Now Reading
Ngabe kuseyikho: Ilungelo lokuhlala ebumnyameni nangaphandle kwamanzi 
Dark Light

Ngabe kuseyikho: Ilungelo lokuhlala ebumnyameni nangaphandle kwamanzi 

Sekuphele iminyaka engama-64 uhulumeni wobandlululo wacoboshisa ngenganono abantu ababephikisana nomthetho wokuphathwa kwamapasi eSharpeville nakwaLanga okwagcina ngokuthi kuvukuzeke abantu nakwezinye izingxenye zezwe ababemelene nesenzo sabacindezeli.

Lesi siga esaqoshwa emlandweni womhlaba sethiwa ngeSharpeville Massacre okuze kube yinamuhla izibazi zazo zisekhona. Minyaka yonke iNingizimu Afrika igubha lolu suku ngokukhumbula labo abasala enkundleni, abaphenduka izinkubela nabaphazamiseka emiqondweni ngesihluku abadlula kuso. Emuva kokuthola inkululeko ngowe-1994 usuku lwesibhicongo saseSharpeville lwaguqulwa lwabizwa ngoSuku Lwamalungelo Abantu, iHuman Rights Day lwahlonzwa njengeholidi ngowayenguMengameli wokuqala uMnu uNelson Mandela. Ngalolu suku kuphinde kukhunjulwe abantu abangama-35 ababulawa amaphoyisa obandlululo  

Imigubho emikhulu yalolu suku ngokuvamile isingathwa nguhulumeni wezwe kepha namaqembu ezepolitiki njengePan Africanist Congress of Azania (PAC) ayayibamba eyawo kwazise yilo leli qembu elalisekhaleni lalo mkhankaso nomholi walo uSolwazi uRobert Mangaliso Sobukwe. Eminyakeni engama-30 yenkululeko lolu suku lugujwa ngaphansi kwesimo esinzima lapho umzabalazo waboHlanga kubukeka usaqhubeka yize izwe selingaphansi kolawulo labo. Nonyala iNingizimu Afrika igubha lolu ngaphansi kwefu elimnyama ngenxa yokunqanyulwa kukagesi osekuthathe iminyaka, ukunqanyulwa kokuthunyelwa kwamanzi nobugebengu obudla lubi, ukuhlaliswa ezindaweni ezibehlisa isithunzi, nokwehluleka ukuqhubeka nemfundo ngenxa yokweswela imali.

Lezi ngezinye zezinto eziyiziyidingongqangi futhi eziqukethwe kuMqulu Wamalungelo Abantu kodwa abazizwa zingakagcwalisekwa. Umbuzo omkhulu ngothi yini ngempela ezobhiyozelwa yisizwe uma kusenje. Yini zoshiwo ngabaphathi bezwe nosopolitiki entsha kubantu ekubeni bazi kahle ukuthi kule minyaka kube kukhulu ukushaywa ngemfe iphindiwe kwabantu. Udaba lomhlaba olungena ngaphansi kwelungelo lokuhlonipheka komuntu namanje liseyiva elingabanguleki. Umgubho walo nyaka unesiqubulo esithi, “Iminyaka engama-30 Yenhlonipho Yokuthuthukiswa Kwamalungelo Abantu” UMengameli uCyril Ramaphosa uzokwethula inkulumo yosuku ezinkundleni zemidlalo iGeorge Thabe eSharpeville.

Nezifundazwe noMasipala kuhlelwe ukuba babe nezikhumbuzo ezihlukahlukene ngalolu suku. Imigubho yalo nyaka yehlukile kweminingi njengoba esikhathini esiyizinyanga ezimbili kuzobanja ukhetho zweni. Kungenzeka abezepolitiki basebnzise lo mgubho ukukhankasa nokushayelela isipikili ngethembiso zokhetho. Khona ukuthi kulokhu umcimbi omkhulu ukhonjwe eSharpeville kusho lukhulu ngesingakulindela njengesizwe ohlangothini lwemikhankaso. Minyaka yonke kukhulunywa ngamalungelo kubantu kodwa kusekukhulu ukukhuluma ngokungalingani uma kuziwa ezinkantolo nasemacaleni ngelungelo lokulingana. Kukhona ukukhuluma okuthi abanotho nomntakabani bayaphunyula emacaleni abucayi abasuke bebhekene nawo ngenxa yokuthi kuhama phambili imali, kuthi abadonsa kanzima baphelele kube yibo abagcwele emajele.

See Also

Sikhuluma nje eNingizimu Afrika kusenabafundi abasawela imifula, abasebenzisa izindlu zangasese eziyimigodi, abanye bahamba amabanga amade ukuze bafinyelele ezikoleni ngenxa yokuthi izikole azanele nengqalasizinda ayikho. Kuleli sonto uMphathiswa Wezemfuno e-Eastern Cape uMnu uFundile Gade uthe bazoqeda ngamathoyilethi ayimigodi ezikoleni. Kungani uGade abone isidingo sokwenza lokhu manxa sekusondele ukhetho. Mingaki imiphefumulo yezingane esilahlekile ezikoleni kulesi sifundazwe ngenxa yalolu hlobo lwamathoyilethi. Inkulumo kaGade ngabe iyadinga ukuthathela phezulu? 

INhlangano yabahlali Basemjondolo ithi alukho engathi ingalubhiyozela ngalolu suku ngoba abantu basahlala emijondolo nasezindaweni zesikhashana ezibizwa ngo”Lindela” ngethemba lokuthi bazokakhela izindlu. UMnu uSbu Zikode onguMengameli wale nhlangano uthe kuyichilo ukuthi eminyakeni engama-30 impilo yabantu isekulesi simo. Ilungelo lokunakekelwa ngezemilo nlokuhlinzekwa ngamanzi kudala laphucwa abantu. Leli phephandaba selibhala kaningi ngosizi olubhekene naboHlanga kusuka eMnambithi, oGwini, eThekwini esifundazeni iMpumalanga, muva nje le nkinga ihlasele esifundazweni iGauteng. Akukhona konke okukhalisayo kukhona okubambekayo uhulumeni osukuzuzile okudinga ukubhiyozelwa ngalolu suku.

Scroll To Top