Now Reading
Kuqiniswe isandla ngokhuvethe emqhudelwaneni wezamankomane
Dark Light

Kuqiniswe isandla ngokhuvethe emqhudelwaneni wezamankomane

nguSabelo Maphumulo

Angenile izolo kubio-bubble amabhokisa azoba yingxenye yomqhudelwano ohlelwe iStarline Boxing Promotions. 

Ibio-bubble, okuwuhlelo lokugwema ukutheleleka ngokhuvethe kulabo abazoba yingxenye yalo mqhudelwano, ibanjelwe eRiverside Hotel, eThekwini.

Emasontweni amabili edlule kubhuntshe umqhudelwano wezamankomane ngemizuzu yokugcina obuhlelwa iLudonga Boxing Promotions kaThulani “Nkunzi” Magudulela. Lokho kwenzeke emveni kokuba uMagudulela kanye namabhokisa athize kutholakale ukuthi bahaqwe ukhuvethe.

UMagudulela ugcine edlulile emhlabeni.

UNkk uZandile Malinga ongumnikazi weStarline Boxing  Promotions, uthe lezi zimpi zizokuba kusasa ngoMgqibelo e-APN Hall, eMbilo. Zizoqala ngelesi-6 kusihlwa kanti zizokhonjiswa ngelesi-7 ku-1KZN TV.

UNkk uMalinga ebuzwa ukuthi ukhona ozoba yingxenye yalo mqhudelwano engahloliwe uthe: “Njengoba zingekho izibukeli, senze isiqiniseko sokuthi wonke umuntu ulihlolele leli gciwane. Abantu bahlolelwe ukhuvethe ngoLwesithathu imiphumela inikezwe abakwaBoxing South Africa (BSA) ukuqinisekisa ukuthi wonke umuntu uhlolile.” Uphinde wathi ibio-bubble ingamahora angama-72, okusho ukuthi wonke umuntu okuyona uzophuma ngehora lesi-5 ntambama kusasa eseya lapho okuzobanjelwa khona lo mqhudelwano.

See Also

Zintathu izimpi zesicoco kulo mqhudelwano. Kweyosuku, uSithembiso Maduna waseMnambithi noJeff Magagane waseGoli bazobanga ibhande elingaphethwe umuntu le-ABU Featherweight, ekaGcina Makhoba waseDundee ozovikela iWBF Superflyweight kuThulani Gumede wasePaulpietersburg. Okuyiyo ethathwa njengempi yosuku ngekaNkululeko “Bulldog” Mhlongo waseShowe ozovikela ibhande lakhe leMiddleweight kuJohn Bopape waseGoli.

UNkk uMalinga uthe kubuhlungu ukuthi benze lezi zimpi ekubeni umoya wabo usaphukile, njengoba ngeledlule kade befihla uMagudulela nathi uncele lukhulu kuyena.

Scroll To Top