Now Reading
UWilliams uphonsele iBafana inselelo yokubamba umgqigqo we-Afcon
Dark Light

UWilliams uphonsele iBafana inselelo yokubamba umgqigqo we-Afcon

Ukaputeni weBafana Bafana uRonwen Williams ushumayela ivangeli lokubamba umgqigqo wokuthola imiphumela emihle.

INingizimu Afrika isanda kwenza ezibukwayo ku-Africa Cup of Nations (Afcon) ebibanjelwe kwelase-Ivory Coast ngenyanga edlule.

Elakuleli liqede endaweni yesithathu ku-Afcon lase libuya nendondo yethusi.

UWilliams usedonse ozakwabo ngendlebe ukuthi bengabe besawudedela umgigqo ukuze bengeke belahlekelwe ugazi.

“Uthando nokwesekwa yinto esingakwazi ukuyiziba noma ukuyibalekela ikakhulukazi abathandi bezemidlalo ekhaya eNingizimu Afrika. Uthando nokwesekwa ngale ndlela siyakuthakasela. Kudala sikhala ngokungasekwa. Imiphumela emihle iyona esisidonsele ugazi. Bekumqoka ukuthi sibambisane ukuthola imiphumela emihle. Sikwenzile lokho ku-Africa Cup of Nations (Afcon) futhi imiphumela yakhona isiyabonakala. Siyethemba lokho kuzoqhubeka,” kuchaza uWilliams.

Namuhla ngele-11 ebusuku, iBafana izodudulana ne-Algeria emdlalweni wesihle e-19 May Stadium.

“Iqembu liyadlondlobala kule minyaka emibili eyedlule. Sisadliwe imidlalo emihlanu kuphela kule minyaka emidlalweni engamashumi amathathu nambili. Sesiphenduke umndeni njengeqembu. Nebhola esilidlalayo manje liyaheha. Yebo, abantu kubathathe isikhathi ukukholelwa kithina kodwa nathi sakhombisa nge-Afcon ukuthi akuyona inhlanhla ukuthi sisadliwe imidlalo emincane kangaka,” kuqhuba uWilliams.

Ngeledlule iBafana ibambane ngeli-1 ne-Andorra emdlalweni wesihle khona kwelase-Algeria.

“Kule midlalo emibili eyedlule senze umsebenzi oncomekayo. Sishaye amaqembu noma amazwe athathwa njengamakhulu. La mazwe siwahlule ekuhambeni. Iqembu liqine kakhulu manje ngokomqondo ngenxa yale miphumela. Asisazithathe njengezwe elincane noma elinganakiwe. Ngonyaka ofile sike savakashela i-Ivory Coast safika senza kahle. Ngijabule ngendlela iqembu elikhula ngayo,” kulandisa uWilliams.

See Also

IBafana ike yehlelwa yizinga ngendlela eyisimanga.

“Osekumqoka njengamanje ukubamba umgqigqo njengoba senza. Sizama ukwenza kangcono njengeqembu ukuze siqhubeke sidlondlobale,” kubeka uWilliams.

Umphumela weBafana ne-Andorra ushiye uWilliams edumele.

“Sisale sidumele njengeqembu ngomphumela esiwuthole ku-Andorra. Izwe engicabanga ukuthi besingalidla. Leli bekuyiqembu elihluke kakhulu uma uliqhathanisa neqembu ebesigadla ngalo kule minyaka emibili eyedlule. Njengamanje sinenqwaba yabadlali abasha. Okuhle wukuthi asizange sidliwe. Umqeqeshi (uHugo Broos) uzibophezelile ekutheni uzonika abadlali abasha amathuba. Into esiphoxile wukuthi asizange siwunqobe umdlalo. Sakhe inqwaba yamathuba. Umdlalo wakusasa (namuhla) mkhulu kakhulu. Siyaqonda ukuthi sidlala neqembu elinomqeqeshi omusha nabadlali abasha. Sizimisele ngokuzikhombisa ukuthi kungani siqede endaweni yesithathu ku-Afcon.” kuphetha uWilliams.

Scroll To Top