Now Reading
IBafana iyaqhubeka nokudlondlobala ngaphansi kukaBroos
Dark Light

IBafana iyaqhubeka nokudlondlobala ngaphansi kukaBroos

IBafana Bafana yenze isiqiniseko sokuthi ibuya ingadliwanga kuchungechunge lwemidlalo emibili yesihle ebiyidlala kwelase-Algeria.

Izolo ebusuku elakuleli libambane ne-Algeria ngama-3/3 eNelson Mandela Stadium kwelase-Algeria emdlalweni obuhlabahlosile.

Ayisithupha amagoli abaselwe enethini kulo mdlalo. Osokhaya i-Algeria yibona abavule inkundla ngomzuzu wamashumi amabili nambili.

I-Algeria ihlakaze umnyakazo weBafana phakathi nenkundla ngemuva kwalokho yabe isihlasela sakuzumisa ngokukhulu ukushesha.

UYaccine Brahimi usebenzise isipiliyoni nobuchule bakhe ephakela ngesinono uYassine Benzia othe lifika onyaweni walicima ngesokudla wabe eselicuphisa ekhoneni ngesinxele kwacwaza inkundla.

IBafana isheshe yaphendula. UThemba Zwane ubuyise amathemba eBafana ngomzuzu wamashumi amathathu nane ebhajisa ezintanjeni elokulinganisa.

Sekuzoyiwa ekhefini lesi sihlabani seMamelodi Sundowns sibeke iBafana phambili. Kuyiwe ekhefini iBafana ihamba phambili ngama-2/1.

IBafana ihuqe ubuthongo uBrahimi wayiphaphamisa ethola elokulinganisa ngomzuzu wamashumi amahlanu nantathu.

See Also

Ngendlela lomdlalo obushesha ngakhona u-Iqraam Rayners uzitholele igoli lakhe lokuqala egqoke imibala yeqembu lesizwe.

Ubeke iBafana phambili okwesibili emdlalweni ngelihle igoli ngomzuzu wamashumi ayisithupha nesithupha.

UBenzia uzitholele elakhe lesibili emdlalweni ngemuva kwemizuzu emine waphinde watholela i-Algeria elokulinganisa.

Umdlalo ugcine uphele ngama-3/3. Kowokuqala iBafana ibambane ne-Andorra ngeli-1/1. Njengamanje iBafana isizobhekana neNigeria ngoNhlangulana kowokuhlungela ukuzibekisela indawo eNdebeni YoMhlaba ezoba se-USA, eMexico naseCanada.

Scroll To Top