Now Reading
Uzolwa nobugebengu nabakuleli uMrepha waseMaputo
Dark Light

Uzolwa nobugebengu nabakuleli uMrepha waseMaputo

Ukungaboni ngasolinye ezintweni ezithinta ubugebengu nokushushumbiswa kwezidakamizwa phakathi kwekweNingizimu Afrika neMozambique okukhulunywa ngakho kulezi zinsuku akumtheni amandla u-Ivannea Mudaniso ekuqhakambiseni ukusebenzisana okuhle kweminyaka phakathi kwalamazwe.

Ekhasini lakhe ku-Instagram lomculi uthe usezinhlelweni zokusebenzisana nabaculi baseNingizimu Afrika ukukhuza umhlola wobugebengu ongcolisa okuhle okuningi osekuzuziwe phakathi kwalamazwe anomlando wokulwa nengcindezelo yabaqoneli. ubhale kanje: “Okwamanje angithandi ukwanda kakhulu ngoba ngisakhulume nabaculi ababili baseNingizimu Afrika abakhombise intshisekelo yokuba sihlangane sikhiphe umsebenzi walolu hlobo. Mhlawumbe ngoNtulikazi isikhona into ebambekayo esingayitshela abantu nabalandeli bomculo wethu”.

U-Ivannea Mudaniso uyisizukulwane esisha samaciko aseMaputo, kodwa angakhohliwe yimvelaphi yawo. Wazalwa ngoMfumfu we-1979 ngesikhathi sokubusa kukaMengameli uSamora Machel futhi wazi kahle ngeqhaza elabanjwa yilo Mengameli emzabalazweni wenkukuleko kula mazwe. Uqale ukucula ngowezi-2005 ngozakwabo ngoba ngokwakhe wayengaziboni ephumelela kulo mkhakha. 

Ingoma yakhe yokuqala eyayibizwa ngokuthi “Haterz” yasusa omkhulu umsindo ngoba yayihlanganisa ipolitiki yakudala iqhathanisa nesikhathi osekuphilwa kuso manje, umyalezo kuyo wawugxile kubantu abanamagqubu nokungafuni ukudlulisa. Emuva kwale ngoma akabange esabheka emuva, ngoba ube esededela i-albhamu enezingoma ezili-12. Iqhaza nempumelelo yakhe emculweni ibonakele lapho eqokwa khona ngowe-2007 kumaChannel O Music Video Awards ngaphansi komunxa weBest Female Video, iBest Video of Southern Africa, iVideo of the Year neBest Director Video. Lapho wakhala wemuka nezindondo eminxeni emibili okuyi: Best Femenino Video, neBest Video of Southern Africa 

See Also

Kusukela lapho iziteshi zomculo eMozambique zimhloniphe ngokudlala kakhulu umculo wakhe, okwenze waziwa nase-Afrika yonkana ikakhulukazi e-Afrika eseningizimu. Useke washiyelana inkundla nezingwazi zabaculi emhlabeni njengoKelly Rowland wase-USA, uDJ Cleo kuleli nabaculi baseNigeria. Uphinde wahlonishwa ngomklomelo I Mozambique Music Award ngokuba umculi weRap ohamba phambili ezweni. Ekuzuzeni kwakhe lowo mklomelo wayesizwa umculi wakuleli ongasekho uMandoza. 

Empumelelweni yakhe uyayazisa iNingizimu Afrika yingakho ezimisele ngokusebenzisana nabaculi bakuleli ekulweni nesihlava sobugebengu.

Scroll To Top