Now Reading
INdlondlo ishiye abeNguni benesihlangu sokubavikela
Dark Light

INdlondlo ishiye abeNguni benesihlangu sokubavikela

INdlondl’enophaphe’ekhanda

Ndaba kawulalele lomunt’omemezayo

Umemeza sengathi uyakhala

Ukhal’isililo

Uth’igula likaJama lichithekile

Lichithwa yiNgqwel’endala

Ngeyakithi kwaMalandela

Unesibindi Buthelezi

Ngokukhuthazel’umtakaNdaba

Bemthuka bemcokofula

Bethi uZwelithini kayikubusa

Kayikuba Nkosi

Kanti bamgcoba ngamafuth’empepho

Yakithi kwaMalandela

USodidase!

Ngithi ake ngiqale ngokuyihasha iNkonyan’encane kaNdaba, edid’imbala, umphikeleli wensizwa ngokuphikelel’amadod’ akwaZulu esephelelwe ngamandla. Lokhu ngikwenza ngokujulela umlando weSILO esikhotheme namadelamzimba esizwe INJEJE yabeNGUNI. Kwathi mhla oMdala ezwakalisa ukungenami kwakhe emcimbini owawusoPhongolo mhla zingama-30 kuNdasa wezi-2015, lapho iSILO sakhala ngokuba budedengu kukaHulumeni ekuvikeleni imingcele yezwe njengoba abantu bokufika bebhuza lonke izwe namadolobha asephenduka into ongayazi. Ukubhonga kweMbube kwafana nomhlahlo ngoba akuphelanga izinsuku kwabe sekuqubuka umgangela omncane phakathi kwabomsinsi nabokufika eSiphingo. Lo mgangela wasuswa abakwaJeena Cash & Carry mhla bexosha aboHlanga emsebenzini baqasha abokufika bodwa khona lapho. Ezakithi zathi ake sibone ukuthi laba abokufika bazokwazi na ukusebenza bematasa nokuvika, kwathina siyabhaxabula simanxele! Bachitheka bugayiwe. Izitolo zabo zashiswa nabo bekhuthazwa ukuba bakhumbule emakhaya phela. Abake bagoduke nedlozi labo libabone lithokoze likade labagcina. Lo mgangela wadala ukuthi abathize basole umhlahlo weNgonyama ukuba yiwo owaba yimbangela yokunyakaziseka kwabokufika. Loku kusolwa kweSILO kwaze kwaholela ukuthi iSouth African Human Rights Commission (SAHRC) ikhiphe isitatimende lapho eyayiveza ukuba izophenya iNdlondlo yonke ngombhulo wayo. 

Ngathi uma ngifunda lesi statimende sakwaSAHRC ngezwa kusuka unyazi ezinzwaneni lwakhuphuka njalo lwenyuka ngomgogodla lwanqamula phakathi namahlombe luyinhlamvu luyoqhuma ngokhakhayi kwamnyama amehlo. Ngizibuza ukuthi kanti ngempela uma sekukwazi ukuthi kusuke umuntukazana wakoMushwana avele abe nesibindi sokuthi athi yena uzophenya uNomthebe kaZulu ibheshu kanti okhokho babefelani? Ngabona kukuhle ukuthi kengibhalele okaNdaba incwadi evulelekile ngibika koNgangezintaba ukuthi cha isizwe sesihlupheke kwanele, kasinike umhlahlandlela okaJininindi ukuthi senzenjani njengentsha yoHlanga uma kunje ngoba kasihambisani nalokhu osekwenzeka.

Incwadi wayithola uMdlokombane wayesejuba uMntwana uMbonisi kaBhekuzulu ukuthi ahlanganise umhlangano. Kwathi mhla zili-13 kuMbasa wezi-2015, iBhubesi lathi makube nomhlangano ehhotela iBeverly Hills eMhlanga ngosuku olulodwa nalolu okaNdaba ayezohlangana ngalo nowayenguNgqongqoshe Wamaphoyisa uNathi Nhleko, owayenguNgqongqoshe Wezasekhaya uMalusi Gigaba, owayenguNgqongqoshe Wezinhloli uDavid Mahlobo kanye nowayenguNdunankulu KwaZulu-Natal uSenzo Mchunu. 

