Now Reading
Imarathoni eyibhulambethe leComrades eHarry Gwala
Dark Light

Imarathoni eyibhulambethe leComrades eHarry Gwala

Umjaho iHarry Gwala District Marathon yakulo nyaka uzobalekelela kakhulu abagijimi abazobe beyingxenye yeComrades Marathon, kwazise le mijaho yomubili izobe inyuka. 

IHarry Gwala District Marathon izokuba mhla zingama-31 kwephezulu izosukela e-Ibisi Police Station eMzimkhulu inyukela ize iyosongwa e-Ixopo High School eXopo.

Ukwethuwa kwalo mjaho bekungoLwesihlanu eMzimkhulu, nobekukhona izimeya ezingaphansi kwesifunda iHarry Gwala noSteve Mkasi onguMengameli weKwaZulu-Natal Athletics (KZNA). 

“Silindele ukuthi abagijimi abanamagama bazibandakanye kulo mjaho kwazise uyenyukela, neComrades Marathon nayo izokube yenyukela. Ngalokho bazosizakala kakhulu abagijimi ukuthi bazilolonga ngeHarry Gwala District Marathon, okuhle ngayo ukuthi izintaba zakhona ziwumqansa omkhulu ngaphezulu kweComrades,” kusho uZamo Nxumalo oyiMeya yaseHarry Gwala. 

Lona unyaka wesi-9 uba khona lo mjaho, yize uke waphazamiseka ukufika kokhuvethe. 

“Lo mjaho siwuhlelele ukuthi abasubathi bakwazi ukwenza izikhathi zokubamba iqhaza kuComrades. Nonyaka besihlose ukukhuphula izinqwele zika-42km zigoduke nezinkulungwane ezingama-R70 kodwa sabuye sashintsha umqondo. Kodwa sibe  sinyusa imali yanyakenye ngezinkulungwane ezinhlanu, kusho ukuthi abanqobile bazogoduka nezinkulungwane ezingama-R55. Ngonyaka ozayo sizophinde siyinyuse imali kulabo abazonqoba” kubeka uNxumalo. 

Ozolala endaweni yesibili ku-42km uzohamba enezinkulungwane ezingama-R30 bese ophume kweyesibili agoduke nezinkulungwane ezingama-R20. 

Ebangeni lika-21km ozoshaya intambo kuqala uzogoduka nezinkulungwane ezili-R10 olele endaweni yesibili agodukenezinkulungwaneeziyisi-R7 kweyesithathu eziyisi-R6.

See Also

Likhona nebanga lika-10km ozonqoba khona uzothola izinkungwane ezi-R5, olele isibili ezi-R3 kweyesithathu ezimbili.

“Asibashiyanga ngaphandle abasubathi bendawo njengoba ozoqeda kuqala umjaho uzohlomula nezinkulungwane ezi-R5, olale endaweni yesibili athole izinkulungwane ezintathu kuthi ophume isithathu athole ezimbili. Nasebangeni lika-21km nelika-10km nakhona kukhona abazokuthola. Siyabonga kubo bonke abalula isandla ekuthenini uhlezi uba khona lo mjaho, abafisa ukulula isandla kakhulukazi osomabhizinisi bendawo iminyango ivulekile. Lo mjaho ulima enkulu indima ekutheni umnotho wendawo uthuthuke” kubeka uNxumalo. 

Nyakenye ebangeni lika-42km kwabesilisa kwanqoba uJobo Khatoane (2:16:47) kwabesifazane uZinhle Shabalala (2:46:13), kwelika-21km u-Ayanda Ngcobo (1:02:00) noJenet Mbhele (1:10:31). Ebangeni lika-10km uSibusiso Kubheka (28:09) noMolutubete Makatisi (34:21). 

Scroll To Top