Now Reading
UMethula ofike waguqula indlelakucabanga ngeCountry Music
Dark Light

UMethula ofike waguqula indlelakucabanga ngeCountry Music

Uhlobo lomculo olwaziwa ngeCountry luvamise ukuculwa ngabesilisa okungathusi nokuthi abalandeli bawo abaningi kube yibo kanye. Ngisho nendlela yokugqoka okuvame ukuba izigqoko eziyimihelane zama ‘cow boy’, amahembe anemikhono emide, udangara nezicathulo ezicijile kugcwalisela ukuba ngumculo wabesilisa kusuka mzukwana. Umculi wase-Eswatini uCleopatra Gcinekile Methula ufike wakuguqula konke lokho ngokubalwa nabesifazane abambalwa ezwenikazi ukungena kulo mculo. Uma esengene esteji esezidlubhe zaphelela akulula ukuthi ungamhlukanisa kwabesilisa, ngaphandle kokuthi yena usho ngezwi elipholile . 

Endimeni yomculo uCleopatra waziwa ngelika “Misses Rose”. Wazalwa zingama-29 kuZibandlela we-1993 esifundeni iKudzeni, eMbabane eSwatini. Umculo wakhe ungolimi lwesiNgisi neSiswati. Ngenxa yokuthakaselwa kwakhe nasemazweni angaphandle, sincane isikhathi asichitha kwelamaSwati. Muva nje usanda kuhambela eTexas e-United States of America lapho ayeqokelwe khona kweminye yemiklomelo yabaculi. Ngonyaka wezi-2019 nowezi-2022 wanqoba umklomelo kuleliya lizwe obizwa ngeTexas Sounds International Country Music. Kuyona yonke impumelelo yakhe ubonga unina owadlula emhlabeni eminyakeni eli-12 eyedlule. “Umama wayekholelwa ukuthi nginephimbo elimtoti yingakho kumele ngibe ngumculi, kodwa mina ngangingaboni kanjalo ngoba nganginamahloni ekukhuleni kwami”.

Uthi ayekwenza wayebhala amaculo bese ebhidilisha ezama ukucula. Yingakho namuhla engagcini nje ngokuba ngumculi ovelele kodwa izingoma zakhe uyazibhalela aphinde azididiyele adlale nesiginci. Eqhuba uthi eseyamukele inselelo kanina yokuba ngumculi, inkinga enkulu kwabe sekungukuthi uzocula hlobo luni lomculo. “Langa limbe ngichofoza iselula yami ngazithela phezu kwengoma kaDolly Parton ethi, ‘Wild Flowers’ engangivamise ukuyizwa emsakazweni. Ngangingazi ukuthi iwuhlobo lweCountry Music, ngaqala ngayirekhoda ngayicula,” kuchaza lo mculi namanje osenamahloni yize ezama ukuziqinisa. 

Uthi emuva kokuyiqopha wanikela kunina wamlalelisa yona, namanje uthi usayikhumbula indlela ayejabule ngayo wamluleka ngokuthi kumele acule okanye uMdali uzomphuca lelizwi ambusise ngalo. Enye yezingoma zakhe ethi, “These Memories” ukhumbula ngayo unina futhi uthi yiyo emnika umdlandla wokuqhubeka nokucula. Uyakuthokozela ukuthi umculo wakhe udlalwa ezindaweni angakaze acabange ukuthi ungadlalwa kuzo. Yize ikusasa lakhe emculweni liqhakazile uthi luselukhulu uhambo olumbhekile futhi kuningi okusamele akufunde. 

See Also

Eminyakeni edlule udadewabo omncane naye ongumculi wathatha isinqumo sokuyeka ukuzimela wazosebenzisana naye njengomculi olekelelayo. “Ukuba ngumculi kuzwakala njengento elula, kodwa ukuba ngumculi ozibambela mathupha akulula ngoba mina ngiyazibhalela, ngihlanganise izinsimbi ngiphinde ngidlale nesiginci. ukuba khona kukadadewethu eduze kwami kwenza izinto zibe ncono ngoba kulula ukukhuluma nomuntu okuqonda kahle”. Kuze kube uMisses Rose yimanje usebhale izingoma ezingama-50 eziqoshiwe ezidlalwa kakhulu eziteshini zomsakazo Eswatini nakwamanye amazwe.

Scroll To Top