Now Reading
Amakhosi afuna ukuqeda indlala yezicoco ngokubophela izingane
Dark Light

Amakhosi afuna ukuqeda indlala yezicoco ngokubophela izingane

Ukushintsha kwezinto eNaturena kugqame kahle kule sizini


Ayisayingeni eyokusayinisa amakhehla iKaizer Chiefs esezinhlelweni zokubumba iqembu elizobuyisa izinsuku zenjabulo eNaturena.

Lezi zindaba zidalulwe nguMolefi Ntseki oyinhloko yezinhloli kuMakhosi ngesikhathi exoxa nelaboHlanga engxoxweni ekhethekile kuleli sonto.

IChiefs sekuphele iminyaka eyisishiyagalombili iphikwa yizinkomishi. Selokhu yagcina ukuphakamisa isicoco ngo-2014/15 ngesikhathi yekhala yemuka neseligi neMTN8 ngaphansi kobuholi bukaStuart Baxter.

“Iqembu liyimbumba. Sigxile kakhulu kubadlali abaneminyaka engama-28 kuya phansi. Sinohlelo lokwakhela iminyaka emihlanu ezayo. Njengamanje asibhekile ukutheza abadlali abaneminyaka engaphezu kwama-30 ikakhulukazi ezindaweni ezimqoka,” kubeka uNtseki oke wacija iqembu lesizwe laseNingizimu Afrika, iBafana Bafana.

Ekupheleni kwesizini edlule, iChiefs ichithe inqwaba yabadlali asebekhulile. Ihlukane nezinsika ezifana noDaniel Akpeyi (36), uBernard uParker (37), uDaniel Cardoso (34), uRamahlwe Mphahlele (33), uLeonardo Castro (33), uLebogang Manyama (32), noKearyn Baccus (31).

“Njengamanje iqembu liyakha. Lifuna ukubuyela efomini elaziwa ngayo. Yebo, siyaqonda ukuthi kuzothatha isikhathi ukubuyela ezingeni iChiefs eyaziwa ngalo kodwa seneme ngendlela esiza ngayo. Kunezimpawu zokuthi kukhona lapho sibheke khona,” kuchaza uNtseki.

IChiefs ibisethubeni lokuqinisa isikwati sayo ngabadlali abafana noDino Ndlovu (33), uMay Mahlangu (34), u-Ayanda Patosi (31) no-Andile Jali (33) kodwa yakhetha ukuliyeka ithuba lokusayinisa labadlali.

“Ngiyavuma iminyaka akuyona edlala ibhola kodwa iqiniso lithi uma ufuna ukwakhela ikusasa uyadinga ukugxila kubadlali abancane. Lokho akusho ukuthi kumele bafakwe bodwa. Yingakho abadlali abafana no-Itumeleng Khune, uSifiso Hlanti no-Eric Mathoho besayingxenye enkulu yeqembu. Sifuna ukuhlanganisa isipiliyoni sisixube nabadlali abasakhula,” kusho uNtseki.

IChiefs igadla ngeningi labadlali abancane kule sizini. Ibophele uSamkelo Zwane (21), uMduduzi Shabalala (19), uHappy Mashiane (25), uSabelo Radebe (23), uWandile Duba (18), noNkosingiphile Ngcobo (23)

Ekuqaleni kwesizini isayinise uYusuf Maart (27), u-Ashley Du Preez (25), uZitha Kwenika (29), uSiyethemba Sithebe (30), u-Edmilson Dove (28), uDillan Solomons (24), uKamohelo Mahlatsi (24), George Matlou (24), Christian Saile (23), noCaleb Bimenyimana (25).

Abanye abadlali abasakhula abathola ithuba lokudla kusukela u-Arthur Zwane ethathe izintambo zokuqeqesha singabala uSiyabonga Ngezana (25), uBruce Bvuma (27), uBrandon Peterson (28), uNjabulo Ngcobo (28), uReeve Frosler (25), noKgaogelo Sekgota (25).

IChiefs ivele isiphuthwe yisicoco seMTN8 ekhale yemuka nezimbangi zayo ezinkulu i-Orlando Pirates.

Nekweseligi ikhale ngaphansi. Kuphinde kwakhonya iMamelodi Sundowns ihlandla lesikhombisa kulandelana.

Amakhosi asethubeni lokuqeda endaweni yesibili kulog. Indawo yesibili ihamba nebhonasi lokuyodlala kuCaf Champions League.

See Also

Njengamanje ihlezi endaweni yesine ku-log ngamaphuzu angu-41 emidlweni engama-25. Izobhekana neSekhukhune United, Chippa United, Swallows FC, SuperSport United neCape Town City.

Ngeledlule Izimpofana zizibekisele indawo kweyandulela amanqamu eNedbank Cup. Ziqhathwe nabakhaya bazo eZimnyama. Umdlalo uzobe mhla ziyisithupha kuNhlaba enkundleni esazomenyezelwa.

Uma ziphumelela zizobhekana nozonqoba phakathi kweStellenbosch FC neSekhukhune kowamanqamu.

UZwane usethubeni lokuqeda indlala yezicoco ngabafana abancane. IChiefs isiqalile ukuthezela isizini ezayo. Ivele isisayinise uGiven Msimango (25) weTS Galaxy FC, noMduduzi Mdatsane (28).

IChiefs iphansi phezulu izama ukuthola uKatlego Otladisa (26) weMarumo Gallants noPule Mmodi (30) weLamontville Golden Arrows.

Leli qembu lingase lichithe u-Eric Mathoho (33), u-Austin Dube (30) noKhama Billiat (32).

Kuyimanje lisezingxoxweni noKhune ophelelwa yinkontileka. Ngakolunye uhlangothi uSifiso Hlanti unombandela wokuthi inkontileka yakhe yelulwe ngomunye unyaka.

Scroll To Top