Ngabe abantu bebedayiselwa ingulube isesakeni ePiggy Farm
Kuze kube yimanje abekho abantu asebephumele obala ngokuthi baqolwa imali ngokudayiselwa ‘ingulube isesakeni’ ngabadayizi bezingulube abaziwa ngePiggy Farm Trading.
Kuleli sonto Uphiko Oludla Impahla ePitoli olungaphansi kweNational Prosecuting Authority lungenelele ekuphenyeni iPiggy Farm Trading lashaqa imali eyizigidi ezi-4,3 yaseFNB ngezinsolo zokuthi basebenza njengebhanoyi kuluthwa abantu.
Nsukuzonke ngokugamanxa kwehora lesikhombisa abaphathi bePiggy Farm Trading bebekhangisa ngezinto abazenzayo ukutakula aboHlanga osizini lokuntula esiteshini somsakazo samaKhrestu esizinze ePinetown eThekwini. Selokhu kwaqala uphenyo ngaleli pulazi lezingulube kesiteshi asisazwakali emoyeni.
Ngeledlule elaboHlanga lingene ekhasini laku Facebook lizama ukuthola imininingwane ngepulazi obephendula ubethi bazimisele ngokusiza abantu futhi batholakala emahovisi aseSandton eGoli naseMusgrave eThekwini, kanti uma ufuna ukuzibonela izingulube likhona ipulazi labo eMolweni.
UNkk uLumka Manjami weNPA eGauteng uthe bancinzwe indlebe iNational Consumer Commission emuva kwezinsolo zokuthi laba bantu bawaka abantu. Uthe abantu bebethenjiswa ukuthi bangathenga ingulube eyodwa kuya kwezingama-50 ngonyaka. Lezingulube bazogcinelwa zona epulazini, zinakekelwe, zigonywe zondliwe umnikazi ahlomule uR550 nyanga zonke.
Uthe okunyuse kakhulu izinhlonzi ukuthi imali abebeyifuna kubantu iphindaphindwe kathathu ngaphezu kwenzalo yemali mboleko. Lo mkhonyovu kuthiwa ubuphethwe ngongqondongqondo abagogodile kwezolimo.
UNkk uManjami uthe ekuqaleni bebesebenzisa i-akhawunti yaseNedbank kodwa leli bhange langavumelana nabaphathi bepulazi kokuthile ngenxa yemibandela eyayikhona njengoba base benemali eyizigidi ezi-16 ebhange. Babe sebuyela eFNB nalapho imali bekwazile ukuyikhokha ngandlelathize kwasala izigidi ezi-4.3.
Emuva kophenyo iPiggy Farm Trading isuse ikhasi layo kuFacebook nasemahhovisi akekho obamba ucingo. AbeNPA bathi okwamanje alikho icala abazolivula ngoba abekho abantu abaphumele obala ngokuthi baqolwa.

