Now Reading
Alikho iqembu elizithele ngabandayo kuPrimo Cup
Dark Light

Alikho iqembu elizithele ngabandayo kuPrimo Cup

Kulindeleke ukuthi liyiqukule lizwile indebe iqembu elizoba ngompetha beKZN ABC Motsepe Primo Cup.

Lo mqhudelwano uqale ngeSonto eledlule nalapho amaqembu ali-10 ewashe khona ijezi, kwathi ayisishiyagalombili adlulela esigabeni esilandelayo.

Kulawo maqembu adlulele phambili kukhona uMkhambathi FC ozodlala neMidlands Wanderers FC, uMvoti FC ozobhekana neNjampela FC, iGreen Wood Park (GWP) Friends neSummerfield Dynamos, kube oDrakensberg ezotholana phezulu neMuzi King Masters FC.

Umphetha walo mqhudelwano odlalwa okokuqala kule sizini, uzogoduka nezinkulungwane ezingama-R50, elizolala endaweni yesibili ligoduke nezinkulungwane ezingama-R20 kuthi elizolala kweyesithathi ligoduke nezili-R10. Yonke lemali izobe iyi-Voucher iqembu elizothenga ngalo izinsiza zokudlala kaPrimo.

Okugqamile kule midlalo edlalelwa e-UKZN Edgewood Campus, wonke amaqembu aqinise kakhulu izikwati zawo okuyikho okwenza ishube yonke imidlalo.

Imidlalo izoqala ngehora lesishiyagalolunye ezinkundleni eSJ Smith (eWema Stadium) naseGlebe Stadium. Umdlalo okuzobangwa indawo yesithathu, nowamanqamu izobanjelwa eSJ Smith.

UMvoti FC oqeqeshwa u-Ayanda “Cobra” Dlamini uwashise ijezi uMkhumbane Classic wona oqeqeshwa uDoctor Mkhonza wodumo ekuyiseni amaqembu kweyokuhlungela ukungena kuMotsepe Foundation Championship. UMkhumbane Classic ubuyizimfivilithi.

UMsinga United onqobe iligi ngesizini edlule nawo usheshe waliwasha ijezi ukhishwa iMidlands Wanderers FC

*Khonamanjalo iyasuka iyahlala imidlalo yeDstv Diski Challenge (DDC).

Le ligi enqotshwe iSuperSport United ngesizini edlule, isizini nesizini iveza abadlali abancane abagcina benikezwa ithuba kuDStv Premiership.

See Also

Imidlalo ye-DDC kule mpelasonto iqhathwe kanje: Kusasa:

iStellenbosch neChippa United Idas Valley Sports Ground, Stellenbosch ngele-10:00

iMamelodi Sundowns neSuperSport United eSolomon Mahlangu Stadium, KwaMhlanga ngele-13:00

ISwallows neTS Galaxy Solomon Mahlangu Stadium, KwaMhlanga ngele-15:00.

Scroll To Top