IChina izonhlinzeka ngomgomo iCOVAX emazweni antulayo
UZanele yintatheli esimkatshubovu nezinze eChina.
IChina isimemezele ukuthi izonikela ngemijovo eyizigidi eziyishumi yemigomo yokuvika ukhuvethe esikhungweni seWorld Health Organization (WHO esisiza ukuqinisekisa ukuthi imigomo iyafinyelela emazweni ahlwempu.
Ekhuluma esithangamini sabezindaba, uWang Wenbin, nokhulumela uMnyango Wezangaphandle, uthe umnikelo wabo kuCOVAX uzosiza ukuhlangabezana nezidingo zamazwe asathuthuka.
Lesi sikhungo samazwe ngamazwe kulindeleke ukuthi siqale sihlinzeke ngomgomo emazweni asathuthuka kule nyanga.
Kulindeleke iCOVAX ukuthi ikhiphe imijovo eyizigidigidi ezimbili kuleyo eyizigidigidi ezintathu kulo nyaka wezi-2021.
Ngenyanga edlule, iChina ithe izinkampani zayo ezenza imigomo yeCOVID nokuyiSinopharm, yiSinovac neCanSino zifake izicelo zokuba ingxenye yeCOVAX.
IWHO ithe isazicubungula izicelo zalezi zinkampani, kanti isinqumo kulindeleke ukuthi siphume ngenyanga ezayo.
Bayizigidi ezingama-24 asebegomele ukhuvethe eChina.
ICenter for Disease Control and Prevention ithe sebengaphezulu kwezigidi ezingama-24 abantu asebenikwe imijovo yokugomela isifo ukhuvethe eChina.
Ongusosayensi ophambili kwezezifo zofuba eChina, uMn uZhong Nanshan, uthe izinga eliphezulu lokujovwa kwabantu eChina likhombisa ukuthi imigomo yakuleli lizwe iphephile futhi iyasebenza.
Mibili imigomo esetshenziselwa ukugoma abantu okwamanje eChina, iSinopharm neSinovac.
Izikhulu zaseChina zezempilo zithe liphansi izinga labantu imizimba yabo esikhombise ukungayamukeli kahle imijovo.
Isikhulu seCDC eChina uXu Wenbo sithe isibalo salabo abaguliswe imijovo siyefana nesalabo abaguliswa ileyo yokugomela imfuluwenza.
UZhong uthe ucwaningo lwabo luthole ukuthi imigomo yase-China ikwazi ukuvikela umuntu isikhathi esilinganiselwa ezinyangeni eziyisithupha.
“Sithole ukuthi izinga lamasosha omzimba kubantu bokuqala ukuthola imijovo liqhubekile laphezulu emveni kwezinyanga ezilinganiselwa kweziyisishiyagalombili,” kuchaza uZhong.
Nokho uZhong wengeze ngokuthi kusadingeka isikhathi ngaphambi kokuba baqinisekise ngokugcwele ukuthi le migomo ibavikela isikhathi esingakanani abantu.
UZhong uthe njengoba ukhuvethe lubuye lungakhombisi zimpawu kothelelekile, abantu kuzomele bagweme ukuba sezindaweni ezigcwele abantu ngalesi sikhathi samaholidi okugubha unyaka omusha iSpring Festival. “Ngeluleka abantu abasezindaweni zasemakhaya ukuthi banciphise imibuthano futhi basheshe babonane nodokotela uma bengazizwa kahle,” kusho uZhong.
Khonamanjalo, iChina lithe iyisikhombisa imigomo yokhuvethe esingene esigabeni sesithathu socwaningo, nokuyizinga eliphezulu lokuhlola ukusebenza nokuphepha kwawo. Eminye eyishumi nesithupha isesezigabeni eziphansi zocwaningo.
IChina inikela ngomgomo ePakistan
Imigomo yase-China iSinopharm neSinovac isesetshenziswa emazweni ambalwa emhlabeni okubalwa kuwo iPakistan enobudlelwano obukhulu neBeijing.
NgoMsombuluko, iChina ithumele umnikelo wemigomo eyenziwe yiSinopharm ePakistan.
Lo mnikelo wenziwe ngesikhathi uHulumeni waseNingizimu Afrika wamukela umnikelo womgomo obizwa ngeCovishield ovela e-India, neyizimbangi zeChina.
ICovishield igama lomgomo i-AstraZeneca wase-Brithani okhiqizwa ngaphansi kwale inkampani yase-India iSerum Institute. IChina inikele ngamijovo engama-500,000 ePakistani, ngesikhathi i-India inike iNingizimu Afrika imijovo eyisigidi.
UMnyango Wezangaphandle ePakistan uthe ulindele ukuthi iChina iphinde ithumele omunye umgomo ngasekupheleni kwale nyanga.
Izingqapheli zithi la mazwe ase-Asia asebenzisa imigomo yawo ukuqinisa umthelela anawo kwamanye amazwe njengoba esembangweni womngcele.
Amazwe afana neTurkey, i-Indonesia, i-United Emirates Arab kanye neBrazil ayingxenye yalawo aseqalile ukusebenzisa imigomo iSinovac neSinopharm eyenziwe eChina.