Imihlabahloso yemidlalo kanobhutshuzwayo kule mpelasonto
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Abathandi bakanobhutshuzwayo emhlabeni wonke jikelele bazozitika ngemidlalo ehlabahlosile kule mpelasonto ikakhulukazi ngeSonto. Nalabo ababizwa ngamaphanta kuzoba nzima ukuthi baqagele ukuthi imiphumela izothini kule midlalo ezobe ibhekiwe.
Kuwona womane amaligi abizwa njengamakhulu kuzobe kunomdlalo owodwa nje ozobe ubhekwe izinkumbi zabantu. Uma kukhulunywa ngamaligi amakhulu kubalwa i-English Premier League (EPL) yase-England, iSpanish La Liga yaseSpain, iFrench 1 yaseFrance kanye ne-Italian Serie A yase-Italy.
I-EPL
Uma kukhulunywa ngeLiverpool FC neManchester United, kusuke kukhulunywa ngamanye amaqembu amadala anomlando e-England. La maqembu azotholana phezulu ngeSonto e-Old Trafford Stadium (okuyinkundla yeMan United), lo mdlalo uzoqala ngele-17:30.
Okuzokwenza lo mdlalo ushube ukuthi iqembu elizobe lisekhaya lizofuna ukujabulisa abalandeli balo njengoba ngeledlule lithole isibhaxu libhekene neLeicester City ekuhambeni. Ukunqoba kweMan United kobe kusho ukuthi usasindile umsebenzi ka-Ole Gunnar Solskjaer ongumqeqeshi. Kucacela noma ubani ukuthi lo mqeqeshi uma engahlulwa imidlalo embalwa angakhonjwa indlela. Cishe abadlali abafana noCristiano “CR7” Ronaldo bengamsiza athole amaphuzu amathathu. URonaldo uyaziwa ukuthi ujwayele ukuthi agqame uma edlala umdlalo omkhulu.
NeLiverpool FC nayo izofuna nakanjani ukunqoba lo mdlalo ukuze izokwazi ukuthi iqhubeke nokubalwa namaqembu amabili phezulu. Izobeka amathemba ayo kuMohamed Salah, ongagayelwa mphako muva nje.
IMan United isendaweni yesi-6 kulogi ngamaphuzu ali-14, kanti iLiverpool FC yona isendaweni yesibili ngamaphuzu ali-18.
ISpanish La Liga
Kuzobe kungokokuqala eminyakeni engaphezulu kweli-10 noma ngaphezulu ukuthi kutholane phezulu iFC Barcelona neReal Madrid engekho uRonaldo kanye Lionel Messi. Lo mdlalo obizwa nge-El Classico ubunandiswa kakhulu ilezi zinkunzi ezimbili.
Kuthe uma uRonaldo ehamba kumasizini amane edlule eyojoyina iJuventus yase-Italy uMessi wasala yena, kodwa kubonakalile ukuthi awusenalo isasasa. UMessi manje udlalela iParis Saint-Germain (PSG) yaseFrance kanti uRonaldo use-England kuMan United.
La maqembu azotholana phezulu eCamp Nou, ngele-16:30 ngeSonto. IBarcelona isendaweni yesi-7 ngamaphuzu ali-15, kanti iReal Madrid yona ikweyesibili ngamaphuzu ali-17.
ISerie A
Mibili ibidlalo ebhekiwe kule ligi, owokuqala ophakathi kwe-AS Roma neNapoli. IRoma eqeqeshwa uJose Mourinho iyiqale kahle isizini kodwa ngeledlule izithola ihlulwa iJuventus, kulokhu izofuna ukuthola amaphuzu agcwele njengoba izobe idlala ekhaya nje. INapoli nayo izofuna ukuqhubeka nokuqoqa amaphuzu agcwele, emidlalweni eyisi-8 iyinqobe yonke. Lo mdlalo uzoba ngeSonto eStadio Olimpico ngele-18:00.
Umdlalo wesibili kuzoba owe-Inter Milan neJuventus la maqembu anomlando omkhulu kakhulu, nawo lo mdlalo uzokuba ngeSonto ngele-20:45.
IFrench 1
IPSG izotholana phezulu neMarseille, nawo lo mdlalo ungeSonto ngele-20:45. Okuzokwenza ushube ukuthi iMarseille ezobe idlala ekhaya izofuna ukuvala igebe kuyona iPSG ehlezi esicongweni kulogi ngamaphuzu angama-27. IMarseille yona ihlezi endaweni yesi-3 ngamaphuzu ali-17 inomdlalo olengayo.

