Ukhuluma uyaziphikisa ngeqhaza le-Afrika emhlabeni uRamaphosa



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UMengameli uCyril Ramaphosa usenxuse amazwe ase-Afrika ukuthi athathe izikhundla zawo emhlabeni jikelele futhi enqabe ukungena ezingxabanweni ezingale kwemingcele yase-Afrika.
Uthe izwekazi lisatshiswa ngezijeziso ezivela emazweni anamandla ngokulandela inqubomgomo yangaphandle ezimele kanye nokuthatha isikhundla sokungachemi. Ubekhuluma emgubhweni we-Africa Day eCradle of Humankind, enyakatho-ntshonalanga yeGoli.
Lolu suku (umhla zingama-25 kuNhlaba) lusetshenziselwa ukubheka ingqophamlando, izinselelo kanye nekusasa lezwekazi. Lolu suku lugujwa ezwenikazi lonke lase-Afrika abanye bebheka emuva emlandweni wabo wamakoloni nokuthi bakwazi kanjani ukunqoba isitha ngaleyo ndlela bathola inkululeko.
Futhi uMengameli Cyril Ramaphosa uthe abantu base-Afrika banezinkumbulo ezibuhlungu ngezimpi ezilwela amalungelo e-Afrika futhi izwekazi akumele libuyele lapho.
“INingizimu Afrika ibingakangeni futhi ngeke ingene emqhudelwaneni phakathi kwamazwe omhlaba. Sizoqhubeka nokulwa neziphakamiso zokulahla inqubomgomo yethu yezangaphandle ezimele nengachemile,” kwengeza uRamaphosa.
URamaphosa uthi ukube bekungengenxa yokuqina kwama-Afrika ngabe abacindezeli ezwenikazi baphumelele ukucekela phansi abantu bomdabu bakhona. Uthe amakoloni afika e-Afrika nomsebenzi owodwa, okwakuwukuthatha ingcebo yezwekazi, kodwa ngenxa yokuthi ama-Afrika ayakwazi ukuqina, awazange aphumelele.
“Sigubha uSuku lwe-Afrika, ngoba sizikhumbuza ukuqina esinakho njengama-Afrika. Ukuqina okusikhiphile lapho sisuka khona kanye nokuqina okusiyisa ekusaseni lethu. Sigubha uSuku lwe-Afrika ukugubha ubumbano lwethu njengama-Afrika,” kuchaza uRamaphosa.
Khonamanjalo, uNdunankulu waseGauteng, uPanyaza Lesufi uthe ukuze i-Afrika iye phambili, ubumbano luzobaluleka kakhulu. Uthe izwekazi kumele libumbane libe lesimanje futhi lihlomule engcebweni yalo, ngokusebenzisa izimbiwa.
“Ubumbano lwethu akulona nje olwenziwayo, luyisidingo esisifaka ekusebenzeni ngezindlela ezibambekayo. Ubunye bethu akuwona nje umzamo oqotho wokuvuselela ubu-Afrika bethu, kodwa kuyinqubo ehlanganisa wonke umuntu. Inqubo efuna ukuzuza into eyodwa nento eyodwa kuphela, ukwenza izwekazi lethu libe lesimanje,” kusho uLesufi.
Lapha eNingizimu Afrika, lo mgubho obalulekile woSuku lwe-Afrika uhlonishwe ngaphansi kwendikimba ethi, “Sijulisa Umbono we-AU Wobunye, Impumelelo, Ukuthula Nokuziphatha Kwe-Afrika Engcono Nomhlaba Ongcono”