Now Reading
Intengo ye-Elevate iyenza yehluke kwizimbangi
Dark Light

Intengo ye-Elevate iyenza yehluke kwizimbangi

Ngaphambi kokuthola ithuba lokuvivinya umusha wakwaHonda i-Elevate sike safakana imilomo nozakwethu ngokuthi kazi imoto enjani enjani uma usuyibona ngamehlo enyama.

Besikusho lokhu ngoba sosabili besisabone izithombe zayo kwazise asibanga yingxenye yomcimbi wokethulwa kwayo eNingizimu Afrika muva nje.

Engikuphawulile engxocweni yethu ukuthi kuyoba inhlanhla kwaHonda bengazange bayisusele kumdobi wabantu omdala wale nkampani iBallade ngoba nanamuhla kuseyiyona moto edume umhlaba wonke yale nkampani futhi eyathengwa ukwedlula. Singakaligwinyi kuye ngawo amagama enkehli, impela ithathelwe kuyo qobo. Ngoba sibe ngabokuqala kwelikaMthaniya ukuthola ithuba lokuvivinya i-Elevate bekumele sizikholise ngakho konke ngaphambi kokushaya ukhiye kusuke amaphepha.

I-Elevate ingena esigabeni okuminyene kuso utshumo, kodwa intengo yayo kungenzeka izitholele indawo ezinhliziyweni zabathengi ngoba izimbangi zayo zithe xaxa ngentengo.

Uma uzoyithi nhla ukude akulula ukuyihlukanisa ne-Urban Cruiser yakwaToyota bese ubanjwa uphawu olugqamile lakwaHonda ngemuva nangaphambili. Okungidonse amehlo zisuka nje indlela elishiye ngayo igabade nge-199 mm, okwenza ukwazi nokungena ngaphansi kuyo ngaphandle kokuthi uze uyijeke. Ububanzi  bayo bungama-4 312  mm, ubude obuya phezulu ingama-1 650 mm.

Okhakhayini ishaya ngeSun Roof encanyana, ukube kuya ngami bengingayiyeka ngoba akukho okutheni ekwengezayo kule moto. Iphuma nama-roof rails okhakhayini ukulekelela ukulayisha impahla.

Ngemuva iphuma nesipele sesondo esilingana namanye akulona leli elincanyana elilahlisa ithemba. Ukhiye we-Elevate yilona ojwayelekile kodwa angikusho ukuthi ngiyithandile indlela abenze ngayo i-slider (lokhu okungukhiye qobo) ngoba uma uwubhoncula uyakwazi ukuwufaka ngqo esicabheni imoto ivuleke noma uyivale. Kimina lokho kusiza lapho i-immobiliser ingasebenzi noma kuphele amabattery imoto ingakwazi ukuvaleka. Ngamafuphi nje abakwenzile kuyingxenye yokuqinisa ukuphepha kwi-Elevate. Ngaphambi kokukhuluma ngigeqe amagula sengathi ngiyemuka, le-Elevate esikhuluma ngayo namuhla iphuma nenjini engu-1.5 litre enedumela kwaHonda. Ugearbox wakhona ungumshini ozishintshayo (auto)  CVT yohlobo yohlobo oluthe thuthu ngezinga i-Elegance. 

Ngaphakathi bayixine ngesimanje

Akuthusanga ukuzwa ukuthi ihlanganiswa kwelaseNdiya, lokhu kubonakala ngengaphakathi layo ikakhulukazi ngaphambili elisaplastikhi. Uma ungumdondoshiya olishiye igabade uzothwala kanzima ekuyishayeleni ngoba isihlalo somshayeli sihamba indawo encane uma usihlehlisa, okuyinto engajwayelekile ezimotweni zesimanje.

I-screen esithe chwa ngaphambili siqukethe okuningi ngemoto kusuka ekulawuleni iradio, iclimate control nokunye. Khona ngaphambili kukhona iwireless charging (okusho ukuthi uyakwazi ukushaja iselula yakho ngaphandle kokuyixhuma. Ngemuva isikhala singudedangendlale futhi iyakwazi ukulayisha abantu abathathu bahlale ngokukhululeka. Ngaphezu kwalokho abahleli ngemuva banawabo ama air vents.

See Also

Izihlalo zakhona ezigqize ngesikhumba, nesiteringi kanye  nomata abanombhalo ogqamile we-Elevate ngezinye zezinto eziyenza yehluke ezimbangini zayo. Ngaphandle ishaya ngamasondo angu-17 inch i-Elegance. Ngaphambili bayinike isithunzi ngegrille yakhona engugabagaba edonsa amehlo uza le, ubudle base bengezwa uphawu lakwaHonda amalambu eLED. Isikhala sebhuthi singama-458 litres. Injini engu 1.5 litre ekhiqiza amandla afinyelela kuma 89Kw ngiyizwe inamandla kodwa uma uzothi ukuyicidezela kunomsindo onganambithisiseki oyibangayo. Isithukuthezi asisiningi ngoba iphuma nezipikha ezingu-6, ama airbags ezinhlangothini neyaphezulu ebizwa ngecurtain airbag,

Intengo: Honda Elevate 1.5 Elegance CVT – R429 900. 

Injini: 1.5-litre, four-cylinder, CVT

Amandla:  89Kw,  145 Nm

Intengo yayo ihambisana neWarranty yeminyaka emihlanu okanye ibanga lama-200 000km kanjalo neService Plan  yeninyaka emine okanye ibanga lama-60 000km.

Scroll To Top