Ifuna ukugxilisa izimpande KwaZulu-Natal i-UDM



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
NGOKWEJWAYELEKILE kupolitiki yaseNingizimu Afrika uma sekusondele izinsuku zokhetho, amaqembu amakhulu asebenza ngokuzikhandla ukuzuza isifundazwe iGauteng.
Ngokocwaningo lwephephandaba iMail & Guardian, imali eyasetshenziswa okhethweni lukazwelonke lwangowezi-2014 iDemocratic Alliance ne-African National Congress (ANC) emikhankasweni yokuzuza iGauteng yayevile kumarandi ayizigidi ezili-100.
Ngosuku lomcimbi wokwethula umkhankaso wokhetho loHulumeni Basemakhaya ngowezi-2016 owawuseRand Stadium, owayengumholi weDA uNkk uHelen Zille wahlebela izihambeli ukuthi inhlangano yakhe ibeke amarandi ayizigidi ezingama-70 ukukhankasela ukuzuza iGauteng kuphela.
OwayeyiNhloko yokhetho nemikhankaso ku-ANC uNkk uNomvula Mokonyane watshela intatheli yephephandaba i-EyeWitness News uRahima Essop ngowezi-2016 ukuthi inhlangano yakhe ibheke ukusebenzisa amarandi ayizigidigidi ukukhankasela zonke izifundazwe ‘kodwa ingxenye enkulu izoyisebenzisela ukubambelela esifundazweni iGauteng’.
Nakuba i-Economic Freedom Fighters (EFF) ingavamile ukukhuluma ngemali eyisebenzisayo ukukhankasela ukhetho, kodwa ngokhetho lukazwelonke lwangowezi-2014 yaqoka isilomo sommeli ophinde abe ngusihlalo wayo u-Advocate uDali Mpofu ukuthi akhankasele esobuNdunankulu eGauteng.
Ngaphandle kwe-Inkatha Freedom Party ezinze kakhulu esifundazweni iKwaZulu-Natal kunakwezinye izifundazwe, amaqembu amaningi abona iGauteng njengefanele ukubanhwa.
Nakuba iGauteng ibangwa kakhulu ngamaqembu ezepolitiki akuleli, kodwa muva nje i-United Democratic Movement (UDM), eholwa uJenene uBantu Holomisa, ibeke amehlo ayo KwaZulu-Natal.
Le nhlangano, eyasungulwa ngowe-1999, ibiyaziwa njengamanye alawo maqembu angenandaba nokukapakela kwezinye izifundazwe nakuba ikhankasa kuzona. Lokhu kuyicabangela kudalwa ngukuthi ayikaze yavula umkhankaso yokhetho ngaphandle kwesifundazwe i-Eastern Cape. Izazi zepolitiki zivame ukuyiqhathanisa ne-IFP njengoba nayo ingakaze yavula umkhankaso wayo ngaphandle kwesifundazwe iKwaZulu-Natal okwenza icatshangelwe njengenhlangano engazibhekile kakhulu ngabavoti bakwezinye izinhlanga ngaphandle kwabesizwe sakwaZulu, njengoba ne-UDM icatshangelwa njengenhlangano engazibhekile ngabavoti abangaphandle kwesizwe samaXhosa.
Indlela eyenza ngayo le nhlangano esifundazweni iKwaZulu-Natal kubonakala izimisele ngokuguqula lo mcabango ngenqubomgomo yayo kwezombusazwe. Mhla ziyisithupha kuNcwaba kophezulu, uJenene uHolomisa wamukela amalungu amasha angama-200 asuka kuzona zonke izingxenye zesifundazwe KwaZulu-Natal. Ibonakala ifuna ukutshala izimpande zayo ezindaweni zasemakhaya nezasemadolobheni ngokwamukela kwayo lawa malungu.
Omunye walawa malungu amasha kwaba uMnu uSipho Mbatha obeyilungu le-EFF ePhalamende likazwelonke. Ngenyanga elandela ukwamukelwa kwakhe uMbatha, wabe eseqokwa njengoSihlalo we- UDM kulesi sifundazwe njengoba kuyiwa okhethweni.
UMbatha ubengomunye wamalungu e-EFF ePhalamende aziwayo njengoba wayengomunye wababehamba phambili ekuphazamiseni ukuqhubeka kwePhalamende ikakhulukazi uma livakashelwe ngowayenguMengameli uMnu uJacob Zuma. Amanye amalungu amasha amukelwa uHolomisa kwaba uBoyce Gumede obeyilungu eliphezulu kuNational Freedom Party (NFP) kanye noScelo Ntuli obaziwa kakhulu esifundeni Uthukela.
Zimbili kule nyanga, wamukele owayeyisekela likaKaMagwaza Msibi kuNFP uSindi KaMaphumuloMasindi.
Ukusungulwa kweNFP ngowezi-2011 kwahamba nenqwaba yabavoti be-IFP kwazise kakungunyaka wokhetho loHulumeni Basekhaya. Ngowezi-2013 umholi weNFP wahlaselwa isifo sohlangothi okwadala ukuthi inhlangano yakhe ifadabale, lokhu okufakazelwa imiphumelo yokhetho lukazwelonke lwangowezi-2014 noloHulumeni Basekhaya lwangowezi-2016 ekhombisa okukhulu ukwehla kwabavoti bale nhlangano. Lokhu kufadabala kwale nhlangano sekunikeze ithuba iDA okwathi ngokhetho lukazwelonke lwangowezi-2014 yadlula i-IFP yaba iqembu eliphikisayo kulesi sifundazwe, okuyinto engakaze yenzeka phambilini.
Kuqala lesi sifundazwe sasithathwa njengesinabavoti abahlukana kabili; abasemakhaya abavotela i-IFP, nabasedolobheni abavotela i-ANC. Kodwa, kusukela ngokhetho lukazwelonke lwangowezi-2004, lapho i-ANC eyaphuca khona i-IFP lesi sifundazwe, akubanga kusaba lula njengakuqala ukugagula ukuthi ngubani ovotelwa kakhulu kuphi.
Nakuba ingagqamile kakhulu kulesi sifundazwe i-EFF kwazise nasokhethweni lwezikhungo zemfundo ephakeme ayenzanga kahle njengakwezinye izifundazwe, kodwa ibonwa njengenhlangano exhumana kangcono nentsha yaseNingizimu Afrika.
Ngokwamukela ilunga elaziwayo le-EFF, kubonakala ezimisele ngokuheha intsha yalesi sifundazwe uHolomisa ku-UDM. Ukwamukela obeyiSekela Mengameli kuNFP kukhombisa ukuthi ugaqele labo ababeseka le nhlangano kodwa esebephoxwa ukufadabala kwayo, okungabavoti abaqhamuka ezindaweni zasemakhaya iningi labo. Ngokwamukela amalunga e-ANC kubonakalisa ukuzimisela ekuzuzeni laba abangasagculisekile ngenhlangano ebusayo okungaba ngabahlala ezindaweni zasemakhaya noma ezisemadolobheni. Uma lisebenzile leli qhinga lokugxilisa izimpande KwaZulu-Natal i-UDM, lukhulu uguquko oluzayo kupolitiki yalesi sifundazwe.