Umzukulu kaMcijo: Umqulusi olubhaqa lwezizukulwane



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Uma esethe ‘mhobo wami’ awukwazi ukungancibiliki ngoba okulandela lapho wukugeleza kolwazi nezaqheqhe zolimi.
Izikhathi zokugwamandwa kwezwekazi i-Afrika nalezo zobandlululo zaletha ubuhlungu nobunzima kwaboHlanga. Enhla nasezansi aboHlanga bemukwa umhlaba, umnotho nesithunzi sabo. Nokho kubo bonke lobo buhlungu lezo zikhathi zakhiqiza abaholi emikhakheni eyahlukene.
Omunye wala baholi yisifundiswa uSolwazi u-Otty Mandlakayise Nxumalo. Lona nguMqulisi, inkaba iseNgoje uyise ngumkhulu uQedusizi Nxumalo, unina yintombi yakwaQwabe ugogo uBonisiwe. Into ahlale ezigqaja ngayo wukuthi ‘yena akayona into yokudlala’ ngoba ungumzukulu kaMcijo esho insizwa ezala uyise, umkhulu uTshwala Nxumalo owayibamba eSandlwana lapho uZulu alungisa umhlaba mhla edla amaNgisi ngowe-1879.
Uma exoxa ngoMcijo uthi kwabe kuyindoda eyabe ingabathembi abelungu laba eyabe ibhekene nabo entabeni iSandlwana. Uthi kwathi seyadlula kudala impi, kwafika umfundisi womlungu ehamba ngekalishi. Indaba yonakala lapho uMcijo sekuthiwa kagibele, uthi yangena insizwa endala kepha yabe isifihla okuyisikhali ukuze kuthi uma kuvela okuvelayo iphisele lapha kwiNkinsimane ngakho ngoba yabe ingabathembi.
Kuthiwa yayibuza ube munye ezinganeni zalapha ekhaya ezabe sezisondelana nabelungu ngenxa yezikole nesonto, ukuthi njengoba amaNkinsimane lawa ayelwa naye (uZulu) pho azowathanda kanjani amathumbu akhe?
Ezweni lapho ukubizwa ngoSolwazi sekwafana nomkhuhlane wona olala ungenawo uvuke usunawo njengoba wonke umuntu usazibiza ngoSolwazi, lona nguSolwazi ngemfundo.
Uneziqu ezahlukene nazithola e-University of South Africa (BA Honours; Master of Arts; D. Litt et Phil (honoris causa), Ongoye (Bachelor of Education) naseKennedy School of Government, Havard (Master in Public Administration) wabuye khona eHavard wabuya neziqu zeMaster in Education and Doctor in Education.
Kagcinanga lapho kepha wabuye wafundisa ezikhungweni ezahlukene; ufundisile eGovernor’s School eNew Jersey, eLesley College, eHavard University nase-University yaseZululand, oNgoye. Phakathi kwezinto azenzayo uSolwazi ungumbhali (wamabhuku, nama eseyi), isifundiswa, umhleli nosonkondlo.
Kwezokuphatha kabuzwa njengoba aba nguMqondisi Jikelele wokuqala kuhulumeni wedemokhrasi KwaZulu-Natal kusuka ngowe-1994. Ubhale amabhuku nama eseyi ehlukene ngolwethunga. Phakathi kwemisebenzi yakhe singabala; Ikusasa Alaziwa, Izinsizwa Ngamakhosi, Ngisinga Empumalanga. Ubhale nebhuku ngeSILO esidala. Ikhona neNqolobane kaZulu ayibhala ngokuhlanganyela noSolwazi uNyembezi ongasekho.
Okusobala uma ulandela umlando kaSolwazi uNxumalo wukuthi imfundo kuye iludondolo lwaboHlanga. Ngemfundo yakhe ukwazi ukulekelela ngokwedlulisa ulwazi nayilapho azifikela qathatha lapho kunabantu abasha, izinduna ngosho aMakhosi. Uma esethe ‘mhlobo wami’awukwazi ukungancibiliki ngoba okulandela lapho wukugeleza kolwazi nezaqheqhe zolimi. Nembala uma kusekhona oSolwazi uNxumalo akukazukuba mnyama inqobo nje uma simupha indlebe futhi senza.
Ishicilelwe okokuqalla mhla ziyi-7 KuMfumfu wezi-2022