhulukazi e-Afrika sezithole ukugxekwa ekutheni zizuza ingcebo kanye namandla epolitiki ngenxa yezikhundla zawoyise. Kanti ngakolunye uhlangothi yize abanye bezama ukuziphilela impilo yabo, ukukhuluma kuyabalandela ngenxa yakho belu ukuzalwa ngabaphathi nababusi bezwe.
EKenya kunamadodana amabili abaholi baleliya lizwe ababesezikhundleni eziphezulu kuHulumeni nasemzabalazweni wabantu bakhona wenkululeko. Lowo owabe enguNdunankulu waseKenya kusuka ngonyaka wezi-2008 kuya kowezi-2013, uMnu uRaila Amolo Odinga uzalwa yiqhawe lomzabalazo nengcithabuchopho eseyaguqa uMnu uJaramogi Ajuma Oginga Odinga owabe eyiSekela Mengameli waseKenya nowagcina esehola iqembu eliphikisayo kuleliya lizwe. Enye indodana kaMnu u-Oginga Odinga nguMnu u-Obura Odinga obeyisikhulu kuHulumeni aphinde abe yilungu leSishayamthetho. Ngakolunye uhlangothi uMengameli osesihlalweni eKenya, uMhlonishwa u-Uhuru Kenyatta uyidondana kaMengameli nophinda waba nguNdunakulu wokuqala waleliya lizwe kwaboHlanga, uMnu uJomo Kenyatta. Okumangazayo ngemindeni yakwa-Odinga nowakwaKenyatta wukuthi njengoba kwakunjalo koyise amadodana asadudulana namanje njengoba engaboni ngaso linye kupolitiki. Ingcindezi kuwo wukuthi agcine isithunzi kanjalo nomlando woyise ungunaphakade. Kunenkolelo yokuthi nababavotelayo balandela amagama oyise.
E-Uganda khona ingcindezi yimilando kayise ibukeka ide ivela kuMnu uJaffar Amin oyindodana kaMnu u-Idi Dada Amin owabe enguMengameli wase-Uganda kusuka ngowe -1971 kuya kowe -1979. Kuningi asolwa ngakho lo mholi, phakathi kokunye wukubulala abantu ababephikisana naye, inkohlakalo nokunye. Yize uMnu uJaffar Amin esaziqhelisanisile nepolitiki yasezweni lakhe njengoba ngonyaka wezi-2009 wavula isikhungo i-Al–Amin Foundation enezinhloso zokuhlanganisa imiphakathi eyahlukene ngokwezamabhizinisi ezolimo, akusali ukuthi uzalwa ngubani. Nokho e-Uganda emadodaneni alaba ababesebuholini nabasekubo abaziqhelanisile nepolitiki. Indodana kalowo owayenguMengameli wase-Uganda uMnu uMilton Obote owahola i-Uganda kuyiwa enkululekweni ngowe-1962, umnu u-Apollo Milton Obote usekuvezile ukuthi isifiso sakhe wukuba nguMengameli wakuleliya lizwe yize kungakahlangani kepha izifiso zakhe akazifihlile. Kanti indodana yalowo osesihlalweni uMengameli uYoweri Museveni yize ikwezempi kepha ayanda amahlebezi athi uma uyise esehlala phansi izosukuma yona ifune esobumengameli. La mahlebezi andiswe nayisinqumo sikayise sokukhweza uMnu uMuhoozi Museveni kwesokuba nguMajor-General embuthweni wezempi. Lokhu kukhuphule izinhlonzi ngoba kuleliya lizwe umbutho wezempi nguwo obeka ‘amakhosi’ yikho kucatshangelwa ukuthi uyise umhlelembela eyokuya kwesobuMengameli.
Kanti e-Equatorial Guinea khona nokuyizwe likawoyela uMengameli wakhona uTeodora Obiang Nguema yena okhweze indodana yakhe uMnu Teodorin Obiang Mangue esikhundleni sokuba yiSekela Mengameli elibhekele izindaba zezokuvikela nokuphepha .
Abayizinjinga
Ezweni i-Angola khona kukhulunywa ngendodakazi kaMemgameli wakhona uNks u-Isabel dos Santos obalwa njengohamba phambili e-Afrika kwabesifazane abanemali. Ingxenye ethize kuleliya lizwe ikhala ngokuthi uNks u-Isabel dos Santos uthola lo mcebo nje yingoba uyindodakazi kaMengameli uJose Eduardo dos Santos. Okwandise lezi zinkulumo wukuthi uMengameli u-Jose dos Santos usanda kuqoka indodakazi yakhe ukuba ibe yinhloko yenkampani yezamandla yase-Angola iSanangol.
UNks u-Isabel dos Santos uvele unamasheya angama-25% enkampanini yamaselula i-Unitel kanti futhi inamanye ezinkampani eziningi zase-Angola nasePortugal.
Indodana kalowo owabe enguMbusi waseLibya uGaddafi uMnu uSif al-Islam Gaddafi naye uthathwa njengomunye wezinjinga zase-Afrika. U-al-Islam uyaziwa ngempilo ephezulu ayeyiphila nezinjinga, nosopolitiki baseBritain okuthe kungafa uyise wabe esehlehlelwa zikhuni.
ENingizimu Afrika indodana kaMengameli uJacob Zuma uMnu uDuduzani Zuma naye unukwa ngakho ukuhlomula ngenxa kayise uMengameli uZuma. Kulabo abasho njalo babeka phambili ubufakazi bokuthi usemcane kakhulu ukuthi angaba kuleli zinga lempilo nomnotho akulo. Basola ukuthi uncikiswe ezinkampanini zomndeni wakwaGupta ngoba abakwaGupta befuna ukuthola amavenge ezinkontilekeni zeminyango nezinhlaka ezahlukene zikaHulumeni.