Now Reading
Ushiye angalazi konompempe umqeqeshi weSundowns
Dark Light

Ushiye angalazi konompempe umqeqeshi weSundowns

Udinwe ugane unwabu umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRhulani Mokwena ngokubhacaza konompempe abasola ngokubulala nokudicilela phansi ibhola laseNingizimu Afrika. 

NgoLwesibili ebusuku, iSundowns ibambane neMoroka Swallows ngama-2/2 emdlalweni weDStv Premiership obuseDobsonville Stadium, eSoweto, eGoli.

Amagoli eSundowns abhajiswe ezintanjeni nguTeboho Mokoena noMarcelo Allende kwathi oweZinyoni abhakuziswa enethini nguMahlonoko noHellings Mhango.

Ngemuva komdlalo uMokwena ushiye angalazi kuJelly Chivani nethimba lakhe ebeliphethe umdlalo eDobsonville.

“Sidlale kahle kakhulu ikakhulukazi ngesiwombe sokuqala. Bekumele sishaye amagoli athe xaxa. Izinqumo zethu nokutatazela yikona okwenze sangawasebenzisa amathuba ngendlela efanele. Nokho nonke nibonile ukuthi kwenzekeni. Unompempe angizange ngimjahe. Uyena ocele ukuthi ngimlinde emphemeni obheke ezindlini zokushintshela. Okwesithathu kule sizini iSundowns idedela amaphuzu ngenxa yeVAR. Womabili amagoli eSwallows akekho emthethweni. Abadlali bese besemhlabeni ongabafanele. Igoli lokuqala bekungamele kube yigoli. Nelesibili kube yinto efanayo. Angidingi ukuchaza noma ngichazelwe. Imithetho yebhola ngayifunda futhi ngiyazi njengoba ngizazi. Iziqu zokuqeqesha enginazo akuzona ezokudlala. Ngaya esikoleni ngoba ngifuna ulwazi,” kuchaza uMokwena ubethukuthele ethelwe ngamanzi.

ISundowns iyona esahlezi esicongweni kuDSTV Premiership. Ivule igebe lamaphuzu ayishumi nane. Isiqoqe amaphuzu angamashumi amahlanu nantathu ngemuva kwemidlalo engamashumi amabili nanye.

“La maphutha enzani ebholeni laseNingizimu Afrika nesithunzi seligi? Ngibanantu abaphesheya kwezilwandle engibaziyo ukuthi abaphuthwa yimidlalo yeSundowns. Bazothini uma bebona lo mhlola? Angibalulekile ngaphezu kwebhola laseNingizimu Afrika kodwa phela manje akusemnandi. Njalo abaqeqeshi bakhala ngento efanayo. Bakhala ngonompempe. Hhayi ngeke bakwethu. Ngeviki eledlule bekungu-Ernst Middendorp obekhala ngamaphutha onompempe. Namuhla yimina. Ngempelasonto bekungaMaZulu. Ngiyawadabukela amaqembu afana noMaZulu, iPolokwane City noCape Town Spurs bonke abayizisulu zokubhacaza konompempe. Lapha ngikhuluma ngamaqembu avika izembe. Amanye amaqembu azogcina edliwa yizembe ngenxa yezinqumo zonompempe. Abaqeqeshi bazolahlekelwa yimisebenzi uma amaqembu esegawulwe yizembe. Kuzothiwani-ke ngemuva kwalokho? Nokho kunje kunje. Akukho esingakwenza,” kuqhuba uMokwena.

Ngempelasonto umqeqeshi waMaZulu uPlabo Martin ubekhala ezimathonsi ngobanjwa inkunzi emdlalweni we-quarterfinal yeNedbank Cup eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

See Also

Usuthu lugcine ludliwe ngo-4/2. IPirates ithole iphenathi engacacile ngesiwombe sokuqala kade ilandela emuva.

“Umqeqeshi waMaZulu ubekhala ezimathonsi. Ngiyamdabukela umuntu wabantu nkosi yami. Nokho mina ngeke ngikhihle isililo. Into engizoyenza iqiniso ngizolibeka njengoba linjalo. Angeke ngilicashise. Ngiyaxolisa, bengilokho ngiyibalekela eyinompempe kodwa ngiyaphoqeleka ukuthi indaba yakhona ngikhulume ngayo ngoba umkhuba oqhubekayo isonto nesonto. Yonke le sizini angikaze ngigxeke onompempe kodwa kulokhu ngizobahlaba ngoba babhedile. Umsizi kanompempe uphakamise ifulengi ethi yi-offside. Ngemuva kwalokho baxoxa nonompempe babuya bathi yigoli. Uyibiza ngani leyonto? Ubekhuluma nobani uJelly? Ngabe sesineVAR eNingizimu Afrika manje? Okwesithathu le nto yenzeka kuSundowns kule sizini. Iyihlazo le nto,” kusho uMokwena.

Emasontweni adlule iSundowns ike yavunwa yizinqumo zonompempe.

“Angikhali ngoba kubanjwe mina inkunzi? Ngabe uma uthi ngikhala ngoba kubanjwe mina inkunzi ukhuluma ngomdlalo weCaf Champions League esiwudlale neYanga? Phela ibhola lapha alizange liweqe wonke umugqa. Aliweqanga. Umthetho uthi ibhola kumele liweqe wonke umugqa. Sibhekene neSpurs umdlali uqale ukudlaliswa kabi ngaphandle waze wayofika ebhokisini. Yingakho kumele ngikucacise ukuthi angikhali ngoba kudliwe mina kuphela,” kucacisa uMokwena.

Scroll To Top