Umbhali, usopolitiki, ummeli uDkt uPheko ubeyikho konke
Ezinsukwini ezimbalwa kusuka manje iNingizimu Afrika izogubha usuku lwenkululeko yeminyaka engama-30. Kuyishwa ukuthi kulokhu lolu suku oluyingqophamlando elakuleli lizoligubha lisibekelwe yifu elimnyama ngokudlula emhlabeni kogalagala lomzabalazo uDkt uMotsoko Pheko.
Uhambe eseneminyaka engama-93. Enkulumweni ayenza eseyilungu lePhalamende elimele iPAC ngowezi-2006 kugujwa ukuphela kweminyaka eli-16 izwe lakhululeka wathi: “Sekuyiminyaka eli-16 singaphansi kwesikubiza ngenkululeko ngaphansi kukaHulumeni we-ANC, kodwa bahlulekile ukubuyisela umhlaba kubanikazi bawo osesezandleni zabamhlophe. Ayikho inkululeko esingayibhiyozela uma aboHlanga bengakabuyiselwa umhlaba wabo ukuze babe ngabanikazi bakho konke okukuwo.”
Esikhathini asihlala njengelungu lePhalamende eKapa, phakathi kowezi-2003 kuya kowezi-2008, kwakungelula ukubona ukuthi iPAC yabe inesihlalo esisodwa kulesi sakhiwo futhi kunguye oyimele ngoba wayeyisishabasheki engayivali inkulumo engazange aluthinte udaba lomhlaba okuyilo iPan Africanist Congress of Azania eyasungulelwa phezu kwesisekelo sokubuyiswa kwawo.
Ngalesi sikhathi wakwazi ukunyusa ukwethenjwa kwePAC okwatho ngowezi-2003 waqokwa njengoMengameli wale nhlangano. Ukusebenzisana kwakhe neqembu elibusayo, kanjalo namaqembu aphikisayo ePhalamende akuzange kumgudluze kulokho iqembu elalimjubile elalikholelwa kukho.
Kozakwabo ePhalamende babemazi njengeqhathanzipho, isifundiswa futhi eyintandokazi nakwabezindaba ngenxa yezimpendulo zakhe nokubeka izinto njengoba zinjalo. Usebenze emakomitini ahlukahlukene ePhalamende kusuka kweLezindaba Zokuxhumana Namazwe, eLezokuphepha Nokuvikela, Ubulungiswa Nokuthuthukiswa Komthethosisekelo, Amasiko, Ubuciko, iSayensi Nobuchwepheshe.
Ngaphansi kobuholi bakhe wakwazi ukubumba iPAC iminyaka emihlanu kwavuselelwa amagatsha okuthe sekusele unyaka kuyiwe okhethweni wavukelwa yizimbangi zamketula. Ngenxa yokuba namakhono amaningi emuva kokuxoshwa kuPAC ugxile kakhulu ekubhaleni izincwadi zezomthetho, ipolitiki nezenkolo. Enye yezincwadi zakhe ngethi,: Apartheid: The Story of the Dispossed People eyashicilelwa ngowe-1984. Kule ncwadi ukhuluma ngosizi lwaboHlanga nokwemukwa umhlaba akufaniswa nokukhunyulwa ushiywe unqunu esigangeni. Kukhona nethi, The Truth History of Sharpeville Must Be Told, eyashicilelwa ngonyaka wezi-2001.
Kule ncwadi uDkt uPheko ulibeka ngesihloko elokuthi uma kungakafikwa ezimpandeni ezaholela esibhicongweni saseSharpeville zingama-21 kuNdasa we-1960 lapho uhulumeni wobandlululo waqotha ngenhlamvu ababhikishi ababephikisana nomthetho wokuphathwa kwamapasi, kufana nokuthi kusasiniswa amahleza.
Kule ncwadi uveza ukuthi labo abasemandleni kumele benze ubulungiswa kubantu baseNingizimu Afrika nemindeni yabasala enkundleni eSharpeville ukuba kunxeshezelwe izisulu kuphinde kubuyekezwe imithetho eminingi yobandlululo esasebenza kulesi sikhathi senkululeko evikela ababengabacindezeli nezizukulwane zabo.
Ufunde wagogoda
Uma ezoqala inkulumo yakhe kulabo abalalele bebesuke sebemagange ukuzwa umyalezo wakhe ngenxa yokuba yigagu ekukhulumeni nolwazi olunzulu aluzuze kwangqondonkulu aphekwe kubo, UDkt uPheko uneqhuzu leBachelor of Art alizuza e-Unisa egadla ngesifundo iPolitical Science neTheology. Kulapho ipolitiki yamngena kakhulu khona eyisheba nezifundo zeBhayibheli.
Uphinde abe neqhuzu kwezomthetho iBachelor of Law, Master of Law akuzuza eNyuvesi yaseZambia naseLondon. Uthando lokuba ngumbhali oluholele ekutheni agcine esebhala izincwadi lwaqala lapho esengumbhali wephephandaba iDaystar eZambia okwabe kuyiphephandaba alisungula nomndeni wakwaSmith owawuqhamuka e-USA ngowe-1967. Iningi intsha yasezwenikazi eyohlomula ngokuba khona kwaleli phephandaba yakwazi ukuyoqhuba izifundo zezokuxhumana e-USA ngokulekelelwa ubuhlobo ayesebakhile namanye amanyuvesi akhona.
Izwe life olwembiza
Kusuka kuzwakale izindaba zokuphangalala kwakhe ngoLwesihlanu imiyalezo yenduduzo ingena ilakanyana. IPAC ithe ize ligqemeke engeqiwa ntwala. UNobhala umnu u-Appa Pooe uchaze umchaze uthe ubengagcini nje ngokuba ngumbhali okwaziyo ukubeka izimvo zakhe ngesisoka, kodwa ubengapheli amandla odabeni lokubuyiswa komhlaba. Uthe okuningi okwakwenzeka ngesikhathi kulwelwa inkululeko uPheko ukwazi ukukulondoloza ukuze kufinyelele kuzizukulwane. Uqhube wathi eseyilungu lePhalamende emele iPAC okwabe kuhamba phambili kuye udaba lomhlaba olusaliwa nanamuhla.
UMengameli uCyril Ramaphosa emyalezweni wakhe wokukhalisana nesizwe nomndeni uthe uPheko wazinikela embalazweni wenkululeko ngazindlela zonke. “Imisebenzi yakhe eminingi ayibhala iwubufakazi bohlobo lomuntu abeyilo. Owabe elilungu lePAC uMnu uThemba Godi uchaze uDkt uPheko njengomuntu obezinikele emsebenzini. “Ngisebenze kakhulu naye ngafunda okuningi kuye, imfundo eyibeka phambili kwaze kwaba yilapho iPAC imjuba njengeNxusa ku-United Nations eGeneva.”