Now Reading
Alikho elifuna ukuqhuzuka kwamathathu aphezulu ku-EPL
Dark Light

Alikho elifuna ukuqhuzuka kwamathathu aphezulu ku-EPL

Uyaqhubeka umbango wesicoco se-English Premier League (EPL), njengoba edlala womathathu namuhla amaqembu asemathubeni okuba ngompetha bakule sizini yangowezi-2023/24. 

Amaqembu asembangweni okuba ngompetha bakule sizini  iLiverpool FC, iManchester City ne-Arsenal FC. 

ILiverpool FC iyona ehlezi phezulu ngomehluko wamaphuzu amabili njengoba inamaphuzu angama-67 emva kwemidlalo engama-29. Iqembu elilele endaweni yesibili i-Arsenal FC ngamaphuzu angama-65 kuthi iMan City yona ibe namaphuzu angama-64 nala maqembu adlale imidlalo engama-29. 

I-Arsenal FC izovakashelwa omakoti iLuton Town e-Emirates Stadium lo mdlalo uzoqala ngele-20:30. Emva kokudlala ngokulingana neMan City ngempelasonto iGunners (Arsenal FC) izofuna nakanjani ukunqoba okungenjalo izobe ishabalisa amathuba ayo okuqeda ishobolo lokunqoba iligi.

ILiverpool FC yona izovakashelwa iSheffield United e-Anfield Stadium, yize kubukeka kuwumdlalo ozoba lula eqenjini lasekhaya njengoba lidlala neqembu elisemsileni kodwa lizomele libheke kujwayelekile ukuthi iqembu elisezansi liphazamise eliphezulu. 

Iqembu okuyilo elivikela isicoco iMan City lizobhekana nomkhulu umqansa, njengoba izodlala ne-Aston Villa elwela ukuqeda endaweni yesine ukuze idlale ku-UEFA Champions League ngesizini ezayo. 

See Also

Emva kwale midlalo yanamuhla wonke amaqembu azosalelwa imidlalo eyisi-8. 

Omunye umdlalo okhona namuhla oweBrentford neBrighton Hove & Albion. 

Scroll To Top