Emhlanganweni wami neNgonyama kaZulu kwakukhona uMntwana uMbonisi nabanye aBantwana, uMehluleli uJerome Ngwenya, iNdlovukazi uMaMchiza waseNyokeni noMnu uNhlanhla Mtaka. Mina ngangifisa okaNdaba avele athi asilishise izwe libe umlotha ngoba ilangabi lobusha lalivengezela phezulu ngaphakathi kimi. Ngangibona kahle ukuthi isifikile le mpi engayizalelwa. Yize ngingeke ngangena kokwakhulunywa kepha iNgonyama yakubeka kwacaca ukuthi uBukhosi nezizwe zabeNguni sezidinga isihlangu esingachemile nepolitiki, kepha esibutha intsha ukuba izazi futhi ililwele iphinde ilivikele izwe lokhokho bayo. Wathi okaNdaba sekudingeka “INJEJE ezovikela isizwe nezwe lomkhulu, ezolivikela ngisho naseMakhosini angahloniphi isizwe, amadelamzimba!” Kulo mhlangano engaba nawo nabantu abadala ngakhuliseka kakhulu, ngayalwa kakhulu ngezinto okumele ngiziqhaphele njengoba kusungulwa INJEJE. Wabeka inkulumo kimi yacaca uBhejane nengayamukela ngavuma ukuyimela. Izibongo zami ezithi; “iNkunzi yeNJEJE eyaphum’ eNyokeni echoboze ngezimpondo zombili, isihlangu ngapha nobungcwele ngapha” ngaziphiwa emva kwawo lo mhlangano.

See Also

Umlando weNJEJE emva kwalo mhlangano kanye namava awo esizweni kuze kube inamuhla kuyaziwa. Nanoma imuphi usopolitiki ugawula abheke uma sekuziwa kumaDelamzimba ngoba imvelo yawo kawenqeni sitha sesizwe. ISAHRC sayibhalela incwadi esheshayo siyikhuza ngaleli dede ehamba ilikhuluma lokuthi izophenya iSILO ibheshu ngendaba yomgangela wabomsinsi nabokufika. INgonyama yasikhuza yathi sibayeke ngoba vele kakukho abazokuthola. Basinda ngaso futhi iSILO oMushwana nezimpaka zakhe.

INdlondlo yayikhonze ukungimema ukuba ngiyiphelezele nxa ihamba eminye imicimbi, komunye okaBhush’obukhali evakashele iNdlu yokukhuleka esindala yamaSulumani eThekwini. Ngibuka abezizwe beya koNgangezwe bemile bethe mpo kungathi baya shobinga. Ngaqoma ukuthi ngishaye phansi ngedolo ngiye ngawo kuNomthebe okwathi uma ngifika kuye, wathokoza wathi: “Mfan’wami ngiyabonga ukuthi ubafundise inhlonipho. Ngiyakubona ukuthi awudli njalo wena, phaka udle Mnguni!” Emveni kwalokho bonke basebeshaya ngedolo phansi ngawo amakhethinisi amhlophe abizayo bebheke kuNomthebe. 

Ngomhla zingama-23 kuNhlolanja wezi-2016 kuvulwa iSishayamthetho saKwaZulu-Natal, iNkosi yoHlanga yamemezela ukuba isijube INJEJE yabeNGUNI kanye neSivananda World Peace Foundation ukuba zihlanganise izikhalo zaboHlanga kanye nezamaNdiya ukuze kutholakale umongo odala ukungezwani phakathi kwalezi zinhlanga zombili. Lokhu kwaholela ukuba uHulumeni wesifundazwe wenze iSocial Cohesion Summit eKwaMashu Christian Centre neyamenywa INJEJE ukuba iyoba ingxenye yayo iphinde yenze izethulo kuyo. Kwaba nenkiyankiya yenkinga mhla ngifonela izinduna zasehositela lakwaMashu ngibuza ukuthi ngabe zona zazisiwe yini ngale mbizo. Kwavela ukuthi izinduna kazazi lutho. Lokhu kwangidida kwaphoqa ukuthi ngithinte iZinyane leMbube uMntwana uNhlanganiso kaZwelithini ukuthi mhlasimpe yena njengoSihlalo weSibaya Samadoda uyazi kwenzakalani. 

Ngathola ukuthi okaNdaba yize yena ebazi ngomcimbi kodwa wadideka njengami uma esezwa ukuthi izinduna kwaMashu kazazi lutho. Ngathinta abeHhovisi likaNdunankulu okuyibo ababehlela umcimbi, kwangaphuma impendulo ecacile. Sagcina sihlangene noMntwana uNhlanganiso kanye noMntwana uMthokozisi eKCC sayibhunga le ndaba kwase kuqhamuka insizwa yakwaMazibuko yakhona eHhovisini likaNdunankulu yachaza ukuthi sebexhumene nezinduna bahlela izimoto zokuzilanda kepha waze waphela umcimbi lutho ukufika izinduna okanye amabutho. Kwafika neNkosi engathwasela uBukhosi ezweni layo, iNkosi uMabhudu Tembe, nayo yamangala iNyamazane kaNgwanase uma itheleka ukuthi kanti siphi isizwe. Kwasiphatha kabi njengezithunywa zeSILO ukuthi kungenzeka kanjani lokhu, kepha walithola uMntwana wasoSuthu, uMntwana uMthokozisi ithuba lokuphawula, wageqa amagula okaNdaba ngalelo langa suka. Awu, alale ngokuthula okaMpande. 

