Now Reading
ISILO singenelele odabeni lomnotho wezimbiwa emakhaya
Dark Light

ISILO singenelele odabeni lomnotho wezimbiwa emakhaya

Siyezwakala isililo sentsha, esabesifazane nesamakhosi ezizwe odabeni lwemihlomulo ngezimbiwa

 

‘‘NJENGAMI, nani yibani nombono lapho endaweni enezimayini namahlathi kwelikaMthaniya kungekho ukukhala ngokungabi nagesi, umtholampilo nesikole. Lapho ukuswelakala kwamakhono kuyinto yayizolo. Indawo lapho abaphathi bezimayini bazi ukuthi enethunga kayisengeli phansi futhi bazi ukuthi empeleni bona bawutho ngenxa yomphakathi lona obaboleke indawo ukuthi bahwebe. Leli yiphupho lami engithi nani yibanini yingxenye yalo.” Lawa ngamazwi aphinyiswe yiSILO ehholo ebeligcwele phama eMpangeni enhla nesifunda sakwaZulu-Natal.

Lona bekungumhlangano obuyingqophamlando lapho Ongangezwe Lakhe abebize khona izinhlaka zobukhosi kanye nabezimayini esithangamini sokuzobonisana ngodaba lwezimbiwa kwaZulu-Natal. Lokhu bekulandela isimemezelo esenziwa yiSILO esikhathini esingangonyaka nayilapho sasivula khona iSishayamthetho ngomhla zizi-4 kuNdasa 2014. Sibikezela ngalo mhlangano ISILO sathi “Kulo mhlangano ngilindele ukuba uhulumeni waKwaZulu-Natal kanye neBhodi leNgonyama Trust baphume nohlelo oluqondile esizolusebenzisa lapha KwaZulu-Natal ngoba abantu balesi sifundazwe abakwazi ukulamba benomhlaba kanye nezimbiwa eziningi kangaka emhlabeni wabo.”

Nembala izithunywa ebezivela ezizweni ezehlukene kwaZulu zithelekile eMpangeni. Phakathi ehholo bekungekho ngisho indawo yokuhlala nokuphoqe abagqugquzeli ukuthi bahlele ngokunye. Wonke umuntu obelapha kusuka emakhosini ezizwe, izinduna kanye namalungu omphakathi imilomo ibivunana bonke bethi sesiἀkile isikhathi sokuthi nabo kumele bahlomule engcebweni etholakala ezindaweni zabo. ISILO lawa mazwi siphinde sawaphimisa nayilapho siyale khona amakhosi kanye nezinduna ukuthi zingalokothi zithengise ngefa likaZulu okungumhlaba. “KwaZulu umhlaba kawukho endalini. Othengisa ngomhlaba uyisitha sobukhosi nesitha somphakathi ngoba ngokwenza njalo uphuca uZulu isipho asinikwa nguMdali. Owenza le mikhuba yokuthengisa ngomhlaba noma ngabe uyinkosi yesizwe, uhulumeni, induna akayeke ukwenza lokho ngoba ngokwenza njalo uzininda ngehlazo.”

Khona lapho ISILO silivikele ilungelo lamakhosi lokuba yingxenye yentuthuko ezindaweni zawo kepha saphinde saxwayisa lawo asengenwe ngumdlavuza wokuthengisa ngomhlaba. “Umuntu osabuka ubukhosi njengesithiyo entuthukweni ngumuntu owenqena ukuthi ubukhosi buzomuthikameza ekugileni imikhuba ngoba phela esimweni esejwayelekile okuhamba ngobukhosi kumele kube sobala kungenziwa esithe. Akekho ongazi ukuthi imikhuba yamaqola kayenzelwa obala, yikho nje kungamaqola lawa aphakamisa ukuthi amakhosi kawaqhele ezinhlelweni zentuthuko. Ngiselapho ngiyaἀsa ukukwamukela ukuthi lapha ezinhlakeni zobukhosi kukhona asebehamba nawo amaqola lawa ukuphanga ifa lesizwe. Lokhu kungamanyala okumele sonke siziqhelelanise nawo,” kusho ISILO sinanelwa yihlombe kuqhuma u‘Bayede!’.

Lo mhlangano uhlala nje kuvele kunezikhalo emphakathini ngalokhu umphakathi okuhumsha njengokuxhashazwa kwawo yizinkampani zezimayini kanye neminyango ethize kahulumeni. Oshicilelweni lwakamuva leli phephandaba liveze izikhalo zamakhosi nemiphakathi ephila ngaphansi kwayo mayelana nodaba lokuthathwa kwehlabathi yizinkampani ezakha imiqgwaqo kepha umphakathi ungazuzi ngalutho. Umbiko weBAYEDE waveza ukuthi le nkinga ikhona kuzo zonke izindawo zamakhosi. Emhlanganweni wesigungu esiphezulu seNdlu YabaHoli boMdabu KwaZulu-Natal, obubanjelwe esifundeni sasoGwini loyo ophathiswe eZokuthutha uMhlonishwa uWillies Mchunu wakwamukela ukuthi kukhona okuyizinqinamba nathembisa ukuthi kuzolungiswa emuveni kokubonisana namakhosi.

