Now Reading
USimpiwe Vetyeka kulezi zinsuku uzalelwe yinja endlini
Dark Light

USimpiwe Vetyeka kulezi zinsuku uzalelwe yinja endlini

KUBUKEKA simlandela isibhaxu uSimpiwe “V12” Vetyeka njengoba elokhu eqhathwe njalo nosomankomane abashaya kwasani oluphambi kwabo.

IBAYEDE ithole ukuthi mhla ziyisi-6 kuMbasa, uVetyeka uzotholana phezulu noThompson Mokwana empini yebhande elingaphethwe muntu leWorld Boxing Organisation (WBO) Lightweight e-Orient Theatre, e-East London. Iyingxenye yezimpi ezakhe umqhudelwano ohlelwa yiXaba Boxing Promotions.

Ngaphandle kokuthi uMokwana kulezi zinsuku udume ngokushaya isibhakela esiqhwiza umentshisi, okubukeka kuzoqhatha kakhulu uVetyeka nenduku ukuthi kule mpi uzobe elwa okokuqala esisindweni seLightweight. Phambilini ubelwa kweseFeatherweight.

Empeleni kungokwesine eshintsha isisindo njengoba waqala elwa kuBantamweight, wanyukela kuSuper Bantamweight, waya kuFeatherweight njengoba esekuLightyweight. Okunye okubukeka kumphikisa uVetyeka ukuthi uSean Smith ocija uMokwana umazi njengoba ezazi. Okunye ngesikhathi uVetyeka esacijwa uSmith bebeye bangcwekisane noMokwana.

Kumanje uVetyeka ubuyele ekhaya ku-Eyethu Gym kaMzimase Mnguni lapho eqeqeshwa khona nguNcedo Cecane. Okunye okukhathazayo ngalo somankomane wukuthi empini agcine ukuyilwa beliphansi  ngendlela eyisimanga izinga lakhe. Ushaywe nguLerato “Lights Out” Dlamini kusemi final yeGolden Gloves Featherweight Super Four.

Ongoti kwezamankomane sebemgxeke kakhulu uVetyeka ngokunyukela kuLightweight. Bathi okungenani bekumele anyukele kuJunior Lightweight.

Kuthintwa uVetyeka uthe abantu bamane bakhuluma abangakwazi ngokugxeka ukunyukela kwakhe kuLightweight. “Imina owaziyo ukuthi ukulwa kuFeatherweight bese kunginika ziphi izinkinga. Nethimba lami labaqeqeshi ithina esaziyo ukuthi kungani ngiqome ukugxumela kuLightweight,” kubeka uVetyeka.

Mayelana nokuba yincwadi evuliwe kubaqeqeshi bakaMokwana uthe: “Kumele sikuqonde ukuthi njengoba ngike ngangcweka noMokwana ngaphinda ngaqeqeshwa uSmith nami lokho kwenza ukuthi ngibazi lapho benzima khona nalapho bebuthaka khona. Ngiyamhlonipha uMokwana, kulezi zinsuku izinga lakhe liphezulu. Nakuba kunjalo nami ngimdala kulo mdlalo, ngizosebenzisa isipiliyoni sami”.

See Also

USmith uthe namanje usamthanda uVetyeka kodwa mhla ziyisi-6 kuMbasa  konke lokho kuzoshintsha. Lo mqeqeshi ujoyine labo abasole uVetyeka ngokugxumela kuLightweight. “Wenze iphutha ngokuya kuLightweight. Ngike ngamqeqesha, ngiyazi ukuthi umzimba wakhe awukho ezingeni le Lightweight. Kangimboni eyiqeda le mpi, uqhathwe nomuntu onzima kakhulu esisindweni seLightweight,”kubeka uSmith.

UMokwana ugcine ukuvikela iLightweight eshaya uPrince Dlomo empini ebingoMfumfu. Uzakhele ugazi kwabaningi ebukisa ngoMzonke “The Rose of Khayelitsha” Fana ngawo unyaka odlule kubangwa isicoco esifanayo. Ngemuva kwale mpi uFana wamemezela ukuthi uwaxhoma ethala amagilavu. Ezimpini ezingama-35 unqobe ezingama-23 wahlulwa kwezili-11 walwa ngokulingana kweyodwa.

Ngakolunye uhlangothi uVetyeka kwezingama-33 unqobe ezingama-29 wehlulwa kwezine. Phakathi kwamabhande omhlaba aseke wawaphatha yiWorld Boxing Association (WBA) Super World Featherweight, i-International Boxing Organisation (IBO), neWorld Boxing Council (WBC) International Super Bantamweight. Ngowezi-2007 wanyelwa inyoni esandleni ethola ithuba lokulwela ibhande le WBC Bantamweight kodwa wangalibona elidlalayo kuHozumi Hasegawa waseJapan.

Sisekuzo ezithinta amabhande omhlaba, kusasa  eNew York, e-USA, uJose Ramirez uzovikela ibhande le WBO Junior Welterweight ku-Amir Iman. NgeSonto, eKobe, eJapan, uRyuya Yamanaka uzovikela isicoco seWBO Minimumweight kuMoises Callerros waseMexico. EHyogo kulona leliya lizwe, uCarlos Canizales waseVenuezela uzovikela iWBA Light Flyweight kuReiya Konishi wakhona eJapan.

  • mkhizes@ingabadimedia.com
Scroll To Top