Ushubile umbango wesicoco seligi kwelamaNgisi
Ishubise umbango wesicoco se-English Premier League (EPL), i-Arsenal ngesikhathi italabha iChelsea ngama-5/0 izolo ebusuku emdlalweni obuse-Emirates Stadium, eLondon, kwelamaNgisi.
IGunners ivule igebe lamaphuzu amathathu phakathi kwayo neLiverpool esicongweni ngemuva kokubhubhisa iBlues emdlalweni weligi obubhekwe ngamehlo abomvu.
Amagoli aleli qembu laseLondon abaselwe enethini nguLeandro Trossard, uBen White oshaye amabili noKai Havertz.
I-Arsenal ithungatha isicoco sayo sokuqala seligi ngemuva kweminyaka engamashumi amabili izabalazela ukudla ubhedu kweseligi.
Izolo ebusuku isheshe yacacisa ukuthi ayizile ukuzosinisa amahlezi. Ngomzuzu wesihlanu uTrossard ubeke leli qembu phambili. Kuyiwe ekhefini iGunners ihamba phambili ngeli-1/0.
Ngesiwombe sesibili ivuke indlobane. Ngemizuzu engamashumi amabili nanhlanu ibhakuzise enethini amagoli amane ngokukhulu ukushesha.
Njengamanje isiqoqe amaphuzu ayishumi nesikhombisa nesikhombisa ngemuva kwemidlalo engamashumi amathathu nane.
NgeSonto izobhekana nabakhaya bayo iTotenham Hotspur emdlalweni wezimbangi ezinkulu zaseLondon libumbene ihora lesithathu eTottenham Hotspur Stadium, eLondon, ngoLwesihlanu.
Umbango weligi ushubile phakathi kwe-Arsenal, Liverpool neManchester City. Kusasa, iCitizens izobhekana neBrighton ngehora lesishiyagalolunye eFalmer Stadium koweligi. EzikaPep Gaurdiola zisethubeni lokunyukela endaweni yesibili uma zinqoba.