Now Reading
Inkantolo ichithe uMamabolo kolohlu ku-ANC
Dark Light

Inkantolo ichithe uMamabolo kolohlu ku-ANC

Ashabalele amathemba abewake ezandleni zeNkantolo Enkulu eGoli uMnu uJacob Boy Mamabolo oshaywe ngesithende yiqembu lakhe i-ANC ohlwini labaya ePhalamende. Namuhla ekuseni iNkantolo ilalele isicelo esiphuthumayo sikaMamabolo.

Uphonsela inselelo i-ANC ukuba ibuyisele igama lakhe ohlwini lwabaya ePhalamende ngoba lalikhona ohlwini lokuqala. Umi kwelokuthi igama lakhe laphakanyiswa emagatsheni yingakho ebona ukuthi kukhona okushaya amanzi. Elinye iphuzu ami ngalo ngelithi uma egcina eshiywe ngaphandle, kuzohlukumezeka umndeni wakhe, ikakhulukazi ingane yakhe encane ethembele kuye. Ngesikhathi sokuloba lapha uMamabolo ubesethelekile eNkantolo ephelezelwa iqeqebana lamalungu e-ANC egatsheni lakhe laseLimpopo. Abamele i-ANC bebengabonwa.

Ekhuluma ngaphambi kokuqala kwecala uMamabolo uthe impi phakathi kwakhe neqembu isitifiketi sikaMatric.  “Ungenza kanjani ukuthi ufundele iziqu zomthetho eNyuvesi ungenawo uMatric. Le nto abayishoyo nje ayizwakali,” kuphefumula yena.

Ukhala nangokuthi kungenzeka ukuthi ukuhlukana ngamakhempu eqenjini kwenze washiywa ngaphandle ngoba ehambisana nohlangothi oluthile.   I-ANC ayigudluki ekutheni ilindele ukuthi uMamabolo athumele isitifiketi sikaMatric qha neziqu zezifundo zobumeli ezibhalwe phansi kuCV yakhe. Leli qembu limsola nangokuthi ugijimele eNkantolo engakazisebenzisi zonke izinhlaka zangaphakathi eqenjini. Ngempelasonto uSihlalo ekomidini lezokuxhumana ku-ANC eLimpopo uKgoshi Thobejane uthe kusuka ngoNcwaba wezi-2023 bancenga uMamabolo ukuba athumele isitifiketi sikaMatric neDiploma yezomthetho athi wayiphothula eNyuvesi yaseGoli.

See Also

“Akukho okubambekayo okuwubufakazi bokuthi unalezi ziqu,” kusho uThobejane. Ukulandela lolu daba elaboHlanga lihlole igama likaMamabolo, ngaphansi kweziqu kubhalwe ukuthi uyisitshudeni sezomthetho, akucacisi ngokuthi iziqu waziphothula.

UMehluleli uMudau usichithile isicelo sikaMamabolo wathi asiphuthumi. Ube esesisusa  ohlwini lwamacala asenkantolo. Uthe uMamabolo akazange alisebenzise ithuba elalivulekile lokufaka izikhalo lezinsuku ezingama-21.

Scroll To Top