UHlanga Lomhlabathi laliyivikela INJEJE ngisho kubangani balo uqobo, njengakusomabhizinisi weNdiya odumile eThekwini ngamahhotela namaCasino okwathi mhla ephambana neNJEJE ngenxa yokwenza nokukhuluma kwakhe, lamkhuza masinya uQasa likaWasa, lamchazela ukuthi akaqaphele ngoba ukuphambana kwakhe neNJEJE ukuphambana kwakhe naso uqobo. UMthente kaJama waphinde wasijuba ukuba silekelele aBantwana baseNdlunlulu ukuphebeza impi eyayihlose ukwehlisa isithunzi soMkhosi WoMhlanga njengoba kwakukhona imilonyana eyayithi kawuvalwe. Nalapho isikhuni sabuya ngomkhwezeli kwababehlose ukuthintibeza isithunzi sabeNguni, yaphetshezwa leyo mpi kwashaya umoya.

UNdaba omuhle kakhulu onyembez’zophela ngaphakathi mhla eyokhalela isizwe sakhe wayeyiNgonyama eyayinomusa kakhulu, ekhonze uzwano. Yikho lokhu okwenza okaNdaba avume ukuba uDiwali okulusiko lwamaNdiya  lwenziwe eSigodlweni sasoSuthu. Sazwakalisa ukungahambisani nalokhu ngoba sikhathazwa ukuthunazeka kwamathongo esizwe nxa kuzokwenziwa usiko lesinye isizwe eSigodlweni sawo. Lokhu kwathukuthelisa abanye aBantwana, basisola ngokungayihloniphi iNgonyama kepha inkinga babengekho mhla kusungulwa INJEJE, namazwi iMbube eyawaphimisa kimi kabazange bawalalele. 

Ababekhona abaziyo futhi aBantwana ababekhona abenjengoMntwana uMbonisi kazange nakancane basisole ngalutho ngoba babazi ukuthi kuwumsebenzi esawunikwa nguye uNomthebe ukuthi siqaphe izinto eziyingozi esizweni. Kwathi ngomhla zingama-24 kuMandulo wezi-2017 eMkhosini weLembe, iNgonyama yaphawula esidlangaleni ukuthi kangeke izwe ngathi ukuthi kumele izwane nobani, ingazwani nobani okwadala ukuthi ukukhuluma kwande ezweni ngokuthi INJEJE ixabene noMdala. Okwaba buhlungu kithina njengeNJEJE ngalelo langa ukukhothama koMntwana uMthokozisi wasoSuthu kanye noMntwana uSipho waseNtembeni emva kokuthi imoto ababehamba ngayo bebheke kuwo uMkhosi weLembe ingene engozini. INJEJE iqhubile umsebenzi eyawusungulelwa yamela isizwe isivikela ezigamekweni eseziningi kakhulu kuze kwaba uNdunankulu wayo aphoqwe yithongo ukuba ayothwasa, ethwasela kona ukulungiswa kanye nokwelapha isizwe sabeNguni.

INJEJE yabeNguni imile phezu kwesiyalo sikaNomthebe kaZulu, imile ekuhambeni phambili ekuvikeleni izwe lawokhokhomkhulu njengesifiso sayo iNgonyama kaZulu. Miningi imilomo iyavunana, yilowo nalowo usho akushoyo ngeSILO, kepha umlando abangeke bakwazi ukumephuca okaNdaba ukuthi ungumsunguli nomqambi weNJEJE yabeNGUNI. Siyingxenye yamava akhe okaMamonga futhi siyohlale simile kwasijuba kona uNkom’ esengwa yiviyo. 

Hamba ngokuthula Hlanga Lomhlabathi, uthi nawufika kweliphakade koMalandela kwaNkomonye ufike uyitshele izinyandezulu ukuthi kazingabi nexhala kakhulu ngesizwe, ikhona INJEJE!

Wena weNdlovu, Hlanga Lomhlabathi

Scroll To Top