Now Reading
IZimbabwe izothenga ummbila emazweni ukugwema inkemane ezweni
Dark Light

IZimbabwe izothenga ummbila emazweni ukugwema inkemane ezweni

Iziphathimandla zaseZimbabwe zithi ilizwe lizothenga ummbila okhulisiwe kulo nyaka njengoba leliya lizwe eliseningizimu yezwekazi seliqala ukuthatha izinyathelo zokubhekana nesimo sendlala esishubile.

IZimbabwe ibhekene nengwadla yesomiso engakaze ibonwe osekuholele ekutheni isivuno sommbila sowezi-2023/2024 siqedwe ngokuphelele.

Nanxa iZimbabwe ingelinye lamazwe e-Afrika asenqabele ukulinywa kumbe ukuthengisa izilimo ezingakhulanga ngokwemvelo, abanye abameli bacele uHulumeni  ukuthi abukisise ukulinywa kwalezi zilimo ngenxa yesomiso esihlala sikhona kanye nezinye izimo ezihambelana nokuguquka kwesimo sezulu.

Isivuno sommbila salo nyaka kulindeleke ukuthi sehle ngaphezu kwengxenye kule sizini; okuzophoqa iziphathimandla ukuthi zithembele ekuthengeni kwamanye amazwe ukuze kukhokhelwe lesi sikweletu.

See Also

UNgqongqoshe Wezolimo eZimbabwe u-Anxious Masuku unabe ngalolu daba ngokuthi, “Isimo sokuvikeleka kokudla kusukela ngoMbasa wezi-2024 kuya kuNdasa wezi-2025 yilokhu esakudingida ngakho futhi sathi (izinkampani ezizimele) kumele ziqhubeke nokuthenga kwamanye amazwe futhi zizoqhubeka nokungenisa ummbila ukuze abantu bathole ukudla futhi siphinde sasho ukuthi uma befisa ukuletha ummbila ongatshalwanga ngokwemvelo, bangakwenza lokho.”

Scroll To Top