Izethameli zomhlangano obuseMpangeni basole kakhulu abezimayini kanye nabasuke bakha imigwaqo ngokubeka izimpilo zabo engcupheni ngenxa yobudedengu. Okuvelile wukuthi kwezinye izindawo kumbiwa imigodi ingabe isavalwa nokugcina kulimaze abantu nempahla.

Okunye okucacile wukuthi ibhodi le-Ingonyama Trust nalo kalinayo imithetho eqinile ukugwema isimo nokuyinto okuvunyelwene ukuba kumele ibhekwe ngokuphuthumayo. Phakathi kwenqubomgomo ISILO esithe kayibhekwe ngokuphuthumayo kusetshenziswana nohulumeni kanye nezinkampani wudaba lokuhlomula komphakathi. Lapha oNgangezwe Lakhe uthe akaboni ukuthi lokhu kungathusa abantu ngoba phela izinkampani lezi ezihlweba lapha kwaZulu zinazo izinhleo ezifanayo emazweni lapho zivela khona nakwamanye amazwe neminye imiphakathi. “Lokhu engithi akwenzeke akukusha. Emazweni abo bayakwenza nalapho behweba khona, emiphakathini engeyona yasemakhaya. Lokhu engithi akwenzeke kulilungelo labo abasemakhaya ngoba nabo bangabantu futhi banamalungelo”.

Beziphendulela abe-Ingonyama Trust Board bavumile ukuthi kuningi okusamele kwenziwe ukuvikela ilungelo lobunini nokho babe sebeluleka ukuthi okunye kwenzeka ngasithe bengazi kuthi nxa umkhonto usujame enxebeni bese kuyima bazi.

“Iningi labanikazi bezimayini bavele baxhumane nabantu okungafanele ngabe baxhumana nabo ukuthola izimvume zokusebenza. Kushiywa ngaphandle izinhlaka okufanele ngabe kuxhunyanwa nazo mayelana nezimvume zokusebenza. La maqili alutha izinduna namakhosi ngokubasayinisa imiqingo emikhulu futhi bengachazelwe ukuthi ithini. Kuvelwe kuthiwe manje nkosi noma nduna siyaphuthuma sicela usayine lapha.” kuphetha uMahluleli uNgwenya obekhulumela Ingonyama Trust Board.

See Also

Enkulumwnei yaso yokuvala lo mhlangano ISILO sigcizelele ukuthi labo abangamanxusa omphakathi kanjalo namakhosi kumele abe nezindlela ezingcono zokuxhumana nokuba nezithangami zokuxoxa phakathi kwezinhlaka ezithintekayo.

“Okunye okumqoka wukuvuma ukwehluka ngemibono ngehloso yokuqhamuka nesixazululo esiyiso. Lokhu kumqoka ngoba ngiyaqaphela ukuthi ukuswelakala kwezinkundla zokubonisana kwenza abantu bafuthelane uzwe nje sebethathana kwabezindaba uzibuze ukuthi konje laba bantu kabaxoxi ngani. Ngicabanga ukuthi kumqoka ukuthi zibe khona izinkundla zokubonisana ezingeni lomphakathi kusukela namuhla.”

Enkulumeni yakhe Ongangezwe Lakhe unxuse izinhlaka ukuba ziqhamuke nento ebambekayo: “Umphakathi wasemakhaya ulindele lukhulu kulo mhlangano ngakho sonke asiqinisekise ukuthi esizophuma nakho kuletha izinguquko ezimpilweni zezigidi zabantu abakhele umhlaba wobukhosi. Ngikuzwile ukukhala kwabantu abasha, abesifazane kanye namakhosi ezizwe ngodaba lwezimayini nokungabi bikho kohlelo oluqondile lokuthuthukisa leyo miphakathi. Ngiwazwile futhi namaphupho amahle kahulumeni okuzama ukuthuthukisa izindawo zasemakhaya kanye namadolobha ayenezimayini” kusho ISILO.

Ongangezwe Lakhe uphethe ngokuthi: “Yingakho ngithi kini makhosi ezizwe namanxusa emiphakathi ngithi amathemba entsha engasebenzi nengenawo amakhono alele kini namuhla ukuthi niqhamuke nekhambi. Abesifazane emakhaya abasebenza umhlabathi nabakwamanye amabhizinisi babheke kini. Konke lokhu okuhle enizokuxoxa lapha kwenzeni ngoba kufanele hhayi ngoba nenzela mina. Okwami ukuqinisekisa ukuthi niyayibona indlela njengabavikeli bezolo, inamuhla kanye nekusasa”.

  • Enkonyaneni elitholakala mahhala ezindaweni zasemakhaya, UBUKHOSI ngesonto elizayo kuzoshicilelwa zonke izethulo kanye nezinqumo zomhlangano.

Scroll To Top