Now Reading
Luyanda usizi kowesilisa othi wagilwa amaphoyisa endawo
Dark Light

Luyanda usizi kowesilisa othi wagilwa amaphoyisa endawo

OWESILISA waseNewcastle othi wabhecwa ngobende inyama engayidlanga ngamaphoyisa akule ndawo aveza isithombe sakhe ohlwini lwezigebengu ngamacala angawazi uthi ushaqekile esenikwa incwadi embizela enkantolo ngento angayazi. Udaba lukaMnu uKhanyisani Ntombela oneminyaka yobudala engama-28 lwabikwa iBAYEDE emasontweni amabili edlule lapho ayekhala khona ngokugilwa isilo sengubo ngamaphoyisa aseNewcastle. UNtombela uthi wafonelwa ngabantu bemtshela ukuthi isithombe sakhe sichonywe ohlwini lwezigebengu ezifunwa uthuli ngamaphoyisa aseNewcastle ngamacala ehlukene.

Uthi emuva kokukhishwa kodaba lwakhe kuleli phephandaba ubizwe ngumphenyi wecala wamchazela ukuthi kumele ayovela enkantolo zingama-25 kuMasingana wezi- 2019. Uthi esashaqwe yilokhu iphoyisa libe selimtshela ukuthi ubhekene necala lokushushumbisa amaCD omculo angekho emthethweni. UNtombela uthi okumehlele uyokuxoxela amagwababa echobana ngoba akakhumbuli nangelilodwa ilanga ebanjwa nama CD angekho emthethweni. Kukhulunywa nomphenyi wecala ocele ukuba angavezwa ngenxa yokuthi akagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba uthe uvumile ukuthi uxhumene noNtombela wamyalela ukuba avele enkantolo ngaleli cala.

Leli phoyisa lithe” “mhla zingama-21 kuZibandlela wezi -2015 uMnu uNtombela wabonakala ephethe amaCD angekho emthethweni okwathi uma amaphoyisa ezama ukumumisa wacela empunzini amaphoyisa angamthola.” Leli phoyisa lithe alinalwazi lokuthi icala lavulwa kanjani kodwa libone selinikwa lona ukuba liliphenye zili-12 kuMfumfu nonyaka. L eli phoyisa lithe alazi nokuthi isithombe sikaNtombela savela kanjani ohlwini lwezigebengu ezithungathwa amaphoyisa ngoba nedokodo alikuvezi ukuthi kukhona lapho eke wafunwa khona amaphoyisa wangatholwa. “Mina angazi lutho nginikwe leli cala kule nyanga esikuyo,” kuchaza leli phoyisa. Ngesikhathi iBAYEDE ikhuluma noNtombela ekuqaleni akakufihlanga ukuthi wake waboshwa ngecala lokushaya kodwa lathethwa ladlula. Uthe usola ukuthi amaphoyisa asebenzise imininingwane yakhe yecala lokushaya ayelenze ngowezi-2014.

See Also

UNtombela uthi amaphoyisa abeqala ukuxhumana naye njengoba esebizelwa enkantolo ngoba wabona ngesithombe sakhe sesifakwe ohlwini lwezigebengu engazi noma eseya enkantolo wangangena nasebhokisini lofakazi ngoba kwatholakala ukuthi idokodo alikho necala okuthiwa ubhekene nalo alaziwa. “Sengisaba ngisho ukuhamba kuleli dolobha ngoba abantu uma bengibuka bazibonela isigebengu nomuntu obefuna ukungiqasha useshintshe umqondo ngoba ethi akakwazi ukusebenza nomuntu ongathembekile,” kusho le nsizwa eziphilisa ngokukhanda amakhompyutha. Uthi namanje bekumele aboshwe uma kuwukuthi unecala kodwa esikhundleni salokho ubizelwa enkantolo engabekiwe icala.

Scroll To Top