Now Reading
UMtolo welula isandla ku-IFP kwelikaMthaniya
Dark Light

UMtolo welula isandla ku-IFP kwelikaMthaniya

I-ANC KwaZulu-Natal isibhalele incwadi uMengameli we-IFP uMnu uVelenkosini Hlabisa ngenhloso yokuhlela izingxoxo zokubonisana ezingaholela ekudaleni ukuthula kuphele nokubhekana ngeziqu zamehlo. Lokhu kuqinisekiswe uNobhala we-ANC esifundazweni uMnu uBheki Mtolo esithangamini sabezindaba lapho leli qembu beliphawula ngesigameko  sangempelasonto KwaCeza. 

Sisengundabamlonyeni kwabezindaba nasezinkundleni zokuxhumana isenzo sikaSihlalo waleli qembu esifundazweni uMnu uSiboniso Duma ngokuhlwitha umbhobho uNdunankulu kaZulu uMfu uThulasizwe Buthelezi phambi kwezihlwele nezitatanyiswa emcimbini we-110 wokukhunjulwa kweSilo uDinuzulu. Lokhu kwenzeke ngesikhathi uButhelezi eqeda ukugagula igama likaMtolo nkulumweni yakhe. Kugcine kungazwakalanga ukuthi uButhelezi ubezoqhubeka athini. UMtolo uthe kusekhona okusengenziwa ukudala ukuthula phakathi kwalamaqembu KwaZulu-Natal.

Isigameko esithinta uDuma noButhelezi sithathwe njengesibukela phansi isikhundla sikaNdunankulu kaZulu okungumuntu osuke ekhonjwe iSilo. UButhelezi ukhonjwe iNdlulamithi kulesi sikhundla emuva kokusithela kukamntwana wakwaPhindangene obebambe lesikhundla. ngaphambi kwesithangami sabezindaba uMtolo ubesevele ekubeke kwacaca ukuthi uhulumeni awusishayi mkhuba isikhundla sikaNdunankulu kaZulu. UMtolo uphinde washayelela isipikili lapho ethi ngesikhathi eseyiMeya eKokstad ube nethuba lokuhambela imikhosi emithathu yokusoka lapho uNdunankulu kaZulu esuke engekho khona. “Isikhundla sikaNdunankulu kaZulu asikho kuMthethosisekelo waseNingizimu Afrika nakuzishayamthetho”.

“UNdunankulu akekho ezingeni elifanayo neSilo,”. Uthe indlela aziphathe ngayo uDuma iyancomeka ngoba ugweme ukuchitheka kwegazi. Naphezu kokukhuluma kanje evuna uSihlalo we-ANC uMtolo ubuye wazwakala njengomuntu oziphiksayo lapho esethi bazohlanganisa ithimba elizoya endlunkulu liyoshweleza eSilweni ngechilo emcimbini wokukhunjulwa kweSilo uDinuzulu. Ukugcizelele ukuthi uDuma usezendlalile kuSilo, abaholi bomdabu nakumengameli. Ukhwele wadilika kuButhelezi ngokusebenzisa budedengu isikhundla sakhe sikaNdunankulu kaZulu.

See Also

Isithangami sabezindaba se-ANC besilandela esibanjwe izinduna ngoLwesibili lapho bezicacisa khona ngokuthi zimiphi ngalesi sigameko. INduna uMnu uSipho Mhlongo uthe noma ngabe osopolitiki bakuliphi izinga ukuhlonipha kuhamba phambili. “Usemkhulu umsebenzi okusamele siwenze, iSilo singaphezu kombusazwe,” kucacisa uMhlongo.

Scroll To Top